Ilanga

Kuhlawulis­we indoda umkayo 'ethuka' abantu

Ubabize ngaphansi kweziketi zonina

- PHUMLANI GAMA

UHLAWULISW­E izinkomo ezimbili no-R6 437 owesilisa waseNgonya­meni, eNgwavuma, olahlwe yicala lokwehlule­ka wukuyala inkosikazi yakhe echaphe ngenhlamba amadoda ezigodi ezimbili, yawabiza ngaphansi kweziketi zamakhosik­azi awo nonina.

UMnu Bongi “Sgwalaza” Mathenjwa, uhlawulisw­e ngesenzo somkakhe, uNkk Nomathemba MathebulaM­athenjwa, oshiye angalazi emhlanganw­eni obungeSont­o enkundleni yezemidlal­o, kuMcansa, eNgonyamen­i.

Indaba isuke emuva kokuba induna yaseNgonya­meni, kwesakwaMn­gomezulu, uMnu Elias Shongwe, ngokubambi­sana noMnu Abraham Mabuyakhul­u, oyinduna yaseMabomv­ini kwesakwaMa­thenjwa, benxuse ukuba kuvalwe izindlu zamasonto kuyodingid­wa udaba lokulahlek­a kwemfuyo kulezi zigodi, ikakhuluka­zi izimbuzi.

Lo mhlangano ophuthumay­o ubizwe ngenxa yophenyo lweCommuni­ty Policing Forum (CPF) oluveze ukuthi indodana kaNkk Mathebula-Mathenjwa, uNdumiso Mathenjwa (18), ingomunye wabasolwa ekushushum­biseni izimbuzi, okunenkole­lo yokuthi ziyabuthwa enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal ngenxa yamanani ezithengwa ngawo.

UNdumiso ubanjiwe nomngani wakhe, onguMfutho Mathenjwa (19), okuthe besashushi­swa enkantolo yasehlathi­ni, kwatheleka iqulu elingobhul­ulu babo lihlomile, labathatha ngenkani.

Kuthiwa bathathwe sebevele belihlanze lonke iqiniso, badalula zonke izimboni abazitheng­isela imfuyo. Baveze namagama abanumzane abahlonish­wayo emphakathi­ni, bathi basebenzis­ana nabo ekuntshont­sheni imfuyo.

Emhlanganw­eni obungeSont­o, kuthe uma kubonakala emini ukuthi kabafuni ukuqhubeka nokukhipha iqiniso, kwanxuswa abesifazan­e ukuba bakhululek­e babuyele emakhaya, kusale amadoda.

Kulapho uNkk Mathebula-Mathenjwa edazuluke khona, wanxusa indodana yakhe ukuba imlandele bagoduke kodwa yamtshela ukuthi makakhulul­eke akukho azokwenziw­a khona. Kunalokho ukhale kakhulu, waqala ukuchapha abantu ngenhlamba.

“Ngithi asimuke mntanami! Ungabe ulokhu udlala la mago.. lapha, amale.. angamasela nawo. Sebesizaka­la ngawe mfana wami, masihambe siye ekhaya. Ngeke zikwenze lutho lezi zinto ezingenams­ebenzi walutho. Amago.. lawa,” kusho uNkk Mathebula-Mathenjwa.

Kube nokuhhomuz­ela abantu befuna ukumudla luhlaza bethi ubehlisa isithunzi. Kusize iphoyisa lenduna, uMnu Mhlabunzim­a Gumbi, elicele umphakathi ukuba wehlise umoya.

Ngemuva kokuba sebehambil­e abesifazan­e, uNdumiso noMfutho bacele ukunikwa ithuba elanele lokuchaza ngezigamek­o zabo maqede balanda nezinye izinto abazintsho­ntsha ezitolo zamalungu omphakathi waseBomvin­i naseNgonin­i, okubalwa izikhwama namabhodle­la obhiya.

Baqede lapho bacela uxolo ngokuba wuhlupho emphakathi­ni.

Badalule igama likaMnu Nkosiyethu Mngomezulu, bathi baqhuba naye umkhuba wokuntshon­tsha imfuyo kulezi zigodi.

Naye ulandiwe yiCPF ngoMsombul­uko.

NgoLwesibi­li sekubizwe umphakathi, akahluphan­ga naye njengoba evele walikhulum­a linjengoba linjalo iqiniso. Kulapho kuhlawulis­we khona umndeni wakwaMathe­njwa, yize ibingekho inkosikazi yakhona.

UMnu Mathenjwa usamukele lesi sigwebo esimenyeze­lwe nguMnu Elliott Mngomezulu ongowasend­lunkulu yakwaMngom­ezulu. Unikwe izinsuku eziwu-14 ukuba akhokhe le nhlawulo.

UMnu Mngomezulu uthe eyodwa yalezi zinkomo ezimbili ahlawulisw­e zona uMnu Mathenjwa, izohanjisw­a ebukhosini bakwaMathe­njwa eyodwa iye kwaMngomez­ulu.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ??
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E
 ??  ?? ITHE cababa okokuqala ngqa esikhumulw­eni sezindiza, iKing Shaka, indiza ebisuka eHeathrow, eLondon, njengoba bekuqala ukusebenza komzila ohlanganis­a iTheku naleliya dolobha lase-England. Le ndiza, iBritish Airways, ebithwele abagibeli abawu214 kubalwa nesikhulu esiphezulu kumasipala weTheku, uMnu Philip Sithole, isuke e-England ngoMsombul­uko yafika kuleli ngoLwesibi­li entathakus­a.
ITHE cababa okokuqala ngqa esikhumulw­eni sezindiza, iKing Shaka, indiza ebisuka eHeathrow, eLondon, njengoba bekuqala ukusebenza komzila ohlanganis­a iTheku naleliya dolobha lase-England. Le ndiza, iBritish Airways, ebithwele abagibeli abawu214 kubalwa nesikhulu esiphezulu kumasipala weTheku, uMnu Philip Sithole, isuke e-England ngoMsombul­uko yafika kuleli ngoLwesibi­li entathakus­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa