UZOFIHLWA NGESONTO UMCULI KAMASIKANDI
UFIHLWA ngeSonto kubo KwaPharafina, eMsinga umculi kamasikandi oshone ngesonto eledlule emuva kokungaphatheki kahle empilweni isikhathi eside.
Ngokuthola kwephephandaba
kuzolandelwa lonke usiko lwesintu nakuba kuke kwaba nomsindo wokuthi unina walo mculi, onguMzofanayo “Thwalinja” Nsele - obengumholi weqembu Amashayina Amahle - akahambisani nokuba kulandelwe nenkolelo yalo mculi oshone esekhonza ebandleni lamaNazaretha.
UThwalinja ushonele esibhedlela iChurch of Scotland, eMsinga kade engeniswe ngoLwesibili lwesonto eledlule ekhale ngokukhathala emzimbeni nokuphelelwa ngamandla.
Umfowabo, uMnu Dokwe Nsele, uthe: “Umama uvumile ukuba kwenziwe lonke usiko, wazicelela ukuthi yena angafakwa kulona ngoba siyazazi izinto angasahambisani nazo." Lo mculi uqiniswe wukugula ngo2012 ephethwe ngamehlo, avaleka ngo-2013.
"Yonke le minyaka bekuzanywa ukuba alashwe, kodwa odokotela bethi amehlo akhe kawanalutho, kuyabadida ukuthi kungani engaboni. Ubesedonswa ngisho ephumela emnyango, kanti emculweni ugcine ngo-2011 ngenxa yokuthi ubesehlala kubo eMsinga egula.
Ekuguleni kwakhe bekusolwa izinto zomsamo wakubo okuthiwa unina ukhethe insindiso, washisa indlu yangenhla, wathatha izincekwa emsamo wazimukisa nomfula.
Kubikwe ukuthi ababhulayo bebethi kumele kulungiswe lokho, kodwa unina kaThwalinja angayingeni ngenxa yenkolo yakhe.
Leli qembu ebelishisa izikhotha kumasikandi eminyakeni edlule, liphenjwe ngo-1995 nguThwalinja, uShomani “Ngedlane” Mkhize noMbuyiswa “Sdudlumesedisi” Dladla nabo abangasekho emhlabeni.
Lidume ngezingoma okubalwa ethi iSoweto, Ngeke Ngikhohlwe, eZola nethi Inyokana Eluhluzana nezinye.