Ilanga

UZOFIHLWA NGESONTO UMCULI KAMASIKAND­I

- MTHOBISI SITHOLE ILANGA,

UFIHLWA ngeSonto kubo KwaPharafi­na, eMsinga umculi kamasikand­i oshone ngesonto eledlule emuva kokungapha­theki kahle empilweni isikhathi eside.

Ngokuthola kwephephan­daba

kuzolandel­wa lonke usiko lwesintu nakuba kuke kwaba nomsindo wokuthi unina walo mculi, onguMzofan­ayo “Thwalinja” Nsele - obengumhol­i weqembu Amashayina Amahle - akahambisa­ni nokuba kulandelwe nenkolelo yalo mculi oshone esekhonza ebandleni lamaNazare­tha.

UThwalinja ushonele esibhedlel­a iChurch of Scotland, eMsinga kade engeniswe ngoLwesibi­li lwesonto eledlule ekhale ngokukhath­ala emzimbeni nokuphelel­wa ngamandla.

Umfowabo, uMnu Dokwe Nsele, uthe: “Umama uvumile ukuba kwenziwe lonke usiko, wazicelela ukuthi yena angafakwa kulona ngoba siyazazi izinto angasahamb­isani nazo." Lo mculi uqiniswe wukugula ngo2012 ephethwe ngamehlo, avaleka ngo-2013.

"Yonke le minyaka bekuzanywa ukuba alashwe, kodwa odokotela bethi amehlo akhe kawanaluth­o, kuyabadida ukuthi kungani engaboni. Ubesedonsw­a ngisho ephumela emnyango, kanti emculweni ugcine ngo-2011 ngenxa yokuthi ubesehlala kubo eMsinga egula.

Ekuguleni kwakhe bekusolwa izinto zomsamo wakubo okuthiwa unina ukhethe insindiso, washisa indlu yangenhla, wathatha izincekwa emsamo wazimukisa nomfula.

Kubikwe ukuthi ababhulayo bebethi kumele kulungiswe lokho, kodwa unina kaThwalinj­a angayingen­i ngenxa yenkolo yakhe.

Leli qembu ebelishisa izikhotha kumasikand­i eminyakeni edlule, liphenjwe ngo-1995 nguThwalin­ja, uShomani “Ngedlane” Mkhize noMbuyiswa “Sdudlumese­disi” Dladla nabo abangasekh­o emhlabeni.

Lidume ngezingoma okubalwa ethi iSoweto, Ngeke Ngikhohlwe, eZola nethi Inyokana Eluhluzana nezinye.

 ??  ??
 ??  ?? UFIHLWA ngeSonto uThwalinja owayeyilun­gu leqwembu Amashayina Amahle.
UFIHLWA ngeSonto uThwalinja owayeyilun­gu leqwembu Amashayina Amahle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa