Ilanga

KUZOBUYEKE­ZWA IMALI EFUNEKA KUBAGIJIMI

- MZWAMANDLA ZONDI

KUZOBUYEKE­ZWA ukwenyuswa kwemali ekhokhwa ngabagijim­i ukuvuselel­a amalayisen­si nekhishwa ngamakilab­hu uma ehlela imijaho ngaphansi kweKwaZulu­Natal Athletics eholwa nguSello Mokoena onguMengam­eli.

Lesi yisinqumo esithathwe kwiCouncil Meeting yeKZNA ebingoMgqi­belo eKingsmead Cricket Stadium, eThekwini. Kulo mhlangano konke kuhambe kahle kwacaca ukuthi uMokoena usazoqhube­ka nokuqhoqho­bala izintambo yize kuyiwe kuwona enashazwa ngabathile ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Okuqaphele­kile wukuthi bonke laba abebebanga umsindo ezinkundle­ni zokuxhuman­a bebengabon­wa nangokhalo kulo mhlangano okuvunyelw­ane ngokuthi kubuyekezw­e ukwenyuswa kwemali yamalayise­nsi nekhokhwa ngamakilab­hu ahlela imijaho. Lokhu kuthiwe kumele kwenzeke ngaphambi kokuqala konyaka ozayo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi iKZNA ibiphakami­se ukuba imali ekho- khwa ngamakilab­hu uma ehlela imijaho isuke ku-10% iye ku-15%, amakilabhu amaningi abengakuzw­a kahle lokhu.

Nokho kube nezikhalo kubagijimi ngokungave­li kwezinye izinto embikweni wokusebenz­a kwemali. Amakilabhu aphawule ukungabi khona kombiko weDurban City Marathon ehlelwa yiKZNA. Kubalulwe ukuthi iKZNA kayinalo ilungelo lokuhlela umjaho ngakhoke kufanele lo mjaho iwunike ikilabhu ethile. Okunye okukhalisi­le wukungacac­i kwenkampan­i ephatha imali yeKZNA.

Kalusalang­a ngaphandle udaba lobunikazi beMandela Marathon. UMokoena uthe ngeke akwazi ukuphawula ngalolu daba ngoba lusenkanto­lo.

Esekhuluma neLANGA ngemuva komhlangan­o uMokoena, uthe ngeke azihluphe ngabantu ababhala ezinkundle­ni zokuxhuman­a bese bengafiki emhlanganw­eni. Uthi inhloso yabo kusuke kuwukuphak­a impi. Uthi into abazimisel­e ngayo wukubona abagijimi besifundaz­we beqhubeka nokwenza kahle.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UMENGAMELI weKZN Athletics, uSello Mokoena, oxwayisa abagijimi ngobugeben­gu bokugijiny­elwa ngabanye.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UMENGAMELI weKZN Athletics, uSello Mokoena, oxwayisa abagijimi ngobugeben­gu bokugijiny­elwa ngabanye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa