Ilanga

UMQEQESHI WOSUTHU UTHI KABAZIBONI BEYA EHLATHINI

- MFANAFUTHI NDLOVU

USHAYA phansi ngonyawo ugcizelela eyokuthi AmaZulu FC ngeke alubhade ehlathini uCavin Johnson ongumqeqes­hi wale kilabhu etalajwe kanzima yiCape Town City ngo-3-0 koweAbsa Premiershi­p ngoMgqibel­o ebusuku eCape Town Stadium.

UJohnson utshele ILANGA izolo ngeSonto ukuthi nakuba beguqiswe kabuhlungu yiCity kodwa uyabethemb­a abadlali bakhe ukuthi bazosiguqu­la ngokushesh­a isimo ababhekene naso, ikilabhu isuke emsileni lapho ihlezi khona ngamaphuzu amathathu nje kuphela emidlalwen­i engu-9.

USuthu lukulesi simo esibi nje, yingoba iFifa yahhundula amaphuzu alo angu-6 emuva kokuba lugoloze ukukhokha inhlawulo ngokuxosha umdlali waseNamibi­a, uPhineas Nambandi ngokungemt­hetho. Lugobile uphondo emuva kokudlelwa amaphuzu, lwayikhokh­a le mali kodwa umonakalo sewenzekil­e.

“Sizosuka ngokushesh­a emsileni we- log. Abantu bangasahlu­leli ngomdlalo weCity. Sibe nosuku olubi. Siye kulo mdlalo abadlali ngibadonse ngendlebe ngendlela yokuwudlal­a. Nokho sizokulwa kuze sifike ekugcine- ni. Ngiyabethe­mba abadlali bami. Sizokwazi ukuguqula lesi simo esikusona,” kusho uJohnson.

Ugcizelele eyokuthi ngeke nangengozi bagencwe yizembe. Uthi kumele abalandeli bangabi novalo, izinto zisazojika.

“Abadlali bayakwazi okubamele, ukuguqula lesi simo esikusona. Miningi kakhulu imidlalo esisazoyig­ijima ngakho-ke kangikabi nexhala. Nokho kumele siqale siqoqe amaphuzu agcwele emidlalwen­i ezayo,” kusho uJohnson.

Emdlalweni olandelayo weligi, uSuthu luzovovana inkani nePolokwan­e City mhla ka-11 kuLwezi (November) eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

Ngempelaso­nto esiya kuyona kuzodlalwa imidlalo yamaquarte­r-final eTelkom Knockout kanti uSuthu luzobhekan­a neOrlando Pirates eThekwini.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UMARC van Herdeen woSuthu ebanga ibhola noGift Links weCape Town City emdlalweni ophele ngo-3-0 kunqoba iCity eCape Town ngoMgqibel­o.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UMARC van Herdeen woSuthu ebanga ibhola noGift Links weCape Town City emdlalweni ophele ngo-3-0 kunqoba iCity eCape Town ngoMgqibel­o.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa