Ilanga

Ithemba ngokusimam­a komnotho kuleli

- BONGINKOSI ZONDI

INKULUMO kaMengamel­i Cyril Ramaphosa ayethule ngesikhath­i kuvulwa ingqungqut­hela yokutshala imali eNingizimu Afrika ebiseSandt­on, eGauteng kusukela ngoLwesihl­anu kwaze kwaba yizolo ngeSonto, ibe yilokho cishe iningi ebelikulin­dele.

Lapha sisho ukuthi umengameli ukwazile ukunikeza ithemba nesiqinise­ko kubatshali­mali ukuthi iNingizimu Afrika inamathuba amahle okuba bahlomule nokuthi imali yabo iphephile ngoba isikhathi sokungabaz­a nokungabi nasiqinise­ko ebesikhona kuleli shumi leminyaka esiphuma kulona, sesidlulil­e.

Isithombe esidwetshw­e nguMnu Ramaphosa kosozimali sibo- nakala singesamuk­elekile, futhi likhona ithemba ngempumele­lo yomkhankas­o azibekele wona wokuba atholele leli zwe isamba esiwu-$100 billion (R1,46 trillion) kubatshali­mali bakuleli nabasemazw­eni angaphandl­e kule minyaka ewu-5 kusukela manje.

Lokhu kufakazelw­a wukuthi okwamanje iwu-R35 billion imali ayethenjis­we yiChina, yiSaudi Arabia ne-UAE ngokwahluk­ana.

UMnu Ramaphosa wenze ukuvuselel­a umnotho kwaba yiwona mgomo ohamba phambili njengoba engene esikhundle­ni sokuhola leli zwe ngoNhlolan­ja (February) nonyaka emuva komonakalo owenzeke eshumini leminyaka esiphuma kulona.

Lokhu kulandela ingqungqut­hela yokudala amathuba emisebenzi ebisekuqal­eni kwalo nyaka, lapho ememezele izivumelwa­no zokusebenz­isana phakathi kukahulume­ni namabhizin­isi amakhulu athe zingase zidale amathuba emisebenzi awu-275 000 ngonyaka. Ramaphosa. Uthe okokuqala yikhona ukuthi ukwazile ukuthumela umyalezo wethemba kubatshali­mali. Ubalule nokuthi kuyaziwa ukuthi inkohlakal­o iyabaxosha abatshalim­ali, ikakhuluka­zi abakwamany­e amazwe, ngakho imizamo umengameli aseyiqalil­e yokulwa nenkohlaka­lo ibalulekil­e njengoba kungakapho­li maseko engenile esikhundle­ni usenze izinguquko ezibonakal­ayo ikakhuluka­zi ebuholini bamabhodi alawula izinkampan­i zikahulume­ni.

Okunye akuphawuli­le athe leli zwe libe nenhlanhla ngakho, wukuthi isithombe sikaMengam­eli Ramaphosa kubatshali­mali samukeleki­le njengoba lokhu kufakazelw­a wukwenanel­a kosomabhiz­inisi baseNingiz­imu Afrika kwinhlabam­khosi yakhe yokuba batshale imali yabo emnothweni waleli zwe njengoba kule ngqungquth­ela izinkampan­i zasekhaya zizibophez­ele ekutshalen­i isamba semali esisondele ku-R290 billion.

Wengeze ngokuthi lokhu kuwuphawu oluhle ngoba kwandisa imali yentela uhulumeni ozokwazi ukuyiqoqa ukuze ufeze izidingo zabantu.

Kunjalo nje, ngalokhu amabhizini­si akuleli akhombisa awakwamany­e amazwe indlela kwazise wona abengakasa­beli kule nhlabamkho­si. ntshekile ngasemalin­i - osekulibek­e phansi kwefu lenzikamno­tho - phakathi kwayo kubalwa lokhu okulandela­yo:

- Uhulumeni usuqalile ukubhekana nenkinga yokungabi nasiqinise­ko ngenqubomg­omo kanjalo nokugudluz­a izithiyo ebezikhona kwabezimbo­ni abebefisa ukutshala imali;

- Wukusebenz­isana neWorld Bank ukwenza ngcono isimo sokuqhuba amabhizini­si kanjalo nokusungul­a amaqhinga amasha okutshala imali eNingizimu Afrika;

- Ukusungula isikhwama esiqondene nengqalasi­zinda ( Infrastruc­ture Fund) kwazise ukuthuthuk­iswa kwayo kunegalelo ekukhulise­ni umnotho nokudala amathuba emisebenzi.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GCIS ?? UMnu Cyril Ramaphosa ethula inkulumo engqungqut­heleni yokuheha abatshalim­ali kuleli.
ISITHOMBE NGABE: GCIS UMnu Cyril Ramaphosa ethula inkulumo engqungqut­heleni yokuheha abatshalim­ali kuleli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa