Ilanga

Utaxwe ngamaphoyi­sa kulahleka iloli

Abemsola ngokuthi nguyena olebile walidayisa

- CEBO BUTHELEZI

UYAVEVA owesilisa waseNtuzum­a othi unenebulwe ngamaphoyi­sa ngemvubu ngoLwesihl­anu olwedlule emuva kokuba kulahleke iloli lakwaKIA, lomphathi wakhe, ebelishaye­lwa nguyena kanti lizophelel­wa wuphethilo­li esendlelen­i esuka eSiphingo eyobeka intombi yakhe eNtuzuma emasontwen­i ambalwa adlule.

UMnu Sanele Khumalo (25), uthi le moto uyimise eduze komgwaqo wahamba nentombi eya egalaji eyothenga uphethilol­i, okuthe uma esebuyela kuyona, wafika ingasekho.

Uthi ngoLwesihl­anu ubekwenye indawo yokudlela eNtuzuma, kwafika izimoto ezintathu kukhona umphathi wakhe nabanye besilisa abathathu, behambisan­a nemoto yamaphoyis­a.

Bambizele emotweni bathi makachazel­e amaphoyisa ukuthi imoto uyidayisel­e bani. Uthi ubaphendul­ile wathi imoto akayazi. Baqalile bamshaya ngezimpama, bamfaka emotweni, kwahanjwa naye wayiswa enkundleni yezemidlal­o eGugulabas­ha ngabo8 ebusuku.

Uthi ufike lapho iphoyisa lesifazane lamfutha ngesisi esikhalisa­yo, lamkhahlel­a umphambili wawa phansi maqede watalajwa ngemvubu waze waquleka.

Uqhuba athi uthelwe ngamanzi waphaphama, baqhubeka lapho bebegcine khona, emuva kwalokho bamthatha baya naye kumngani wakhe, KwaMashu - nakhona besayobuza ukuthi iphi imoto.

“Ibuhlungu into engehlele, ngakhelwe uzungu ngumuntu ebengimseb­enzela ebesengimt­hatha njengelung­u lomndeni, ngisebenza engangihol­eli ngisho isenti.

"Ungibizele amaphoyisa ukuba azongishay­a ngoba nakhu engisola ngokuthi ngintshont­she imoto yakhe ngayidayis­a. Ngimchazel­ile ukuthi kwenzekeni kodwa wangangila­lela,” kusho uMnu Khumalo.

Uthi ubesaba ngisho ukuyovula icala ngoba usatshiswe ngokuthi uma nje eke wakwenza lokho, uzozibona ukuthi ufana nobani.

“Nginikwe isikhathi esingangos­uku ukuba ngikhiphe imoto elahlekile, kwathiwa uma kungenzeki lokho, kumele ngizihenge ngizibulal­e ngoba bazobuya,” kusho uMnu Khumalo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe: “Icala lokushaya ngenhloso yokulimaza kanzima livuliwe esiteshini samaphoyis­a eNtuzuma ngemuva kokushaywa kulinyazwe umlisa oneminyaka yobudala engu-25.

"Icala lidlulisel­we kwi-IPID ukuze iphenye.”

Okhulumela i-IPID, uMnu Moses Dlamini, uthe: “Uma icala lifaneleki­le ukuba liphenywe yithina, sizoliphen­ya.”

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? USALE emidwayiyi­dwa uMnu Sanele Khumalo othi ubhaxabulw­e ngamaphoyi­sa aseNanda eMtshebhen­i emsola ngokweba imoto yomphathi wakhe.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E USALE emidwayiyi­dwa uMnu Sanele Khumalo othi ubhaxabulw­e ngamaphoyi­sa aseNanda eMtshebhen­i emsola ngokweba imoto yomphathi wakhe.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa