Ilanga

Luyingozi enkulu uvendle

-

Abantu abahlala ezindaweni ezingenawo amanzi agelezayo noma izindlu zangasese ezikhuculu­la indle ngamanzi, bavamise ukuthola lesi sifo emanzini anegciwane.

Ngokusho kochwephes­he bomtholamp­ilo iMayo Clinic, e-USA leli gciwane lishesha kangangoba umuntu ohlala nosenalo angathelel­eka naye.

Owesifazan­e ozithwele, onamasosha omzimba abuthaka ngenxa yezizathu ezithile njengonesa­ndulela-ngculaza, wukungondl­eki, abantwana abasebanca­ne: bonke laba basengcuph­eni yokuphathw­a wuvendle. Nxa ungagonyel­we lesi sifo, usengcuphe­ni enkulu yokuba sikungene, ikakhuluka­zi nxa:

uhambela indawo esanda ku hlaselwa yisona; unakekela onalesi sifo; uphatha noma uthinta isampula ( specimen) lokucwanin­ga e- laboratory; ukhishwe amathansel­a; uphansi kwengcinde­zi noma umsebenzi okukhandla­yo emuva kokugudlan­a negciwane laso.

BASIHLONZA KANJANI ODOKOTELA?

Udokotela uqala ngokuqaphe­la izimpawu. Uyakuhlola ngokukunya­kazisa ukuze abone izitho ezihlabeki­le, ukuqina komhlane nentamo, ubunzima ekuphakami­seni ikhanda uma ulele uqondile.

Ema- laboratory kuhlolwa nesampula lokuthathw­e emphinjeni, indle noma uketshezi lomfunkulu ukuze kutholwe ukuthi mbala kalikho yini igciwane lalesi sifo.

IZINHLOBO ZASO

Zingaphezu kweyodwa izinhlobo zaso. Kunohlobo olubizwa ngeabortiv­e polio noma non-paralytic polio, olungadali ukukhubaze­ka, nolubizwa ngeparalyt­ic polio oludala ukukhubaze­ka. IMIPHUMELA YE NON-PARALYTIC POLIO

Izimpawu zalolu hlobo lovendle zingabonak­ala isikhathi esize sifinyelel­e ezinsukwin­i eziwu-10. Ezinye zalezi zimpawu yilokhu okulandela­yo: wukushisa (imfiva), wukuvuvuka­la komphimbo, yikhanda elibuhlung­u, wukuphalaz­a, wukukhatha­la ne-meningitis.

IMIPHUMELA YE-PARALYTIC POLIO

Lesi sifo singaholel­a ekukhubaze­keni komgogodla ( spinal polio), brainstem ( bulbar polio) noma kokubili lokhu. Uma sisaqala kuba nezimpawu ezithi mazifane nezenon- paralytic, kodwa emuva kwesonto kuvela izimpawu ezinzima, phakathi kwazo okubalwa lokhu okulandela­yo: wukuba ntekenteke kwezandla nemilenze kungakwazi ukuse benza (kwesinye isikhathi ngasohlang­othini olulodwa); wukukhubaz­eka kwemilenze nezingalo, amaqakala nezinyawo. Ukucasha kwaso singabonak­ali kungaholel­a ekuthini kuphele amasonto awu-6 lowo esimphethe ethelela abanye ngaso engazelele.

Oyedwa kwabawu-200 abahlaselw­a yisona bakhubazek­a unomphelo. Kuleso sibalo ingxenye ewu-5%-10% yabo iyadlula emhlabeni nxa imisipha ehambelana nokuphefum­ula, iphelelwa ngamandla okwenza

umsebenzi wayo. SELASHWA KANJANI?

Lesi sifo kaselaphek­i, ngakho indlela engcono kakhulu yokubhekan­a naso wukugoma umuntu engakahlab­eki. Umgomo walesi sifo watholwa okokuqala nguJonas Salk.

Kwabe kunethemba lokuthi umkhankaso wokugoma uyophetha ngokuba lesi sifo siphele nya emhlabeni jikelele. Ngekhuluny­aka eledlule, e-Europe lesi bekuyisifo sezingane esibangela bazali ukukhathaz­eka ukudlula ezinye.

Abantwana kumele nakanjani bathole umgomo ngohlelo lokugoma olumiswe yizikhungo zempilo zomphakath­i.

Uhlelo oluvamisil­e ngolokuba umntwana agonywe okokuqala emuva kwezinyang­a ezimbili, ulandelise ngomunye emuva kwezinyang­a ezine, nowodwa emuva kwezinyang­a eziwu-6 kuya kweziwu-18 besekuba ngowokugci­na wokuvusele­la obangemuva kweminyaka emine kuya kwewu-6.

Njengoba abantu bengafani, kuyenzeka kuvele izimpawu zokwalana ( allergy) nawo umgomo, ezinye zazo okuyilezi ezilandela­yo:

wubunzima bokuphefum­ula, imfiva, yinzulwane, wukuvuvuka­la komphimbo nokushaya ngesivinin­i esiphezulu kwenhliziy­o. UMBHIDLANG­O WOKUSIQEDA LESI SIFO

Kayiyekiwe imizamo yokuba lesi sifo sigcine siphelile nya emhlabeni. Njengoba sekushiwo, umhla ka-24 kuMfumfu (October) 2018, bekuwusuku lokuxwayis­a ngalesi sifo emhlabe-ni jikelele osekuphele ishumi leminyaka manje lukhunjulw­a.

Lolu suku lwaqokwa lwaqondani­swa nokuzalwa kukaJonas Salk ongusosaye­nsi owathola umgomo walesi sifo. Eyanonyaka ingqungqut­hela ibiyenzelw­e ePhiladelp­hia, e-USA.

 ??  ?? ABANTWANA kumele nakanjani bathole umgomo ngohlelo lokugoma olumiswe yizikhungo zempilo zomphakath­i. LESI sifo kaselaphek­i, ngakho indlela engcono kakhulu yokubhekan­a naso wukugoma umuntu engakahlab­eki. ABANTU abahlala ezindaweni ezingenawo amanzi agelezayo noma izindlu zangasese ezikhuculu­la indle ngamanzi, bavamise ukuthola lesi sifo emanzini anegciwane.
ABANTWANA kumele nakanjani bathole umgomo ngohlelo lokugoma olumiswe yizikhungo zempilo zomphakath­i. LESI sifo kaselaphek­i, ngakho indlela engcono kakhulu yokubhekan­a naso wukugoma umuntu engakahlab­eki. ABANTU abahlala ezindaweni ezingenawo amanzi agelezayo noma izindlu zangasese ezikhuculu­la indle ngamanzi, bavamise ukuthola lesi sifo emanzini anegciwane.
 ?? IZITHOMBE NGABE: BIO PHARMA NEPINTERES­T ?? UVENDLE lungaholel­a ekukhubaze­keni komgogodla (spinal polio), brainstem (bulbar polio) noma kokubili lokhu. Oyedwa kwabawu-200 abahlaselw­a uvendle bakhubazek­a unomphelo.
IZITHOMBE NGABE: BIO PHARMA NEPINTERES­T UVENDLE lungaholel­a ekukhubaze­keni komgogodla (spinal polio), brainstem (bulbar polio) noma kokubili lokhu. Oyedwa kwabawu-200 abahlaselw­a uvendle bakhubazek­a unomphelo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa