Abazali mabalwele ukuhlonishwa hhayi ukwesatshwa
UKUKHULISA ingane kakulula, ngisho nakubantu abashadile bebambisene impela.
Kuye kube nezikhathi ezinzima lapho uthola ingane imane iphambane nezimfundiso zasekhaya, kwesinye isikhathi okudala ukuba abazali bagcine sebengasaboni ngaso linye. Kwesinye isikhathi ingane yenza okuphambene kangangokuthi uyise aze ayixoshe ekhaya mhlambe athi uyangenelela unina - ezama ukubhula umlilo, naye azithole esexoshwa kuthiwe uyayivuna.
Obaba banayo le ndawana yokujwayela ukuthi uma kone ingane bamane bayibhanqe nonina, kube sengathi ubekade ehamba nayo noma yizimfundiso zakhe ezone ingane. Kusuke kungenjalo, mhlawumbe lezo zimfundiso izithole kubangani noma ekuhambeni kwayo okungahlangene nonina.
Ngike ngibuke ubudlelwano bengane ekhuliswa ngabazali bobabili - mhlawumbe beyikhulisela emshadweni - bese ngiqhathanisa nekhuliswa ngumzali oyedwa, imvamisa unina. Ngokubuka kwami, ukhona umehluko kulezi zinhlobo zobuzali, kanti nendlela yokukhulisa kayifani.
Imvamisa obaba izingane ziyabesaba kunokuba zibahloniphe. Mhlawumbe isizathu salokhu wukuthi basuke baqhakambise ukuthetha kakhulu kunokuyala nokweluleka.
Omama bona zivame ukungabesabi, kodwa ziyabahlonipha ngenxa yokuthi bona kabenzi njengobaba; bathi bethetha, kodwa babe nendlela yokumbonisa umntwana agcine akheka kunoku- ba athethiswe atshelwe nendlela angelutho ngayo.
La mazwi avamise ukuphuma kobaba bedinwe yisenzo sengane. Lokhu kugcina kuyilimaza ingane emphefumulweni. Omama bayakwazi ukulwa nesenzo esibi sengane, hhayi ukulwa nengane uqobo lwayo.
Okunye okwenziwa ngomama wukuthi ingane bayeluleka ngokwakhayo, bayenze ilibone iphutha layo. Uma ubuka ubudlelwano phakathi kwengane ekhuliswa ngunina yedwa, iba nokusondelana okungcono naye kunekhuliswa ekhaya elinabazali bobabili.
Lokhu kungaba ngenxa yokuthi ubaba uyesatshwa kunokuba ahlonishwe. Umama okhulisa ingane yedwa uyasondela enganeni baxoxe ngakho konke okungaphazamisa impilo yayo futhi engekho nomuntu ozothi uyayivuna.
Kuyisifiso sami ukuba abazali bazihluphe ngezimfundiso ezakhayo, ezizobasiza ekubeni babe ngabazali abaqotho nabahloniphekile kunokuba babe ngabethusayo nabesabisayo.
Lokho kuyosiza ukuba izingane zabo zisondele kubo futhi zivuleleke kubona kuqala kunokuba zivuleleke kubangani bazo. Imizi eminingi iyoma uma abazali beqikelela ukuba nobudlelwano obuhle nobakhayo nezingane zabo.
Makhosi Ndleleni uMaZulu wakwaZondo Insika (Isigodlo) UThishanhloko waseMatatane Secondary School mthiyanesgs@yahoo.com Ungaxhumana naye ku: 082 752 7342