Ilanga

IZINHLOBO ZOBUNIKAZI-BHIZINISI ENINGIZIMU AFRIKA

- IBHIZINISI LOMNIKAZI OYEDWA UBUNIKAZI NGOKUBAMBI­SANA INKAMPANI YESIGABA 53 SOMTHETHO WEZINKAMPA­NI *Ngeminye imininingw­ane, thinta abakwa: Artwell and Associates cc kwethi 074 695 3509 noma i-email ethi: artwelland associates.co.za

IZINTO okumele uzibheke uma ufuna ukubona ukuthi yiluphi uhlobo lwebhizini­si ofuna ukulibhali­sa, zimbandaka­nya phakathi kokunye lokhu okulandela­yo:

yimali ephuma kumnikazi noma abanikazi bebhizinis­i;

indlela nezinga lokuboleka (phela ukuqumba kwephaketh­e noma ukuzinza kwezemali kwa banikazi balelo bhizinisi yikho na okukulekel­elayo ekuklameni umkhomband­lela wokuthi hlobo luni lokutshele­kwa kwemali futhi kube yimalini ezofakwa ukulisusa phansi ibhizinisi);

isibalo sababambis­ene kulelo bhizinisi, nobungako beqhaza azolibamba lowo nalowo kubanikazi;

uhlobo nobungako bebhizinis­i qobo lwalo;

ukuzimisel­a ukuthatha ingxenye yobunikazi balowo odlulile emhlabeni;

isidingo sokubeka imikhawulo maqondana nokulahlek­elwa komnikazi siqu uma ibhizinisi thandeka.ngobese@ilanganews. co.za lingena ezinkingen­i. IZINHLOBO ZAMABHIZIN­ISI Lolu wuhlobo lwebhizini­si olulula ukuluqhuba. Okudingeka­yo lapha wukuba umuntu qobo kube nguyena oqhuba ibhizinisi ngegama lakhe.

Kakudingek­i micikilish­o ukuba liqalwe, okudingeka­yo wukuba oliqalayo athole ilayisense yokuhweba noma imvume ukuze lisungulwe (ngokuvamil­e okuba ngelikamas­ipala wendawo).

Njalo ngonyaka ungqongqos­he unquma imidiyo yokubhalis­a. Kunobuhle ekubhalisw­eni kwebhizini­si lomuntu oyedwa, okumbandak­anya ukuthi kulula ukulibhali­sa, akukho muntu onezabelo zobunikazi noma ibhodi labaqondis­i okumele ohwebayo abike kulona futhi yonke imali nemihlomul­o kuya ngqo kuyena.

Izithiyo zimbandaka­nya phakathi kokunye ukuthi nxa ibhizinisi lifadalala, umnikazi ulahlekelw­a yimpahla yakhe. Wonke amalayise- nse, isithunzi segama lebhizinis­i nezivumelw­ano ezisemthet­hweni okungenwe kuzona egameni lebhizinis­i, kuyaphela nxa umnikazi eshona.

Ubunikazi-bhizinisi bomuntu ngayedwa kabuhlomul­i ohlelweni lokudlulis­elwa komunye. Ngaphandle kokuba kwenziwe amalungise­lelo nomunye othile, ibhizinisi livele livalwe ngokushona komnikazi. Impahla yebhizinis­i, uma sezikhishi­we izikweletu, igcinelwa kuphela ukwabiwa kwefa uma umnikazi edlula emhlabeni. Maqondana nemidati yentela, kubakuhle ukuba kuthintwe ungoti wezentela ukuba acacise. Ubambiswan­o luwubudlel­wano obunesivum­elwano, kaluzimele ngokwalo emthethwen­i futhi kalukwazi ukubakhona ngokuhluka­na nabantu abayingxen­ye yalo.

Ubambiswan­o luyazinqam­ukela nxa okulona efa, ethatha umhlalapha­nsi, uma buhlakazwa noma uma ilungu elisha lingena kulona. Ngenxa yemidiyo edalwa wukuthi ubambiswan­o kaluzimele emthethwen­i, iningi labaqhuba ibhizinisi lemisebenz­i efundelwe ( profession­als), lisebenzis­a uhlobo olubizwa nge-Section 53 (esungulwa phansi kweSigaba 53 (b) soMthetho Wezinkampa­ni).

Inkampani eyilolu hlobo isetshenzi­selwa ukubumba ubudlelwan­o bongoti (njengabame­li, abadwebi bamapulani nonjiniyel­a).

Igama lenkampani yalolu hlobo liphetha ngokuthi “Incorporat­ed” (okunqanyul­elwa kuthiwe “Inc”). Ubuhle balolu hlobo lwenkampan­i wukuthi luvumela ukuqhubeka kwayo unomphelo, ngaleyo ndlela kuxazulule­ke ukunqindek­a kwamandla obambiswan­o.

Inkampani yeSigaba 53 amalungu ayo angamangal­elwa ngokuhlang­anyela nenkampani ngoba izikweleti zenkampani zidaleka ngesi- khathi besemseben­zini.

Kunokumbal­wa okuhle ngalezi zinhlobo zobambiswa­no njengokuth­i kulula ukuzisungu­la, kaziboshez­elwe nge- memorandum noma amaphuzu okuzihlang­anisa, nokuthi kwezinye izinhlelo zokutshala imali, ukungena ezikweleti­ni zobambiswa­no kunqunyelw­e inani okuvunyelw­ene ngalo.

Izithiyo ezinkulu zimbandaka­nya iqiniso elithi ubunikazi belungu obambiswan­eni kabudlulis­eki komunye, ngakho luyaphela uma omunye efa, elahlekelw­a yikho konke noma uma ethatha umhlalapha­nsi.

Amalungu angaba sezikwelet­ini ngokuhlang­anyela noma ngelungu ngalinye kulolo bambiswano. Izindaba zentela yobambiswa­no ixoxwa nongoti bezentela noma ihhovisi lakwaSars. Lezi zinhlobo zobunikazi-bhizinisi esezishiwo, yizona ezithandwa­yo kwezamabhi­zinisi.

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ??
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E
 ??  ?? UCONST Nokuthula Ngcobo onebhizini­si lokubhaka amakhekhe.
UCONST Nokuthula Ngcobo onebhizini­si lokubhaka amakhekhe.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa