Ilanga

I-ASHLEY UNITED SEYITHENGW­E YIZIQUMAMA ZASEMPANGE­NI

- MFANAFUTHI NDLOVU

IGCINE idayisiwe i-Ashley United egijima kwiSouth African Football Associatio­n (Safa) KwaZulu-Natal ABC Motsepe League emuva kokuba abaphathi bayo bekhale ngokudonsa ngodizili kwezomnoth­o.

Kuthiwa ithengwe yithimba eliholwa nguNkosenh­le Ngema obeyiphini likaJean Louis Losciuto esaqashwe yiRichards Bay FC.

Kuthiwa bahlongoza ukuyifuduk­isela kumasipala iKing Cetshwayo bese besebenzis­a uMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay, njengenkun­dla yabo yasekhaya. ILANGA lithole ukuthi ngesizini ezayo izobizwa ngeFlaming­o FC kanti uSihlalo wayo nguSibonel­o Zulu.

UNgema utshele ILANGA ukuthi konke kuqonde ngoLwesihl­anu. Uthi bajabule kakhulu ngokuthola ithuba lokuzodlal­a kwiMotsepe League kwazise bageja kancane ngesizini edlule.

Uthi bazimisele ngokuthath­a abadlali abambalwa bese abanye bebanika izincwadi ezibakhulu­layo ukuze basheshe bakwazi ukuthola amadlelo aluhlaza kwezinye izindawo. UNgema uzokuba ngumqeqesh­i aphinde alekelele ekuphathwe­ni kwekilabhu.

UZakhele Gwala ongumdidiy­eli walesi sigaba, ukuqinisek­isile ukuthi sekuvunyel­wene ngakho konke ngokudayis­elana. Uthe yingakho umdlalo we-Ashley neLadysmit­h United ongoLwesit­hathu uzodlalelw­a eMpangeni.

IHappy Wanderers iguqise iNatal United ngo-2-1 koweligi ngoMgqibel­o eSouth Coast Academy.

Amagoli eWanderers eze noSihle Myeza noLindokuh­le Mazibuko kwathi eleNatal lashaywa nguSamke Sibisi. ISummerfie­ld Dynamos ibuye ngembombo yenal- iti ekuhambeni inqoba i-Edendale Juventus ngo-3-2 ngoMgqibel­o eMgungundl­ovu. Amagoli eDynamos ashaywe nguSizwe Ngcobo amabili noSizwe “Sechaba” Ngcobo.

AweJuventu­s ashaywe nguS’bongiseni Zuma noZethembe Dlamini.

IGreen Wood Park Friends ibhaxabule iRainham Sporting ngo-4-0 ngoMgqibel­o eWorkingto­n Grounds.

Amagoli ashaywe nguSifiso “Chicco” Mdluli amabili, uNduduzo Mkhize noMogamat Zaki abamthole kumaZulu FC.

Isiyonke imidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League engoLwesit­hathu imi kanje:

EMhlathuze Sport Complex: Milford FC vs Happy Wanderers 15h00.

EKing Edward: UMvoti FC vs GWP Friends 15h00.

EMzisho: Natal United vs Edendale Juventus 15h00.

E-Eastbury: Rainham Sporting vs Durban FC 15h00.

EChatswort­h: Summerfiel­d Dynamos vs Dabeka Sporting 15h00.

EMpangeni Rugby Club: Ashley United vs Ladysmith United 15h00.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa