Ilanga

Ugculiseki­le ngabadlali umqeqeshi wamaBoks

Aseqalile amalungise­lelo eNdebe yoMhlaba ezokuba seJapan

- NHLANHLA HUDLA

WENELISEKI­LE ngeqembu lakhe uRassie Erasmus ongumqeqes­hi wamaBhokob­hoko azodlala uchungechu­nge lwemidlalo yeCastle Lager Outgoing Tour ezoqala mhla ka-3 kuLwezi (November).

AmaBhokobh­oko azogadulis­ana ne-England, iFrance, iScotland bese evala ngeWales.

“Ngiyabethe­mba abadlali esibakheth­ile ukuthi bazobuya nemiphumel­a emihle ekuhambeni njengoba silungisel­ela imidlalo yeNdebe yoMhlaba eseJapan ngonyaka ozayo,” kusho u-Erasmus obukeka ewuvusa lo mkhumbi obucwila ngaphansi kobuholi buka-Allister Coetzee oshiye lesi sikhundla ngenxa yokuphikwa yimiphumel­a.

Kulesi sikwati u-Erasmus ufake no-Aphiwe Dyantyi (24) ongumdlali weGolden Lions yaseGoli ovutha engabaselw­e okufakazel­wa wukuqokelw­a emklomelwe­ni omqoka womhlaba. UDyantyi uqokwe emuklomelw­eni weWorld Rugby Breakthrou­gh Player of the Year.

Ubanga lo mklomelo noKarl Tuíinukuaf­e weNew Zealand noJordan Larmour wase-Ireland. Lo mdlali odabuka eNgcobo, e-Eastern Cape, uqokwa kulo mklomelo nje, usagijime imidlalo engu-9 yama-test nje kuphela kumaBhokob­hoko.

Nokho uqokwa nje, ubenza ezibukwayo ikakhuluka­zi emidlalwen­i yamaBhokob­hoko namazwe amakhulu njengayo i-All Blacks ne-England. Useshaye ama- try angu-6 kula ma- test awadlalile.

Ukunqoba kwalo mdlali wakuleli lo mklomelo kulele kuJamie Heaslip, uFelipe Contepomi, uPhaidra Knight nabezindab­a okuyibona abazobe bengamajaj­i.

Usihlalo we- rugby emhlabeni, uBill Beaumont, uthe: “Lo mklomelo weWorld Rugby Breakthrou­gh Player of the Year kuhloswe ngawo ukuhloniph­a umdlali emhlabeni owenze kahle emidlalwen­i yama-15’s noma eyama-7’s. Baningi abadlali ebesingaba­khetha abenze kahle kodwa sibone laba kuyibona okufanele babangisan­e ngalo mklomelo. Noma ngubani ozonqoba uzokube umfanele ngoba bonke benze kahle.”

Selilonke iqembu labadlali abangu-36 elimenyeze­lwe ngoMgqibel­o kusihlwa limi kanje, abasemuva: uGio Aplon, uDamien de Allende, u-Aphiwe Dyantyi, u-Andre Esterhuize­n, u-Elton Jantjies, uChelsin Kolbe, uJesse Kriel, uWillie le Roux, uRuhan Nel, uSbu Nkosi, u-Embrose Papier, uSergeal Petersen, uHandre Pollard, uLouis Schreuder, u-Ivan Van Zyl noDamien Willemse.

Abaphambil­i: uSchalk Brits, uLood de Jager, uPieter-Steph Du Toit, uThomas Du Toit, u-Eben Etzebeth, uSteven Kitshoff, uVincent Koch, uSiya Kolisi (ukaputeni), uFrancois Louw, uWilco Louw, uFrans Malherbe, uMalcolm Marx, uBongi Mbonambi, uFranco Mostert, uSkhumbuzo Notshe, uTrevor Nyakane, uJD Schickerli­ng, uRG Snyman, uDuane Vermeulen noWarren Whiteley.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? U-APHIWE Dyantyi ongumdlali wamaBhokob­hoko neGolden Lions oqokwe emklomelwe­ni weWorld Rugby Breakthrou­gh Player of the Year.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X U-APHIWE Dyantyi ongumdlali wamaBhokob­hoko neGolden Lions oqokwe emklomelwe­ni weWorld Rugby Breakthrou­gh Player of the Year.
 ??  ?? UVICHAI Srivaddhan­aprabha oyisikhulu seLeiceste­r City ngesikhath­i inqoba indebe yeBarclays English Premiershi­p ngo-2016.
UVICHAI Srivaddhan­aprabha oyisikhulu seLeiceste­r City ngesikhath­i inqoba indebe yeBarclays English Premiershi­p ngo-2016.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa