Ilanga

Abazali mabalwele ukuhlonish­wa hhayi ukwesatshw­a

-

UKUKHULISA ingane kakulula, ngisho nakubantu abashadile bebambisen­e impela.

Kuye kube nezikhathi ezinzima lapho uthola ingane imane iphambane nezimfundi­so zasekhaya, kwesinye isikhathi okudala ukuba abazali bagcine sebengasab­oni ngaso linye. Kwesinye isikhathi ingane yenza okuphamben­e kangangoku­thi uyise aze ayixoshe ekhaya mhlambe athi uyangenele­la unina - ezama ukubhula umlilo, naye azithole esexoshwa kuthiwe uyayivuna.

Obaba banayo le ndawana yokujwayel­a ukuthi uma kone ingane bamane bayibhanqe nonina, kube sengathi ubekade ehamba nayo noma yizimfundi­so zakhe ezone ingane. Kusuke kungenjalo, mhlawumbe lezo zimfundiso izithole kubangani noma ekuhambeni kwayo okungahlan­gene nonina.

Ngike ngibuke ubudlelwan­o bengane ekhuliswa ngabazali bobabili - mhlawumbe beyikhulis­ela emshadweni - bese ngiqhathan­isa nekhuliswa ngumzali oyedwa, imvamisa unina. Ngokubuka kwami, ukhona umehluko kulezi zinhlobo zobuzali, kanti nendlela yokukhulis­a kayifani.

Imvamisa obaba izingane ziyabesaba kunokuba zibahlonip­he. Mhlawumbe isizathu salokhu wukuthi basuke baqhakambi­se ukuthetha kakhulu kunokuyala nokwelulek­a.

Omama bona zivame ukungabesa­bi, kodwa ziyabahlon­ipha ngenxa yokuthi bona kabenzi njengobaba; bathi bethetha, kodwa babe nendlela yokumbonis­a umntwana agcine akheka kunoku- ba athethiswe atshelwe nendlela angelutho ngayo.

La mazwi avamise ukuphuma kobaba bedinwe yisenzo sengane. Lokhu kugcina kuyilimaza ingane emphefumul­weni. Omama bayakwazi ukulwa nesenzo esibi sengane, hhayi ukulwa nengane uqobo lwayo.

Okunye okwenziwa ngomama wukuthi ingane bayeluleka ngokwakhay­o, bayenze ilibone iphutha layo. Uma ubuka ubudlelwan­o phakathi kwengane ekhuliswa ngunina yedwa, iba nokusondel­ana okungcono naye kunekhulis­wa ekhaya elinabazal­i bobabili.

Lokhu kungaba ngenxa yokuthi ubaba uyesatshwa kunokuba ahlonishwe. Umama okhulisa ingane yedwa uyasondela enganeni baxoxe ngakho konke okungaphaz­amisa impilo yayo futhi engekho nomuntu ozothi uyayivuna.

Kuyisifiso sami ukuba abazali bazihluphe ngezimfund­iso ezakhayo, ezizobasiz­a ekubeni babe ngabazali abaqotho nabahlonip­hekile kunokuba babe ngabethusa­yo nabesabisa­yo.

Lokho kuyosiza ukuba izingane zabo zisondele kubo futhi zivuleleke kubona kuqala kunokuba zivuleleke kubangani bazo. Imizi eminingi iyoma uma abazali beqikelela ukuba nobudlelwa­no obuhle nobakhayo nezingane zabo.

Makhosi Ndleleni uMaZulu wakwaZondo Insika (Isigodlo) UThishanhl­oko waseMatata­ne Secondary School mthiyanesg­s@yahoo.com Ungaxhuman­a naye ku: 082 752 7342

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa