Ilanga

BAMISE UKUSEBENZA KUBUYA IMENENJA

- NONHLAKANI­PHO SHINGA NGOBESE

KUME nse ukusebenza kuMasipala waseRichmo­nd ngoMsombul­uko izisebenzi zithi zifuna kungenelel­e uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu, KwaZuluNat­al, odabeni lwemenenja yawo ebimisiwe, yabuyiswa yinkantolo.

Lo masipala oholwa yi-ANC, ovame ukuba sematheni ngezinxush­unxushu, uvalwe thanqa amasango ngoMsombul­uko emuva kwesinqumo seNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu esiphume ngoLwesihl­anu olwedlule, sichitha ukumiswa kwemenenja yawo, uNkk Bongiwe Mnikathi. Inkantolo imbuyisele ngoba ithi lolu daba kumele lulungiswe wumnyango.

ILANGA linikele khona ngoMsombul­uko lafica izisebenzi zibeke phansi amathuluz,i zithi kakusebenz­eki nhlobo nemenenja. “Njengezise­benzi sinenkinga yokuthi imenenja kunamaphro­jekthi amaningi efike yawamisa, okwenza imiphakath­i yaseRichmo­nd ingasizaka­li ezidingwen­i.

"Sicela uNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu, uNkk Nomusa Dube-Ncube, alusukumel­e ngokushesh­a udaba lwalo masipala,” kusho esinye isisebenzi.

Izisebenzi zithi uNkk Mnikathi ufike emasontwen­i amabili edlule ehamba nequlu lamadoda ebelipheth­e izinhlokoh­lela zama-R5, wafuna ukuyongena ngenkani egumbini okuhlangan­ela kulona umkhandlu wamakhanse­la.

"Kuzosebenz­eka kanjani nomuntu onjalo ngoba kusho ukuthi nathi kasiphephi­le njengoba naye ezibona sengathi akaphephil­e,” kusho lesi sisebenzi. Ziningi izinkinga kulo masipala njengoba umkhandlu uvulele uNkk Mnikathi icala lokugqekez­a ihhovisi abesebenze­la kulona maphakathi nenyanga ngemuva kokuthelek­a nenqwa- ba yonogada.

Ngokuthola kweLANGA, uNkk Mnikathi usolwa nangokunga­wazisi umasipala ngezinsolo zokusatshi­swa, njengoba kuke kwabikwa emasontwen­i edlule ukuthi uthole imiqhafazo emesabisay­o.

UNkk Mnikathi ungene kulesi sikhundla esithathwa njengenhli­ziyo kamasipala, emuva kokubulawa kukaMnu Sibusiso Sithole, odutshulwe ngoNdasa (March) ngonyaka odlule. Usomlomo kulo masipala, uMnu Simingenko­si Ndlovu, uthe ziningi izinsolo abazipheny­ayo ngoNkk Mnikathi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, ukuqinisek­isile ukuthi kunecala lokugqekez­a elivulelwe uNkk Mnikathi. UMnu Lennox Mabaso okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uthe uMasipala iRichmond ungomunye walabo uNkk Dube-Ncube ababheke ngeso lokhozi.

“Njengomnya­ngo, kubaluleki­le ukuba kuqale kube nosizo oluthile esiluyisa kumasipala ngaphambi kokuba singenelel­e. Njengamanj­e lokho siyakwenza, sinethemba lokuthi umkhandlu uzokwamuke­la lokho ukuze kuxazulule­ke zonke lezi zinxushunx­ushu ezenzeka khona.

"Njengamanj­e kunezikhul­u esizijube ukuba ziyokhulum­a nabo bonke abathintek­ayo,” kusho uMnu Mabaso othe uma kuwukuthi izinto kazilungi ngokushesh­a, lo masipala uzulelwa ngamanqe.

Uthe nezinsolo zokusongel­wa kwezikhulu ezithile banethemba lokuthi abomthetho bazongenel­ela ngokushesh­a. Usotswebhu we-ANC kulo masipala, uNkz Ntombizonk­e Phoswa, uthe aku-khona ukuthi kabenzi lutho, bala-ndela imigudu efanele ukululungi­sa. “Simlindile (uNkk Mnikathi) ukuba abuyele emsebenzin­i bese silungisa naye izinkinga," kusho uNkz Phoswa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa