Inkosi yeseka Ingonyama Trust
Lusenkantolo olokubuyiswa komhlaba onothile
IYANONA indaba yokubuyiswa komhlaba ongamahektha awu-11 000, onothe ngamapulazi omoba, ukwatapheya namahlathi eMthonjaneni, eMelmoth njengoba inkosi yendawo isola abantu abafuna kubuye lo mhlaba ngokuyishaya ngesithende.
Lokhu kwenze yeseka iNgonyama Trust, efake amaphepha eNkantolo yeziCelo zokuBuyiselwa uMhlaba, ithi lo mhlaba kumele ube ngaphansi kwayo ngoba umhlaba ungoweSilo, abantu bangaphansi kwamakhosi (ayiso leSilo).
INkosi Velemandleni Biyela, yaKwaYanguye, eMelmoth, isola abantu abasuswa kule ndawo eminyakeni edlule ngokuthi kabazange baye kuyona bayoyibikela ngesinqumo sabo sokufuna ukubuyiselwa lo mhlaba onamapulazi, okube nesivumelwano - esingakasayinwa - phakathi kwabalimi nohulumeni ukuthi kuzodayiselwana wona ngo-R760 million.
Lokhu kuvele ngesikhathi ILANGA linengxoxo ekhethekile neNkosi Biyela esigodlweni sayo KwaYanguye ngoLwesibili.
Inkosi ikhuluma kanjena nje, elinye iphephandaba elibika ngesibhunu libike ukuthi iNgonyama Trust ifake amaphepha enkantolo ukuze umhlaba obuzonikwa umphakathi waseMthonjaneni ubuyele ngaphansi kwayo ngoba abantu bangaphansi kwamakhosi.
Phakathi kwale miphakathi, kubalwa owaseNtembeni, eMakhasaneni naseMthonjaneni. Inkosi ithi kusukela kudala abantu babephila ngaphansi kwamakhosi, akekho umuntu ozimele nje ngayedwana, ongenayo inkosi. Ithi nakhona eMthonjaneni, abantu basuswa kulo mhlaba bengaphansi kwenkosi, ngakho iyathuka manje uma isivalelwa ngaphandle emhlabeni woyisemkhulu.
“Uma kukhulunywa ngodaba lwaseMthonjaneni ngithinteka kwenye indawo. Lo mhlaba ngowakithi kanti sike saphucwa wona ngamaBhunu ngoba kuthiwa ubabamkhulu unekhanda eliqinile. Kuthe sekuphethe ubaba, waphinde wabuyiselwa kwabakwaBiyela lo mhlaba.
“Ngikhumbula ngoba ngesikhathi abelungu bomshini kawatela owawulapha sebehamba, emuva kokuba ngithathe isihlalo ngo1980, bangibiza ukuba ngiyokhuluma ngoba bazi ukuthi wumhlaba wakwaBiyela lowaya. Kuyangethusa ukuthi njengoba kukhulunywa manje, akekho ongibikelayo kepha ngishiywa ngaphandle nje,” kusho iNkosi Biyela.
Ithi kubalulekile ukuba odabeni olunjena kuhlalwe phansi kuboniswane ngoba inkosi iba yinkosi ngesizwe sayo kanti naso isizwe siba yisizwe ngenkosi yaso.
“Abantu abasuswa eMthonjaneni babevele bengaphansi kwenkosi, kungani uma sekubuyiswa lo mhlaba, ishiywe ngaphandle? Ngakho ngiyayeseka iNgonyama Trust ngekwenzayo ngoba iyiso lomhlaba weMbube obhekwe ngamakhosi,” kusho iNkosi Biyela.
Ithe ike yezwa phambilini ukuthi laba abafuna ukubuyiselwa umhlaba waseMthonjaneni bafuna ukuhlangana nayo, kodwa kabakaze baye kuyona, kayazi ukuthi yini eyabavimba.
UMnu Nico Harris, ongomunye wabalimi kula mapulazi, ukuqinisekisile ukuthi kunezingxoxo ebeseziya ngasemaphethelweni mayelana nokudayiselana ngaleli pulazi ngo-R760 million.
“Sekuneminyaka lolu daba ludingidwa ezinkantolo kanti kugcine kunesiphakamiso esijabulise zonke izinhlangothi sokuthi lithengwe wuhulumeni ngo-R760 million. Akukho okusayiniwe noma osekuvunyelwene ngakho ngoba kusenombango ophakathi kweNgonyama Trust nabantu abafuna lo mhlaba.
“Uma konke sekuphelile, zonke izingxoxo zizobe seziqhubeka,” kusho yena.
Ikomidi elimele abantu abasuswa kulo mhlaba kalithandanga ukuphawula njengoba udaba lusesenkantolo.