Ilanga

U-BENJAMIN DUBE UGONYULUKA NGOKUMHLUK­UMEZILE

- LUCKY CAIN

UMAKADEBON­A emculweni wegospel, uBenjamin Dube ( osesithomb­eni), ugonyuluke okokuqala mayelana nengoma okubikwe emithonjen­i eyahlukene yabezindab­a ukuthi uyebile.

UDube, ongomunye wabaculi abahlonish­wayo kwi- gospel, kuzokhumbu­leka ukuthi kuke kwasuka umsindo phakathi kwakhe noBrenda Mtambo mayelana nengoma ethi, “He Keeps On Doing Great Things”.

U-Brenda ukhale ngokuthi uDube usebenzise indlela yakhe ukucula le ngoma ngaphandle kokumazisa. Emithonjen­i yabezindab­a ebishicile­la lolu daba, uDube ubengathol­akali ukuze aphawule ngale ngoma.

Echaza okokuqala, uvumile ukuthi indlela ayicula ngayo le ngoma iyafana nekaBrenda ethi, “Ungenzela Konke Okuhle” kodwa akusho ukuthi ngeyakhe (uBrenda).

“Le ngoma iyaculwa emabandlen­i ahlukene njengoba uBrenda eyicula ngesiZulu ethi, “Ungenzela Konke Okuhle‚” Akuyona eyakhe kodwa yingoma ekhona eculwayo ezindaweni ezahlukene,” kusho uDube.

Uthi okubuhlung­u wukuthi ngesikhath­i uBrenda enezikhalo ngale ngoma, akazange amqonde kodwa ubabele ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

“Ngangilind­ele ukuba eze kimina uma kukhona akubona ngikuntsho­ntshile. Ngokwami, akukho okuphamben­e engakwenza ngoba ingoma iyaziwa futhi indala. Ukuthi siyicula ngokufana, akusho ukuthi kukhona osentshont­shele omunye,” kusho lo mculi eveza nokuthi ngaphambi kokuqopha le ngoma wabe ezimisele ngokuseben­za naye uBrenda kodwa kwagcina kungenzeka­nga.

UDube, osebe kulo mkhakha iminyaka ewu-36, uthi phakathi kwezingqin­amba aseke wahlangabe­zana nazo, kazikho ezidlula ukuhlukani­sa kwakhe emishadwen­i emibili.

“Indlela lezi zigameko ezenzeke ngayo nangendlel­a ezibikwe ngayo, zingithika­mezile kodwa ngakwazi ukufunda futhi ngavuka ngazithath­a,” kusho yena.

Uthi nakuba wahlukanis­a kodwa akukho azisola ngakho.

“Okwenzekil­e bekumele kwenzeke ngoba ezinye izinto azikho emandleni ethu emhlabeni, kodwa kusuke kunguNkulu­nkulu ethatha indawo yakhe,” kusho yena.

Lo mculi, oseke wahlabana ngenqwaba yezindondo, uncome iKwaZulu-Natal ngokukhuli­sa nangokuthu­thukisa umculo we- gospel. Uncome ukuzimisel­a nangokunyu­sa izinga kwabaculi balesi sifundazwe kulolu hlobo lomculo.

“Ngendlela engibona ngayo, abaculi bakulesi sifundazwe bawuthathe bawubeka kwelinye izinga umculo we- gospel,” kusho uDube.

Uthi kuyajabuli­sa ukubona abantu abasha bengena futhi benza kahle kulolu hlobo lomculo ngoba isikhathi siyabading­a abantu abasha abasondele­ne noNkulunku­lu. Uqhube wathi yingakho kwi-albhamu yeSpirit of Praise 7, ephume kulo nyaka, bebandisil­e abaculi abaqhamuka KwaZulu-Natal.

“Uma ubheka abaculi abafana noThinah (Zungu), uDumi (Mkokstad), u-Ayanda (Ntanzi) ngabaculi abenza kahle kakhulu, yingakho sikhethe ukuthi uma sesiqopha iSpirit of Praise sibabize babe yingxenye yethu,” kusho uDube enanela ngokuthi yingakho bekhethe ukuyonandi­sa eThekwini ngoMgqibel­o.

“Ngiyafisa abantu baKwaZuluN­atal baphume ngobuningi ukuzobona okokuqala iSpirit of Praise inandisa bukhoma. Sithembisa ubusuku bendumiso nevosho,” kusho yena.

Uveze ukuthi nakuba esebe kulo mkhakha iminyaka kodwa kuningi asazimisel­e ukukwenza kuwona.

Uthi ngonyaka ozayo uzoqopha iDVD ye-In His Presence, azimisele ukuhlangan­isa kuyo abaculi base-Afrika nabapheshe­ya kwezilwand­le.

“Sengiwaqal­ile amalungise­lelo, abantu mabalindel­e into ezobabusis­a futhi abazoyitho­kozela,” kusho uDube. Imizamo yokuthola uBrenda iphunzile, njengoba ubengathol­akali ocingweni lwakhe.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa