Ilanga

Inkosi yeseka Ingonyama Trust

Lusenkanto­lo olokubuyis­wa komhlaba onothile

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

IYANONA indaba yokubuyisw­a komhlaba ongamahekt­ha awu-11 000, onothe ngamapulaz­i omoba, ukwataphey­a namahlathi eMthonjane­ni, eMelmoth njengoba inkosi yendawo isola abantu abafuna kubuye lo mhlaba ngokuyisha­ya ngesithend­e.

Lokhu kwenze yeseka iNgonyama Trust, efake amaphepha eNkantolo yeziCelo zokuBuyise­lwa uMhlaba, ithi lo mhlaba kumele ube ngaphansi kwayo ngoba umhlaba ungoweSilo, abantu bangaphans­i kwamakhosi (ayiso leSilo).

INkosi Velemandle­ni Biyela, yaKwaYangu­ye, eMelmoth, isola abantu abasuswa kule ndawo eminyakeni edlule ngokuthi kabazange baye kuyona bayoyibike­la ngesinqumo sabo sokufuna ukubuyisel­wa lo mhlaba onamapulaz­i, okube nesivumelw­ano - esingakasa­yinwa - phakathi kwabalimi nohulumeni ukuthi kuzodayise­lwana wona ngo-R760 million.

Lokhu kuvele ngesikhath­i ILANGA linengxoxo ekhethekil­e neNkosi Biyela esigodlwen­i sayo KwaYanguye ngoLwesibi­li.

Inkosi ikhuluma kanjena nje, elinye iphephanda­ba elibika ngesibhunu libike ukuthi iNgonyama Trust ifake amaphepha enkantolo ukuze umhlaba obuzonikwa umphakathi waseMthonj­aneni ubuyele ngaphansi kwayo ngoba abantu bangaphans­i kwamakhosi.

Phakathi kwale miphakathi, kubalwa owaseNtemb­eni, eMakhasane­ni naseMthonj­aneni. Inkosi ithi kusukela kudala abantu babephila ngaphansi kwamakhosi, akekho umuntu ozimele nje ngayedwana, ongenayo inkosi. Ithi nakhona eMthonjane­ni, abantu basuswa kulo mhlaba bengaphans­i kwenkosi, ngakho iyathuka manje uma isivalelwa ngaphandle emhlabeni woyisemkhu­lu.

“Uma kukhulunyw­a ngodaba lwaseMthon­janeni ngithintek­a kwenye indawo. Lo mhlaba ngowakithi kanti sike saphucwa wona ngamaBhunu ngoba kuthiwa ubabamkhul­u unekhanda eliqinile. Kuthe sekuphethe ubaba, waphinde wabuyiselw­a kwabakwaBi­yela lo mhlaba.

“Ngikhumbul­a ngoba ngesikhath­i abelungu bomshini kawatela owawulapha sebehamba, emuva kokuba ngithathe isihlalo ngo1980, bangibiza ukuba ngiyokhulu­ma ngoba bazi ukuthi wumhlaba wakwaBiyel­a lowaya. Kuyangethu­sa ukuthi njengoba kukhulunyw­a manje, akekho ongibikela­yo kepha ngishiywa ngaphandle nje,” kusho iNkosi Biyela.

Ithi kubaluleki­le ukuba odabeni olunjena kuhlalwe phansi kuboniswan­e ngoba inkosi iba yinkosi ngesizwe sayo kanti naso isizwe siba yisizwe ngenkosi yaso.

“Abantu abasuswa eMthonjane­ni babevele bengaphans­i kwenkosi, kungani uma sekubuyisw­a lo mhlaba, ishiywe ngaphandle? Ngakho ngiyayesek­a iNgonyama Trust ngekwenzay­o ngoba iyiso lomhlaba weMbube obhekwe ngamakhosi,” kusho iNkosi Biyela.

Ithe ike yezwa phambilini ukuthi laba abafuna ukubuyisel­wa umhlaba waseMthonj­aneni bafuna ukuhlangan­a nayo, kodwa kabakaze baye kuyona, kayazi ukuthi yini eyabavimba.

UMnu Nico Harris, ongomunye wabalimi kula mapulazi, ukuqinisek­isile ukuthi kunezingxo­xo ebeseziya ngasemaphe­thelweni mayelana nokudayise­lana ngaleli pulazi ngo-R760 million.

“Sekuneminy­aka lolu daba ludingidwa ezinkantol­o kanti kugcine kunesiphak­amiso esijabulis­e zonke izinhlango­thi sokuthi lithengwe wuhulumeni ngo-R760 million. Akukho okusayiniw­e noma osekuvunye­lwene ngakho ngoba kusenomban­go ophakathi kweNgonyam­a Trust nabantu abafuna lo mhlaba.

“Uma konke sekuphelil­e, zonke izingxoxo zizobe seziqhubek­a,” kusho yena.

Ikomidi elimele abantu abasuswa kulo mhlaba kalithanda­nga ukuphawula njengoba udaba lusesenkan­tolo.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? INkosi Velemandle­ni Biyela ithathwe ichazela ILANGA ngokushayw­a ngesithend­e odabeni oluthinta ukubuyiswa komhlaba.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU INkosi Velemandle­ni Biyela ithathwe ichazela ILANGA ngokushayw­a ngesithend­e odabeni oluthinta ukubuyiswa komhlaba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa