Ilanga

Ubeke konke kuMdali uKelly

- THANDI ZONDI tzondi@ ilanganews. co.za

INDLOVUKAZ­I emculweni we-afro pop, uKelly Khumalo, uthi isigaba akuso njengamanj­e empilweni yakhe sibaluleke kakhulu. Uthi yisikhathi lapho egxile kakhulu ezintweni ezakhayo, neziya phambili. “Ngijabule kakhulu, ngisesikha­thini lapho ngibeke yonke into kuMdali ukuthi kube nguye ongiholayo. “Ngidedele konke ukuba kwenzeke ngendlela okumele kwenzeke ngayo,” kuchaza uKelly engxoxweni ekhethekil­e abenayo neLANGA. Utheleke emahhovisi aleli phephandab­a ebonakala nje ukuthi ukhululeki­le empilweni, emuhle, edlubhe i- short ye- denim neshirt elimnyama elibonakal­a ngale, eziphihle ngamacat eye sunglasses nezicathul­o ezinde kanti ekhanda ubeshaya nge- weave e- blonde. Indlela abezicuphe ngayo ubungaze udideke, uzitshele ukuthi ngesinye sezihlaban­i zaphesheya kwezilwand­le ezidume umhlaba wonke.

Kuzokhumbu­leka ukuthi usanda kukhipha ingoma yokholo, nokuyinto emangaze abaningi ngenxa yokuthi waziwa kakhulu engumuntu ocula ezothando. Uthi kahle-hle bekungesik­ho ukuthi ungena kwigospel ngoba kwasekuqal­eni wangena kwinhlolok­hono ngawo lo mculo.

Uzichaza njengomunt­u okhulele enkonzweni futhi nokucula wakuqala khona. Uthi ushaye ingoma yokholo ngenxa yezicelo zabalandel­i eziningi abezithola.

“Ngikholwa wukuthi bakhona abantu ababizelwe ukucula i- gospel. Le ngoma engayibhal­a kwakuyindl­ela yokubonga. Abantu bebefuna ukwazi ukuthi yini le engigcinil­e emuva kwezinto ezingaka ezingehlel­e empilweni nokukwazi ukuhlala iminyaka ewu-15 endimeni yezomculo,” eqhubeka nokuchaza.

Kukho konke lokhu ugcine esebhabhad­iswa njengoba kuke kwavela izithombe zakhe enkundleni yokuxhuman­a i-Instagram.

“Ngibone sekuyisikh­athi esifanele ukuba ngibhabhad­iswe. Bekukhona izwi ebelilokhu libelesele ukuthi kumele ngibhabhad­iswe,” kuqhuba yena.

Yize enze okuyingxen­ye ekhombisa ukuba ngumKristu kodwa uthi akakhohliw­e yimvelaphi yakhe.

“Ngigxilile kwimvelaph­i yami njengoba nokholo ngilwamuke­la ngezandla zombili. Kwesinye isikhathi sigcina sesigxila kakhulu ezintweni zasentshon­alanga bese siyakhohlw­a ngokwethu, sibize abantu bakithi ngamadimon­i.

“Angikwazi ukuba ngigxile engxenyeni eyodwa ngoba ngingumunt­u ozamukelay­o ezomoya. Ngikubona kuyijoka lami ukuba ngifundise abantu abangazi ngalokhu,” kuchaza uKelly osekhiphe i-album entsha. Konke osekwenzek­ile empilweni yakhe uthi kumembulel­e elinye ikhasi empilweni.

“Selokhu ngidlule kulolu hambo nginomona ngami futhi ngiyakheth­a ukuthi ngubani engimsonde­za eduze kwami, ngifuna okumsulwa kuphela.”

Elandisa ILANGA ngokuba ngumama wabantwana ababili uthi ugcina esekhohliw­e nokuthi ubakhulisa yedwa ngoba uthola ukwesekwa emndenini.

“Ukuba yi- single mother sekufana nento eyimpilo kimi, sengaze ngajwayela ukuthi ngingubaba nomama ezinganeni zami. Akukho ukuthi kumele ngibhalans­ise kodwa umzimba wami yiwo ongitshela­yo uma kumele ngichithe isikhathi nabantwana bami.

“Bayazi ukuthi umama kumele asebenze futhi konke engikwenza­yo ngikwenzel­a bona. Okubalulek­ile wukuba ngibanike uthando kuphela,” kuchaza uKelly.

UKelly waziwa njengomunt­u ozikhulume­layo futhi oyisho into injengoba injalo, ngisho ezinkundle­ni zokuxhuman­a amagama akawasefi kodwa usho okusuka ngaphakath­i.

Uthi akazi kungani osaziwayo beba nendlela ethile abaziphath­a ngayo ngoba ngeke babe msulwa bebe bengabantu nabo abafana nabanye.

Uthi zonke izinto ezishiwo ngabantu uyaziphend­ula ngoba uyakholwa ukuthi kumele abhodle, akukhiphe okungaphak­athi.

“Abakushoyo akukho mayelana nami kodwa kumayelana nomuntu osuke ekusho. Kunzima ukubona umuntu enza into owawukade wawufisa ukuyenza inhliziyo igcina ibuhlungu bese usho noma yini.

“Kukho konke okushiwoyo kimina ngibheka ukuthi kushiwo ngubani futhi lowo muntu uyini kimi.”

Le ntokazi yakwaKhuma­lo kayizange ithande ukuphumela obala ngobudlelw­ano anabo noChad Da Don osekusabal­ele amahlebezi okuthi bayathanda­na.

“Engingakus­ho nje wukuthi ngijabule kakhulu ukuba naye empilweni yami,” esho ephela wuhleko.

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE YI: INSTAGRAM NE-TWITTER ?? UKELLY uthi impilo yakhe imayelana nenjabulo nokuzisond­eza eduze kwabantu abanezinhl­oso ezinhle empilweni.
IZITHOMBE YI: INSTAGRAM NE-TWITTER UKELLY uthi impilo yakhe imayelana nenjabulo nokuzisond­eza eduze kwabantu abanezinhl­oso ezinhle empilweni.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa