Ilanga

Kusolwa umndeni ngokufa komculi

Udutshulwe wabulawa ephuma emngcwaben­i womfowabo

- MTHOBISI SITHOLE ILANGA,

KUSOLWA ingxabano yomndeni mayelana nokudutshu­lwa kubulawe umculi wombhaqang­a, uSandile Khwela, oshone ngeSonto.

Ngokuthola kweLANGA ngemithomb­o yalo, kunokungab­oni ngaso linye emndenini njengoba kuyona le nyanga kwenzeke isigameko esifanayo kubulawa umfowabo obeyiphoyi­sa esiteshini saseMarian­nridge, eMariannhi­ll.

UKhwela udutshulwe ngeSonto ntambama ebuya KwaNdengez­i emngcwaben­i womfowabo, onguWarran­t Officer Bhekisigci­no Zethembe Khwela (54), ILANGA elibikile ngokubulaw­a kwakhe esemzini wakhe.

Ngokusho komunye umthombo obusondele­ne kakhulu nalo mculi, ubengenazo izitha kodwa bekuno- kungaboni ngaso linye emndenini wakubo njengoba selokhu uqalile unyaka, ayadutshul­wa amalungu awo.

“Bekunezink­inga eziningi abekhala ngazo kubo futhi esho nokuthi naye akaziboni ephephile ngoba kunomkhank­aso omubi, odlangile kubantu bomndeni wakhe. Bengingazi-ke ukuthi naye usengaze abulawe njengoba ubeyindoda ezithulela­yo, engezwani nokukhulum­a,” kusho umthombo.

Lo mculi ungeniswe egunjini labagula kakhulu emuva kokudutshu­lwa.

Uthintwa umndeni wakhe, ucele ukuba kuxhunyanw­e noMnu Nhlanhla Mtaka okuthiwe nguyena owukhulume­layo .

UMnu Mtaka ngokwesita­timende asithumele­le uthe: “Siwumndeni silahlekel­we ngumuntu ongazange alifulathe­le ikhaya enayo indlela nezizathu ezazingame­nza enze njalo.

“Umsebenzi wakhe ubumhambis­a amagumbi amane omhlaba lapho abengahlal­a khona aphephe, anethezeke nabantwana bakhe. Nokho lokho akakwenzan­ga ngoba imvelaphi yakhe ibibalulek­ile kuye.

“Ukufa kumzume enakekela abakwabo abebesosiz­ini lokufelwa. Kuncane nokho esingabe sisakusho ngaphandle kokuthi siwumndeni sishayeke udume olungenqiw­a ntwala. Obethu ubuhlungu sibuzwela manje ngoba siyayazi imisebenzi yale nsizwa yethu emphakathi­ni waseNingiz­imu Afrika nasemhlabe­ni jikelele. Ukuhamba kukaSandil­e yima kusazozwel­a ngoba abanjengay­e akubona abansuku zonke.”

Ebuzwa ngezinsolo zokuthi ukushona kwalo mculi kumayelana nezingxaba­no zomndeni, uthe akukho akwaziyo ngalokho, wathi akubhalwe okusesitat­imendeni.

UKhwela uzofihlwa ngoMgqibel­o eShongweni Dam emuva kwenkonzo ezokuba seMariannr­idge Hall ngo-9 ekuseni. Wazakhela kakhulu igama elihle esebenza neqembu loMbhaqang­a, iMadlala Brothers.

Uhlomule ngezindond­o kwiSouth African Traditiona­l Music Achievemen­ts Awards (Satma) eguqisa amanye amaciko ombhaqanga.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe kuvulwe icala lokubulala nelokuzama ukubulala esiteshini samaphoyis­a KwaNdengez­i kodwa akukaboshw­a muntu.

mthobisis@ilanganews.co.za.

 ??  ?? USANDILE Khwela
USANDILE Khwela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa