UTHI ISOKA LIGWETSHELWE UBALA
IKHALA iyazithulisa intokazi yaseMgungundlovu efuna ukuba iNkantolo yesiFunda, eMgungundlovu, ikhiphe ngokushesha ejele isoka layo eligwetshwe udilikajele ngecala lokuthi layidlwengula, ekubeni yona yayivule elokushaywa.
UNkz Thina Immaculate Malinga (32) waseZondi, e-Elandskop, uthi wethuke kwaphela nasozwaneni eyosula icala abelivulele uyise wengane yakhe, uSandile Mncwabe, wabe esetshelwa ngamaphoyisa esiteshini ukuthi usedonsa udilikajele ngecala lokuthi wamdlwengula ngosuku bexabana.
UNkz Malinga usejube abenhlangano elwela amalungelo eziboshwa, iJustice for Prisoners ukuba babuyisele udaba eNkantolo yesiFunda eMgungundlovu kubuyekezwe isinqumo. Elandisa uthi ngoNcwaba (August) nyakenye, waxabana nesoka lakhe bebanga ukuthi limfice nomfana othile lamshaya. Uthi ingxabano yaphela ngentathakusa, emgoba inkani ngomthathanduku, emshiyela ugwayi, baxolelana.
“Konakale sengifika ekhaya umngani wami esengihlohla ethi mangiye emaphoyiseni ngiyovula icala lokuthi ungishayile. Ngimbophile, kwafika amaphoyisa ngabhalisa isitatimende ngisho ukuthi ungishayile kepha kangizange ngithi ungidlwengulile,” kusho uNkz Malinga.
Uqhube wathi: “Icala belilokhu lihlehliswa izikhawu zaze zaba zine, ngacabanga ukuthi ngisazobizwa ngiyofakaza njengomuntu ofake isimangalo. "Ngezwa ukuthi uncishwe nebheyili ngabe sengiya emaphoyiseni ngiyozama ukulesula ngoba ngabe ngimbophe ngisadiniwe futhi ngihlohlwe ngumngani wami. Ngithe ngifika ngibuza, kwathiwa usegwetshwe udilikajele ngeke lisesulwa.
"Owesifazane engamfica emaphoyiseni, wangiyisa enkantolo ukuba ngiyozizwela. "Nakhona bathi sekonakele, usegwetshiwe. Ngiye kuyena ejele wangilandisa ukuthi ummeli kahulumeni owabe emmele wameluleka ukuba awavume wonke amacala athweswe wona ukuze kungachithwa isikhathi senkantolo.
"Nebala wavele wavuma nokuthi walala nami engazi ukuthi kanti uthweswe necala lokuthi wadlwengula hhayi ukuthi sasivumelene. Ngizwa obukhulu ubuhlungu ngalesi senzo sephoyisa elathatha isitatimende.
"Ngiyamkhumbula uyise wengane yami. Sengingumuntu omubi ngisho nakwabakubo, bacabanga ukuthi yimi engamvulela icala lokudlwengula. Cabanga nje ukuthi wangishaya ngomhla ka-20 kuNcwaba, waboshwa ngomhla ka-21, wavela enkantolo ngomhla ka-23, wagwetshwa udilikajele ngomhla ka-28! Konke nje kwashesha,” kusho uNkz Malinga.
Okhulumela inhlangano yamalungelo eziboshwa, uMnu Derick Mdluli, ukuqinisekisile ukuthi sebenxuse abenhlangano yabammeli basemajajini ukuba bajube ummeli ozomela uMncwabe enkantolo enkulu.
Kuqalwe ngokuba kufakwe isicelo sebheyili ngaphambi kokuba kufakwe esokuba kuqulwe kabusha udaba lwakhe ngoba sekunobufakazi obusha obuqinile.
Uthi inhlangano yabo isisize abantu abaningi ababoshelwa amacala abangawenzanga ngenxa yobudedengu bamaphoyisa asuke ethatha izitatimende, kwesinye isikhathi angabachazeli kahle abamangalelwa ngamalungelo abo.
“Kulolu daba sikholwa wukuthi isitatimende kasithathwanga ngendlela efanele, kwakumele kwehlukaniswe udaba lokushaya nokulalana. Owathatha isitatimende wayazi ukuthi laba babethandana futhi banomntwana.” knowledge.simelane@ilanganews. co.za