Ilanga

ENYE INCWADI NGO-ISAIAH SHEMBE

- BONGINKOSI ZONDI

KUNXUSWE abantu ukuba bagweme ukugxeka into abangenalo ulwazi lwayo ngesikhath­i kwethulwa incwadi ekhuluma ngomsungul­i webandla lamaNazare­tha, uMphrofeth­i Isaiah Shembe, ngoLwesibi­li eCity Hall, eThekwini.

Le ncwadi ethi, “The Massenger of God: Sacred Tales of Prophet Isaiah Shembe‚” ibhalwe nguMfu Mthembeni Mpanza ongumholi weNew Nazareth Baptist Church.

Ekhuluma kulo mcimbi uMnu Jabulani Gumede, wenkampani eshicilele le ncwadi, uthe uyakholwa wukuthi uJesu Krestu noShembe bamunye.

Uthe abantu mabagweme ukugxeka lokho abangenalw­azi ngakho, wathi uyisemkhul­u kaMphrofet­hi u-Isaiah kwabe kunguMzaze­la wakwaKhuma­lo, isibongo sakwaShemb­e savela ngezizathu zokuphepha ngenxa yezimo ezazikhona ngaleso sikhathi.

Ukhulume nangomsuka wegama lendawo amaNazaret­ha ayazi kakhulu, ebizwa ngokuthi kuseMkhayi­deni, ngaseRicha­rds Bay, wathi leli gama lakhiwe ngamagama amabili: elengilosi enkulu, uMichael, nelendawo okuthiwa yiEden, uShembe “akuboniswa ngesikhath­i esezulwini”.

UMfu Mpanza uthe incwadi iyatholaka­la ngesiNgisi ukuze ifinyelele kubantu abaningi, babe nokuqonda ngenkolo yobuNazare­tha, futhi kulungiswe amaphutha enziwa ngabalobi abamhlophe, ababebuye bawuhlanek­ezele umlando ngenxa yokungabi nolwazi ngoShembe.

Uveze nokuthi kunomseben­zi abaphezu kwawo wokuba kube nefilimu exoxa ngoMphrofe­thi u-Isaiah Shembe, ezoqoshwa ngabantu abanesigqi nabahlonis­hwayo endimeni yokuqopha amafilimu.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa