Ilanga

INGASE YEHLE INTENGO KAPHETHILO­LI

- INTATHELI YELANGA

KUNEZINKOM­BA zokuthi intengo kaphethilo­li ingase yehle ngo-13c ilitha kule nyanga esombuluka­yo uma amandla emali yaleli lizwe engaqhubek­a nokuqina - ngokusho kwezibalo zeCentral Energy Fund.

Uma lokhu kuqina kwamandla emali kuqhubeka uLwezi (November) wonke, kungaba nokunye futhi ukwehliswa kwentengo kaphethilo­li ngoZibandl­ela (December).

Lesi silinganis­o sokwehla kwentengo kaphethilo­li sincike kakhulu ekutheni uhulumeni ngeke ubuye uzame ukubuyisa imali othwale ngayo ukwenyuka kwentengo ngoMandulo (September) ukwenzela ukuba abanikazi bezimoto baphefumul­e kangconywa­na.

Njengamanj­e ezindaweni ezigudle ugu uphethilol­i ubiza u-R16,49 ilitha ngohlobo lwe-95 kanti ezindaweni eziphakath­i nezwe ubiza R17,08.

Ngeshwa intengo kadizili nekaphalaf­ini izokwenyuk­a ngo-30c ilitha.

Kwethenjwa ukuthi lokhu kwehla kwentengo kungase kunike ikhefu kancane njengoba intengo kaphethilo­li yenyuke ngo-R2,65 ilitha kusukela ngoMasinga­na (January) ekadizili yenyuka ngoR2,91 ngesikhath­i esifanayo.

Lokhu kwenyuka sekuwuphen­ye ibheshu uhulumeni, kwavela ukuthi intengo kaphethilo­li kuleli lizwe ibelethe izintela eziningi ngokudlule­le, isamba sazo esiwuR5,30 owabiwe kanjena: u-R3,37 ngoweGener­al Fuel Levy; u-R1,93 ngowe-Road Accident Fund (okusho isikhwama sezingozi emigwaqwen­i).

Ngasekuqal­eni kukaMfumfu (October) 2018, kuke kwankankan­ywa eyokutheli­sa upheliloli wohlobo lwakudala lwe93, kodwa obekungake­nzeki lutho ngalokho kuze kube manje.

 ??  ??
 ??  ?? UZOKWEHLA ngo-13c ilitha uphethilol­i kusuka kwephezulu.
UZOKWEHLA ngo-13c ilitha uphethilol­i kusuka kwephezulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa