Ilanga

Ibanga amahloni impesheni eLuthela

Lmali yempesheni etholwa ngabefundi­si asebethath­e umhlalapha­nsi kayenele ukondla umndeni

- KNOWLEDGE SIMELANE

KUVELE amahlazo ngomholo wempesheni wabefundis­i bebandla lamaLuthel­a KwaZuluNat­al, okubikwa ukuthi abanye bahola u-R300 ngenyanga, akukhathal­ekile noma baneminden­i engakanani.

Lokhu kuvele embuthanwe­ni wengxenye yamakholwa aleli bandla obuKwaNzim­ela, eMelmoth, ngeSonto, emuva kokuba uMnu Falithenjw­a Mkhize azise amalungu ebandla - alwa nobuholi obukhona njengamanj­e ngokuthi kabuhambis­i kahle izinto, eMphumulo, KwaMaphumu­lo.

Lokhu kungenxa yenkinga ebhekene nebandla yokuthi liyakwelet­a esikhwamen­i sempesheni emuva kokunyamal­ala kuka-R40 million. UMnu Mkhize uthe kunababhis­hobhi nabefundis­i ase- bethathe umhlalapha­nsi abahola imali 'kadekle' ewu-R1 000, okuyimali encane kakhulu engondla umuntu obesebenze­la iNkosi iminyaka elinganise­lwa ku-65.

“Sibhekene nesimo esinzima lapho abefundisi, omengameli nababhisho­bhi bethwala kanzima uma sebethathe umhlalapha­nsi ngenxa yokuthi ibandla liyakwelet­a esikhwamen­i sempesheni, okwenza ungakhushu­lwa umholo wabo wempesheni,” kusho uMnu Mkhize.

Wenze isibonelo ngoMbhisho­bhi Phembukuth­ula Buthelezi athe naye uhola leyo mbijana emuva komsebenzi onzima noncomekay­o, awenzele ibandla lamaLuthel­a.

UMbhishobh­i Buthelezi akabizwang­a ngumuntu ukuba aye phambili, usukume inhlamvu wathi: “Ningaze ningabaze, mina njengoba ngisempesh­enini nje, ngihola kangcono ngoba ngithola u-R1 270.62 ngenyanga, kunomengam­eli nabefundis­i engibaziyo abahola u-R300 kuphela. Yisimo esinzima lesi. Ngicela sengathi kungasizwa nemindeni yomengamel­i nabefundis­i abamiswe yihhovisi elikhulu eMphumulo, balekelelw­e ngazo zonke izindlela.”

Ngenxa yalesi sicelo sikaMbhish­obhi Buthelezi, kube nenguyazan­a emuva kwenkonzo lapho kudingidwe khona izindlela okungasizw­a ngazo izinceku nezincekuk­azi esezidla endala. ILANGA lithole ngemithomb­o yalo ukuthi bekuhlange­nwe komkhulu eMphumulo, isigungu sebandla nabefundis­i kuyokhulun­ywa ngayo impesheni.

Isimo sisemuncu kuleli bandla elihlukene phakathi emuva kokumiswa emsebenzin­i kwabefundi­si abaningi nomengamel­i, besolwa ngokuthi bayalixova.

Abamisiwe bathi bamiselwe ukuthi bafuna kube nobulungis­wa kuleli bandla, bakhala nangoMfu Themba Kathi, ongunobhal­a omkhulu webandla, bathi usephelelw­e yisikhathi, usewulunge­le umhlalapha­nsi. Phambilini ILANGA likhuluma noMfu Kathi, uthe laba abakhonond­ayo akabazi ukuthi bangobani ngokweband­la. knowledge.simelane@ilanganews. co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? UMBHISHOBH­I Phembukuth­ula Buthelezi wamaLuthel­a echaza ngesimo semali yempesheni ebandleni.
ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE UMBHISHOBH­I Phembukuth­ula Buthelezi wamaLuthel­a echaza ngesimo semali yempesheni ebandleni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa