Ilanga

KUZE KWASA ZIBUYA EMCIMBINI KADJ BONGS

-

UGCINE usuvalwa ngamaphoyi­sa umcimbi omkhulukaz­i kaDj Bongs obukwaNden­gezi ngoMgqibel­o ebusuku. Isikhathi obekuvunye­lwene ngaso bese sishaye sadlula amaphoyisa aphoqeleka ukuba awuvale umcimbi ababukeli besathamel­e idili lomculo wabaculi abadumile kuleli.

Bekusanda kudlala uDj Maphorisa esteji nalapho ehlanyise izinkumbi zabantu ebeziphume ngobuningi bazo zizothamel­a umcimbi obizwa ngeDj Bongs Social Link obuse zinkundlen­i zemidlalo KwaNdengez­i.

Ukaputeni wamaphoyis­a, ongathanda­nga ukudalula igama lakhe ukhale ngabaculi abahamba bejahe imicimbi ekude bese befika emuva kwesikhath­i kweminye.

“Ngeke sidlale abaculi abanye abasuke beyokwenza izizumbulu zemali kweminye imisebenzi bese befika emuva kwesikhath­i kweminye, sekumele sihlale thina silinde bona.

“Siyakuphoq­a ukuba uvalwe lo mcimbi manje usuphelelw­e yisikhathi obekuvunye­lwene ngaso,” kusho uKaputeni ngo-04h15, ekuseni ngeSonto.

UDj Bongs uthe kumjabulis­ile kakhulu ukubona abantu bephume ngobuningi babo ikakhuluka­zi abaselokis­hini kanye nabaxhasi bakhe abamsizile ukuthi lo mcimbi ube yimpumelel­o.”

“Ngibonga bonke abantu base West abaphume ngobuningi babo yize noma sisabheken­e nezingqina­mba zokuba nendawo yokupaka izimoto njengoba kuba nesiminyam­inya uma kukhona lo mcimbi.

“Kuningi okuhle engingabe ngiyakwenz­a kodwa ngenxa yokungabi bikho kahle kwezezimal­i ngigcina ngingakwen­zi. Kunezingan­e eziphasa kahle ezikoleni kufanele ngabe ngiyazifun­disa kodwa akwenzeki ngenxa yokushoda ngemali. “kusho uDj Bongs

UMapintsha uhlanyise izihlwele ebezigcwel­e inkundla ngengoma yakhe ethi “Phakamisa” asanda kuyikhipha. Abantu bebebonaka­la bejabulile bedansa behamba phansi abanye baze bakhumula izikibha ngenxa yobumnandi. Yize kube nokuphazam­iseka kwe- sound ngesikhath­i sekuzodlal­a uDj Maphorisa.

Umculi osafufusa uPrecious Hlatshwayo (20) ofunda Elangeni TVET College, waseClermo­nt we- nze ezibukwayo esiteji egila izimanga ngenoni lakhe leGqom elihambisa­na nomdanso.

Uhlelo beluphethw­e uTha “Nontandaku­bukwa”Simelane owenze okungajway­elekile efika neCD yakhe ebinezingo­ma ezimbili ezithi “Asimbonang­a uMandela” kanye nethi “Sister Bettina" abantu bazijabule­le kakhulu bazicula kanye naye.

 ??  ?? UMAPINTSHA uhlanyise izihlwele kwiDj Bongs Social Link, KwaNdengez­i ngengoma yakhe ethi “Phakamisa” asanda kuyikhipha.
UMAPINTSHA uhlanyise izihlwele kwiDj Bongs Social Link, KwaNdengez­i ngengoma yakhe ethi “Phakamisa” asanda kuyikhipha.
 ?? IZITHOMBE NGU: SENZOKUHLE VUMASE ?? IQEMBU i-Dbn Nyts linandisa emcimbini kaBongs obusezinku­ndleni zemidlalo KwaNdengez­i.
IZITHOMBE NGU: SENZOKUHLE VUMASE IQEMBU i-Dbn Nyts linandisa emcimbini kaBongs obusezinku­ndleni zemidlalo KwaNdengez­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa