KUGENCWE ABANTU KUBANGWA IPULAZI
SIMUNCU isimo KwaMangethe, eMandeni, emuva kokuba kuqhume induku kwalimala kabi abantu kubangwa ipulazi ngeSonto ntambama.
Kubikwa ukuthi kuyimanje kunabantu ababili abalaliswe esibhedlela emuva kokugencwa kanzima ngabantu abaziwayo endaweni, ngenxa yalo mbango.
Kuthiwa abasolwa bangene epulazini lomphakathi wakule ndawo, iBhekamafa Farm, bahlaba enye yezinkomo ngokungemthetho, emuva kwalokho, kwanuka usi beyosa.
Amalungu omphakathi kuthiwa ashayela amaphoyisa okubikwa ukuthi afike azidlela izoso, angababopha abasolwa.
Abasolwa kuthiwa basuke lapho baqonda komunye umndeni wakhona endaweni, bavulela ngenduku kwagencwa abantu ababili.
Kuzokhumbuleka ukuthi ILANGA libike kabanzi ngodaba oluthinta umphakathi waKwaMangethe kulo nyaka, lapho kuvele ukuthi kunoqhekeko oluqale uthengelwa iBhekamafa Farm ngo2002.
Kulolu daba kwabikwa ukuthi kunabebefuna ukuthi kuphume owesilisa obesebenza kulo njenge- sub contractor, ngaphansi kweTongaat Hullet kanti abanye bafune ahlale.
Ilungu lomphakathi, elicele ukungadalulwa ngoba lesaba ukuthi lizokwenzakaliswa, lithi kuqale kwamenyezelwa ngeledlule ukuthi kuzoba nomhlangano kuleli pulazi. Lithi lokhu kubasolisile ngoba bekungatshelwa bonke abantu.
“Sicuthile eduze kwepulazi sifuna ukuzibonela, nebala bafikile maqede bahlaba inkomo eyodwa kulezi ezisepulazini lomphakathi.
“Sishayele amaphoyisa ngoba lokhu kuphambene nomthetho futhi bebengazange bakhulume nomphakathi ongabanikazi baleli pulazi. Amaphoyisa afikile kodwa angenza lutho. Sithe uma siwabuza ukuthi kungani engakhuzanga lo mhlola, asitshela ukuthi afice isikhumba kuphela,” kusho ilungu lomphakathi.
Uthi lokhu kukhomba ngokusobala ukuthi kunabantu abahlose ukuqhwaga leli pulazi yize kungelomphakathi wonke.
UMnu Eric Mkhwanazi, ongomunye wabashayiwe, uthi bona bebengekho ngisho epulazini obekuhlatshwe kulona inkomo.
Uthi bekunomhlangano obubizwe yisihlobo sabo kuyodingidwa udaba lokuhlukaniswa kwendawo.
“Sithe singakaqali nje, kwaqhamuka izimoto zilandelana, kwehla abantu basingenela ngenduku. Abanye ebesinabo bagenciwe, mina ngisizwe ngomunye wabo ongaziyo, obelokhu ebakhuza,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa kwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aphenya amacala amabili, elokushaya ngenhloso yokulimaza nelokucekela phansi impahla kodwa bekungakaboshwa muntu.