Baqinisile abafanisa iSoweto Derby neVDJ

Ilanga - - Imi -

BAQINISILE abachaza indumezulu yomdlalo weOrlando Pirates neKaizer Chiefs njengedilikazi elithokozelwa yizigidi zabantu baseNingizimu Afrika. Lo mdlalo wezimbangi ezinkulu zikanobhutshuzwayo wakuleli, ukwazi ukuheha izindimbane zabalandeli ngisho la makilabhu engekho efomini. Yingakho-ke kungamangalisanga uma owangoMgqibelo ushiya abalandeli bebheme bakholwa kwazise lezi zinkunzi zihlangane zivele zihambela phezulu njengoba zenza kahle kwi-Absa Premiership.

Akwethusanga uma abadlali bebhudubezana zisuka nje ebhandeni, okwenze kwangena amagoli ngesiwombe sokuqala. I-Pirates iwunqobe ngo-2-1 lo mdlalo obudle ngokukhanga nokushuba eFNB Stadium, eGoli. Lo mphumela uqinisekise ukuthi iChiefs nakanjani izoqeda iminyaka emine egcwele ihluleka wukuguqisa lezi zimbangi zayo ezinkulu zaseSoweto. Igcine ukuhlula iBucs kwiligi ngoZibandlela (December) wango-2014. Abaningi lo mdlalo bawufanisa nomcimbi wamahhashi onedumela elikhulu kuleli, iVDJ.

Lo mcimbi wamahhashi kawuhanjelwa nje kuphela ngamaphanta azifela ngokubhejela amahhashi, kodwa uheha osondonzima kwezomnotho nakwezepolitiki kanjalo nosaziwayo abasuke beyodlisa ngengqephu.

Ukuthutheleka ngobuningi kosondonzima kwiVDJ kushiya umnotho weTheku usimeme njengoba kugayeka izigidi zamarandi ngezokuvakasha. Kuba ngesifanayo noma kuneSoweto Derby esikhombise kaningi ukuthi isemithanjeni yabantu bakuleli abawathenga aphele wonke amathikithi okuyibuka kusasele izinsuku eziningi ngaphambi kwayo.

Okunye okuhlaba umxhwele ngeSoweto Derby, wukubona abalandeli bawo womabili la makilabhu behleli ndawonye enkundleni, okuyinto engabonakali kwamanye amazwe uma kudlala izimbangi. Leli dumela eliba khona ngalo mdlalo kuyishwa ukuthi kalisabonakali nakancane uma kudlala iBafana Bafana. Imidlalo yaleli qembu lesizwe likanobhutshuzwayo lakuleli selibukwa yizihlalo njengoba kubonakele emdlalweni walo wokugcina eliwugijime eFNB Stadium ngasekuqaleni kukaMfumfu (October).

Kulo mdlalo omqoka wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezokuba ngonyaka ozayo eCameroon, iBafana ibhudluze iSeychelles ngo-6-0 ibukwa yinkeshezana yabalandeli.

Kumele abagqugquzeli bemidlalo yeBafana basike iphethini kwabeSoweto Derby njengoba umdlalo wePirates neChiefs ukhangiswa ngokuseqophelweni eliphezulu ngisho amathikithi awo esedayiswe aphela. IBafana yagcina ukuthandwa ngokweqiniso isaqeqeshwa nguClive “The Dog” Barker, inqoba i-Afcon ngo-1996 kuleli, nangesikhathi ingena okokuqala emidlalweni yeNdebe yoMhlaba ebiseFrance ngo1998. Cishe ngabadlali abagijime kwiBafana ngale minyaka engenhla abasakhunjulwa nanamuhla ngabalandeli ukuthi isikimu sabo sasisuke siboshelwe kanjani kusuka epalini kuya kubagadli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.