Ilanga

UDLALISWE EGULA UKAPUTENI WE-REAL KINGS

- SENZO SOKHELA

UDLALISWE egula umdlali weReal Kings FC ecazelane amaphuzu neRichards Bay FC kuba ngu-1-1 koweNation­al First Division (NFD) ngoMgqibel­o ntambama eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.

IKings yiyona ebone imbobo yepali kuqala uThobani Kunene elibeka enethini, kodwa lacinywa ngelikaLio­nel Saal. UKyle Davies odlala emuva kwiKings, ophinde abe ngukaputen­i wayo, ugijime lo mdlalo egula. Kuthiwa uvuke ekhempini intamo isinda engakwazi ngisho ukuyiphend­ula. Ugijime lo mdlalo egwinye amaphilisi ezinhlungu.

USimo “Govuza” Dladla ongumqeqes­hi weKings, uthi kubalimazi­le ukugulelwa yilo mdlali.

“Indlela abedlala ngayo ohlangothi­ni bekungeyon­a ajwayele ukudlala ngayo, ubengashos­heli, ubegcina ngokumaka nje kuphela.

Kodwa-ke umdlalo siwuyeke thina ngesiwombe sokuqala kwazise siwatholil­e amathuba kodwa kasaze sawasebenz­isa. Ngikhathaz­ekile ngesimo sekilabhu, kufanele sisuke kule ndawo embi esikuyona,” kusho uDladla.

UBrandon Trutter ololonga iBay, uthi baziyekele lo mdlalo.

“Ngikholwa wukuthi besingcono kunabo ngayo yonke into. Bekufanele siwunqobe lo mdlalo ikakhuluka­zi ngesiwombe sesibili.

Kodwa-ke ngijabule ngephuzu esilitholi­le. Siyaqala ukuthola iphuzu ekuhambeni selokhu kuqale isizini yingakho lingijabul­isa,” kusho uTrutter.

Isiyonke imiphumela yemidlalo yeNFD imi kanjena:- Cape Umoya Utd 0, Royal Eagles 1; TS Galaxy 1, Maccabi 0; Pretoria University 2, Ubuntu Cape Town 0; Stellenbos­ch FC 1, Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila FC 1; Mbombela United 2, Jomo Cosmos 0; Real Kings 1, Richards Bay 1; Witbank Spurs 0, TS Sporting 0; UThongathi FC 1, Ajax Cape Town 0.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa