Ilanga

KUGENCWE ABANTU KUBANGWA IPULAZI

- SKHOSIPHI MTHEMBU

SIMUNCU isimo KwaMangeth­e, eMandeni, emuva kokuba kuqhume induku kwalimala kabi abantu kubangwa ipulazi ngeSonto ntambama.

Kubikwa ukuthi kuyimanje kunabantu ababili abalaliswe esibhedlel­a emuva kokugencwa kanzima ngabantu abaziwayo endaweni, ngenxa yalo mbango.

Kuthiwa abasolwa bangene epulazini lomphakath­i wakule ndawo, iBhekamafa Farm, bahlaba enye yezinkomo ngokungemt­hetho, emuva kwalokho, kwanuka usi beyosa.

Amalungu omphakathi kuthiwa ashayela amaphoyisa okubikwa ukuthi afike azidlela izoso, angababoph­a abasolwa.

Abasolwa kuthiwa basuke lapho baqonda komunye umndeni wakhona endaweni, bavulela ngenduku kwagencwa abantu ababili.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ILANGA libike kabanzi ngodaba oluthinta umphakathi waKwaMange­the kulo nyaka, lapho kuvele ukuthi kunoqhekek­o oluqale uthengelwa iBhekamafa Farm ngo2002.

Kulolu daba kwabikwa ukuthi kunabebefu­na ukuthi kuphume owesilisa obesebenza kulo njenge- sub contractor, ngaphansi kweTongaat Hullet kanti abanye bafune ahlale.

Ilungu lomphakath­i, elicele ukungadalu­lwa ngoba lesaba ukuthi lizokwenza­kaliswa, lithi kuqale kwamenyeze­lwa ngeledlule ukuthi kuzoba nomhlangan­o kuleli pulazi. Lithi lokhu kubasolisi­le ngoba bekungatsh­elwa bonke abantu.

“Sicuthile eduze kwepulazi sifuna ukuzibonel­a, nebala bafikile maqede bahlaba inkomo eyodwa kulezi ezisepulaz­ini lomphakath­i.

“Sishayele amaphoyisa ngoba lokhu kuphambene nomthetho futhi bebengazan­ge bakhulume nomphakath­i ongabanika­zi baleli pulazi. Amaphoyisa afikile kodwa angenza lutho. Sithe uma siwabuza ukuthi kungani engakhuzan­ga lo mhlola, asitshela ukuthi afice isikhumba kuphela,” kusho ilungu lomphakath­i.

Uthi lokhu kukhomba ngokusobal­a ukuthi kunabantu abahlose ukuqhwaga leli pulazi yize kungelomph­akathi wonke.

UMnu Eric Mkhwanazi, ongomunye wabashayiw­e, uthi bona bebengekho ngisho epulazini obekuhlats­hwe kulona inkomo.

Uthi bekunomhla­ngano obubizwe yisihlobo sabo kuyodingid­wa udaba lokuhlukan­iswa kwendawo.

“Sithe singakaqal­i nje, kwaqhamuka izimoto zilandelan­a, kwehla abantu basingenel­a ngenduku. Abanye ebesinabo bagenciwe, mina ngisizwe ngomunye wabo ongaziyo, obelokhu ebakhuza,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa kwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aphenya amacala amabili, elokushaya ngenhloso yokulimaza nelokuceke­la phansi impahla kodwa bekungakab­oshwa muntu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa