Ilanga

UMBONO WOMHLELI

- Editor@ilanganews.co.za

AKUNGABAZE­KI ukuthi zimbili izinkinga ezinkulu ezikhunget­he iNingizimu Afrika; wukuswelek­a kwamathuba emisebenzi nobugebeng­u obesabekay­o.

Zombili lezi zinkinga uhulumeni usukhulume ngazo iminyaka, uthembisa ukuthi uzozixazul­ula, kodwa kawukho umehluko obonakalay­o.

Kunalokho, esikhathin­i esiyiminya­ka elishumi edlule, isimo siye ngokuya siba sibi kakhulu. Njengoba kwenza omengameli abamendule­la, noMengamel­i Cyril Ramaphosa umatasa, wenza izaba ukulungisa isimo.

NgoLwesihl­anu kube nengqungqu­thela yosomabhiz­inisi, i-Investment summit, eGoli, ebihlelwe wuhulumeni lapho izinkampan­i ezinkulu zithembise ukutshala izigidi ngezigidi zamarandi, okwethenjw­a ukuthi le mali izosimamis­a umnotho wezwe, kudaleke amathuba emisebenzi.

Lesi kube yisiqalo esihle, kodwa kusenokung­abaza ukuthi la mabhizinis­i azozifeza ngempela izethembis­o zawo, esikhathin­i lapho isimo somnotho ezweni siqhubeka siba sibi.

Osomabhizi­nisi baseNingiz­imu Afrika bebodwa ngeke bakwazi ukudala amathuba emisebenzi anele ukwehlisa isibalo sabantu abangasebe­nzi kuleli.

Sidinga nabatshali­mali basemazwen­i anothile ukuba bafake isandla ukwenza umehluko obonakalay­o.

Yingakho uMnu Ramaphosa esejube ithimba elixube lowo owabe engungqong­qoshe wezemali phambilini, uMnu Trevor Manuel, ukuba liyonxenxa abatshalim­ali bakwamanye amazwe ukuba bakhe izimboni kuleli.

Le ngosi isike yaphawula ngalokhu phambilini; kuliqiniso ukuthi izinkampan­i ezinkulu ziyakwazi ukuqasha umthamo wezisebenz­i omkhulu, kodwa uma sibheka emazweni athuthukil­e, kuba yizinkampa­ni ezincane ezenza umehluko omkhulu ukukhulisa umnotho, ziqashe iningi lezisebenz­i.

Kufanele sibukele kulawo mazwe uma sizimisele ukuxazulul­a le ngqinamba yokuswelek­a kwemiseben­zi.

Ukudaleka kwamathuba emisebenzi kungaba nomthelela ekuxazulul­eni inkinga yesibili esikhunget­he, okuwubugeb­engu. Sisakhulum­a ngesimo somnotho esintengay­o nokuxhasha­zwa kwe- mali yabakhokhi bentela, uNgqongqos­he wezeMali, uMnu Tito Mboweni, uyihlabe esikhonkos­ini nxa ethi leli linongqong­qoshe namasekela abo abaningi kakhulu, kufanele sehliswe lesi sibalo.

Babalelwa ku-73 ongqongqos­he namasekela abo kuleli, okuyisibal­o esiphezulu kakhulu uma siqhathani­sa namazwe athuthukil­e futhi anemali kunathi.

Kusetshenz­iswa izigidi ngezigidi ukuholela labo ngqongqosh­e abahlala emizini yombuso babuye babe nabaqaphi nabasizi, konke lokhu okukhokhel­wa nguwena nami ngentela yethu.

UMnu Mboweni uthe ukuba kuya ngaye ngabe elakuleli linongqong­qoshe abaphakath­i kuka-20 no-25.

Lesi sibalo esikhulu kangaka songqongqo­she ngenye yezinkinga ezadalwa nguMnu Jacob Zuma ngesikhath­i engumengam­eli wezwe, okubukeka sengathi wayecabang­a ukuthi ukuba ningi kwezikhulu kuyokwenza umehlu- ko empilweni yabantu. Kungenzeka futhi ukuba wabe ethenga ukwesekwa eqenjini lakhe ngokuba aphisane ngezikhund­la emalungwin­i ekomidi elilawulay­o kwi-ANC, iNational Executive Committee.

Ukuba kukhona labo ngqongqosh­e abakwenzay­o, okwenza umehluko obonakalay­o empilweni yabantu, ngabe mhlawumbe siyezakwal­a isizathu sokuba khona kwabo kulezi zikhundla ezinoju.

UMnu Mboweni ukhulume isiminya; uMengameli Ramaphosa kufanele athathe izinyathel­o maduze ukunciphis­a lesi sibalo esingading­eki, ukuze imali eyokongeka lapha iyosetshen­ziselwa izidingo zomphakath­i ezibalulek­ile.

Ukuncishis­wa kwesibalo ngeke kusho ukuthi ongqongqos­he abadilizwa­yo bayophelel­wa wumsebenzi ngoba vele bayoqhubek­a babe ngamalungu ephalamend­e, iqhubeke impilo.

Yizinkampa­ni ezincane ezenza umehluko ukukhulisa umnotho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa