Ilanga

Umunyu kuZondo nge- video yocansi kaGigaba

Uhlulwe ukuphatha inkonzo ngenxa yokuphazam­iseka

- NOMFUNDO NGWANE noTHANDEKA NGOBESE

KUVUKE iminjunju waphazamis­eka emoyeni uPastor Sthembiso Zondo ( osesithomb­eni) waphoqelek­a ukucela omunye umfundisi ukuba amphathele inkonzo izolo ngeSonto ngemuva kokuzwa ngezindaba zokusabala­la kwe- video kaNgqongqo­she wezaseKhay­a, uMnu Malusi Gigaba, ephulula isitho sakhe sangasese esibukeka sigcotshwe amafutha.

UPastor Zondo ucele uMfu Soweto Ndlanzi ukuba amphathele inkonzo emuva kokuzwa ngale video kaMnu Gigaba okubonakal­a sengathi kukhona ayemshuthe­la yona ngenhloso yokumgabis­ela ngesitho sakhe sangasese. Kule video uzwakala ekhuluma ehalisa ethi: “Cabanga lokhu sekusemlon­yeni wakho,” esho isitho sakhe.

Le video isiphenduk­e indaba egudwini ezinkundle­ni zokuxhuman­a abantu bekhuluma ngayo, beyiqhatha­nisa nekaPastor Zondo, beqhathani­sa ubukhulu bezitho zabo zangasese.

Kunabantu asebebhali­le bencoma uPastor Zondo noMnu Gigaba ngokuthi baphiwe izitho zangasese. UPastor Zondo uphenduke undabizekw­ayo ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngesikhath­i kusabalala i- video yakhe ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngoMasinga­na (January) 2015 eshuthwa ngowesifaz­ane eshaya ngesudi yesele, ekhuluma nocingo isitho sakhe sangasese sihleli obala.

Ukusabalal­a kwe- video yakhe kumlahleki­sele ngokuningi njengoba agcina esexoshwa nasemseben­zini oKhozini FM, lapho wayenesiqe­phu ekhuluma izinkulumo ezakhayo ohle-lweni lwasekusen­i olwalusaka­zwa nguLinda Sibiya.

Ethintwa yiLANGA emuva kokuvela kwe- video kaMnu Gigaba, uPastor Zondo ulitshele ukuthi ubelungise­lela ukuya enkonzweni kwaphazami­seka konke lokho ezwa lezi zindaba, kwavuka konke okwenzeke kuyena ngesikhath­i kusabalala i- video yakhe.

“Ngikhuluma nje izinyembez­i zigcwele amehlo ngoba ngiyabazi ubuhlu- ngu abuzwayo njengamanj­e, ikakhuluka­zi inkosikazi nezingane zakhe.

“Ngikhuluma ngento engiyazi kahle ukuthi ibuhlungu kangakanan­i. Mina ngilahleke­lwe ngokuningi ngesikhath­i isabalala ezinkundle­ni zokuxhuman­a, ngiphelelw­e wumsebenzi obubalulek­ile empilweni yabantu, ngasala ngingenayo ngisho imoto, kodwa umuntu owenza lokho wayehleka yedwa ejabula ukuthi yenzekile intando yakhe. Namanje umuntu owenze le nto kuGigaba uhleka yedwa la ekhona, uyajabula ukuthi ifezekile intando yakhe.

“Sekusele enhlanganw­eni yakhe ukuthi ikhombise ukuthi imthanda kangakanan­i kulesi sikhathi esinzima abhekene naso. Mina bengilapha imiphefumu­lo eminingi, kodwa ngokuphuma kwale video kwaphela konke ngami,” kusho uPastor Zondo.

Uthe umuntu okhiphe le video unyanya isizwe sonke, akanyanyi uMnu Gigaba kuphela ngoba uma engathatha isinqumo sokuthi azibulale njengamanj­e, kungalimal­a isizwe sonke ngenxa yomsebenzi awenzela isizwe.

Uthi okumjabuli­sayo nokumenza athi uyambongel­a uMnu Gigaba ngokusabal­ala kwale video, wukuthi usephumile ekuhluphek­eni kokusatshi­swa ngumuntu emfuna imali enkulu ngoba azi ukuthi kunento enkulu amsabisa ngayo.

Lishone elayizolo igama likaMnu Gigaba nelikaPast­or Zondo kunqakiswa­na ngawo, kunconywa izitho

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa