Ilanga

BAZOGABISA NGEZIZWE ZABO KOWENDONI

- MTHOBISI SITHOLE

ISHAYA ngonyawo olusha iNdoni Miss Cultural South Africa yalo nyaka njengoba zonke izizwe zizoqala ngokuzibon­akalisa ngokwezizw­e zazo.

Lokhu kuvezwe ngumsungul­i weNdoni, uDkt Nomcebo Mthembu, othe zizobe zibambene phansi phezulu njengoba zonke izizwe zizobe zinamaqemb­u ayobe ezimele mhla ka-15 kuZibandle­la (December) eNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC), eThekwini.

IKwaZulu-Natal izobe ikhombisa ezinye izizwe ngamahubo ezintombi, indlamu, ijadu, ushameni nomshado.

Uthi inhloso yokusungul­a lo mncintiswa­no wezintombi wukugqugqu­zela ukuziphath­a kahle kwentsha, wukugqugqu­zela amasiko, inhlonipho nemfundo okubalwa nokugwemek­a kwezifo, ubugebengu nokukhulel­wa kwentsha imbala.

Ukusungula kwakhe iNdoni ngo-2011 uthi kwamukelek­e kakhulu eNingizimu Afrika ngoba ucwaningo luveza ukuthi ngisho umnotho weTheku uthuthuke ngaphezu kuka-R32 000 000 kwazise lo mcimbi wenzelwa khona.

Uthi indoni iqhakambis­a kakhulu imfundo entsheni njengoba intokazi ephume phambili ihlonyulis­wa ngomfundaz­e ka-R100 000 kanti elale isibili yemuka no-R50 000.

Utshele ILANGA ukuthi ngaphambi komcimbi omkhulu, mhla ka-9 kuzoba nesidlo santambama sokwemukel­a abazomela zonke izizwe, mhla ka-14 kuzoviliye­lwa kusukwa eKing Dinuzulu Park kuze kuyophethw­a eCity Hall khona eThekwini.

Amathikith­i omcimbi omkhulu atholakala eWebticket­s nasePick 'n Pay, ngo-R150.00 awezicukut­hwane wu-R400.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa