Ilanga

AYAVALWA AMABANDLA AZIMELE

- BONGINKOSI ZONDI

KUKHONA okusina kujeqeza amabandla azimele njengoba kunemibiko ethi e-Angola kule nyanga uhulumeni wakhona ushaye umthetho onemibande­la ewumqansa kwabafuna ukuba ngabefundi­si phansi kohlelo lwamabandl­a azimele. Lokhu kuvele emazwini ommeli weFOR SA - okuyinhlan­gano emele izinkolo ezahlukene - u-Adv Nadene Badenhorst encwadini yale nhlangano ejikelezay­o, eyikhiphe ngoLwesibi­li. Phakathi kokunye, le ncwadi ihlaba imikhuba kaMfu Timothy Omotoso ohola ibandla elibizwa ngeJesus Dominion Internatio­nal, okumanje ugqigqa eNkantolo eNkulu yasePort Elizabeth ngohide lwamacala athweswe wona okudlwengu­la nokushushu­mbisa abantu. U-Adv Badenhorst uthi umyalezo okule mibiko ucacile; uma amabandla aseNingizi­mu Afrika engazilawu­li, aqondise izinto, “singazitho­la sisesimeni lapho uhulumeni uzosenzela lowo msebenzi”.

Kule ncwadi iFOR SA, ilincome kakhulu iqhaza leCRL Commission eholwa nguNkk Thoko Mkhwanazi-Xaluva, lokuveza obala imikhuba engemihle eyenzeka kwamanye amabandla, nokuphenya ibheshu kubazenzis­i abagcwele emkhakheni wezenkolo

ILANGA libuza kuMnu Michael Swain, ongumqondi­si weFOR SA, ukuthi angakanani amathuba okuba nakuleli sibone uhulumeni ulawula ukuqhutshw­a komsebenzi wezenkolo, uthe njengamanj­e sekukhona okwenziway­o.

Ngokusho kwakhe bakwenza lokhu ukuze kube nomkhomban­dlela wokuziphat­ha ozobhekele­la lokho, ohlelwa yiSouth African Charter for Religious Rights and Freedoms futhi owesekwayo wubuholi obumele abantu ababalelwa ku-25 000 000.

Wengeze ngokuthi inkululeko yezenkolo kayisoze yaba yizaba zokwenza izenzo ezingekho emthethwen­i, wathi lapho zibikwa khona izigameko eziphamben­e nenkolo, uhulumeni mawubophe, ushushise abathintek­ayo.

Ngokomthet­ho oshaywe e-Angola, sekuzoba ngabaneziq­u zezenkolo zasenyuves­i abazovunye­lwa ukusebenza njengabefu­ndisi, futhi kumele amabandla abo abe namalungu awu-100 000 kuya phezulu. Abanamalun­gu angaphansi kwalesi sibalo amabandla abo azovalwa. Kube yileso naseRwanda ngasekuqal­eni kwalo nyaka, okuholele ekuvalweni kwamasonto awu-6 000. Kuthiwa amabandla amaningi kula mazwe asehlangan­a ngomshosha­phansi ngoba ukwenza umkhuleko noma kuphi kakusavuny­iwe, kumele wenziwe ezakhiweni ezivunywe wuhulumeni kuphela.

 ??  ?? NGUMFU Timothy Omotoso ohola ibandla iJesus Dominion Internatio­nal, okumanje ugqigqa enkantolo ngohide lwamacala athweswe wona.
NGUMFU Timothy Omotoso ohola ibandla iJesus Dominion Internatio­nal, okumanje ugqigqa enkantolo ngohide lwamacala athweswe wona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa