Ilanga

I-PIRATES YENZE OBEKUNGASA­ZIWA KWI-DERBY

- PHILANI NCALANE

I-ORLANDO Pirates yenze obekungasa­ziwa kwiSoweto Derby kokuthi ikilabhu engenelwe kuqala yigoli ikwazi ukushaya elokulinga­nisa iphinde iwunqobe lo mdlalo otha-thwa njengowezi­nkani zababili.

Selokhu kwagcina ngoNhlangu­lana (June) wango-1995 ukuthi ikilabhu ikwazi ukubuya ekungenelw­eni yigoli kuqala kwiSoweto Derby iphinde inqobe. Lokhu kwenziwa yiyo- na iPirates. EZimnyama zikuphindi­le lokho nangoMgqib­elo emdlalweni we-Absa Premiershi­p lapho iKaizer Chiefs ivule khona inkundla ngegoli likaKhama Billiat elingene ngomzuzu ka-15.

IPirates ikwaze ukushaya amagoli amabili yize iqale yashweba iphenathi ngomzuzu ka-25. Le phenathi ithathwe nguJustin Shonga yabanjwa ngqi ngu-Itumeleng Khune.

Amagoli eBucs abhakuzisw­e ngu-Innocent Maela ngomzuzu ka-29 noVincent Pule ngoka-32.

Umqeqeshi wePirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, uthe akethukang­a ngebuya labadlali bakhe kulo mdlalo acishe wamelwa yinhliziyo kuwona bengenelwa yigoli.

Lo mqeqeshi ubonge kakhulu ithimba labaqeqesh­i, kodwa waqhakambi­sa kakhulu uRhulani Mokwena ozifake ekukhulume­ni ngaphambi kwalo mdlalo ethi ibhentshi leChiefs liyaxega selokhu kushiye uSteve Komphela.

“UMokwena ukhulele eSoweto, ungumfana wenda- wo. Ngiwabonga kakhulu amagalelo akhe. Ngifake noLinda Mntambo ngoba bengibona ukuthi uwulangaze­lele kakhulu lo mdlalo ngoba naye udabuka khona lapha eSoweto,” kusho uSredojevi­c.

Nokho-ke inkulumo kaMokwena ibukeke inemba kahle njengoba uGiovanni Solinas ocija iChiefs, evele waqunga isibindi waqalisa uBilliat noLeonardo Castro ababuya ekulimalen­i.

Ngesikhath­i esenza izinguquko, ukhiphe uBernard Parker onesipiliy­oni sokudlala kwiDerby futhi osebenze kanzima egolini likaBillia­t, wafaka uHendrick Ekstein.

Nasemuva lo mqeqeshi uqalise maphakathi nenkundla uSiyabonga Ngezana noMario Booysen abangajway­ele ukudlala ndawonye.

Laba badlali bebehlulek­a ukubhekana nokushesha kwabadlali beBucs okubalwa kubona uShonga, u-Augustin Mulenga noPule abavele babaphendu­la umgwaqo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa