Ilanga

AYANDA BUTHELEZI

- @Xololwaban­tu Suthu Madikizela: @ThasoHTX: @Penxenxe: @Ntokozo_Shandu: ayandab@ilanganews.co.za

UTINYELIWE uThembisa Mdoda, ongumlingi­si nomethuli wezinhlelo kumabonaku­de ngamazwi atolikwe njengawoku­dicilela phansi imisebenzi kasomabhiz­inisi omnyama esikhundle­ni sokumeseka ebhizinisi­ni lakhe.

UMdoda ubephawula ngemikhiqi­zo yasekhishi­ni kasomabhiz­inisi waseGoli, uZonke Ndaba obhale ekhasini lakhe leFacebook ememezela ukuthi uzokwethul­a uhlobo lwezitsha zasekhishi­ni zekhethelo ngonyaka ozayo.

UZonke weZiyanda Appliances, okumanje kusabalele izithombe zempahla yakhe okuyi- toaster, yiketela, ne- mixer, umemezele ngoLwesith­athu ukuthi ngonyaka ozayo uhlele ukwethula ngokusemth­ethweni uhlobo olusemgang­athweni lwezitsha zasekhishi­ni ezizoba sezingeni lomhlaba.

Esanda kufaka izithombe zomkhiqizo athi ngowezandl­a zakhe, unconywe kakhulu ngokuba ngusomabhi­zinisi omnyama ofike nokwahluki­le futhi okusezinge­ni elicokeme.

Lezi zitsha ezakhiwe ngesitayel­a sesimanje zikhanga ngemibala egqame ngokunothi­le edlisa ngemi- dwebo yesiNdebel­e. Ngokwekhas­i labo le-instagram, i-@ziyanda_appliances, intengo yeketela ingu-R5 500 kanti i- toaster ingu-R6 500. Emuva kwesikhash­ana uZonke efake izithombe ezihambisa­na nenani, ishintshil­e inkulumo abaningi baqala bazibuka ububanzi bamaphaket­he abo kwezemali. USomahlaya uTrevor Gumbi uphawule wathi uma engazithen­ga izitsha zeZiyanda angazibeka kwiroom divider, ubuke kodwa ungathinti. Uthe ofuna ukwenza itiye noma ikhofi kungamele alinde yena aze abuye.” Kube sekuphawul­a uThembisa ethi uphoxekile uma ethola ukuthi le nkampani akusiyona eyomuntu omnyama kodwa ngekaMnu Rafael Pinto Maia, oyi- designer. Ube esetinyelw­a ngokufuna ukugqama ngokubukel­a phansi amandla omuntu omnyama kunokumese­ka.

Kuze kwalamula ozibiza ngoLungile Kunene ekhasini lakhe ocacisile ukuthi uMnu Pito Maia ubesebenzi­sana noZonke ukudweba imihlobiso yalo lo mkhiqizo.

Eziphendul­ela uZonke uthe iZiyanda inkampani yabantu abamnyama kuphela, ingxenye yayo engu-30% ngabesifaz­ane.

Uthe umbono wayo ugqugquzel­we wuthando nokugcina isiko lobu-Afrika ngokulihla­nganisa nomkhiqizo osemgangat­hweni futhi osezingeni lomhlaba ukuqhakamb­isa ubuhle ngezindlel­a ezahlukene.

“Ukucacisa ngokuseben­zisana kwami noRafael, ngimthumel­e imidwebo yami ngamcela ukuba athasisele ngolwazi lwakhe olunzulu njengoba aziwa kakhulu kwi- industrial designing ngethemba lokuthi uzophinde angisize ngixhumane nabangatha­nda ukutshala imali ( investors) kuleli bhizinisi, kusho yena.”

Lokhu kufakazelw­e nguPito Maia othe akasiyena umnikazi wale nkampani nomkhiqizo wayo kodwa ubecelwe nguZonke ukuba amsize nge- design kuphela.

UZonke uthe igama elithi Ziyanda liqhamuke ngesikhath­i ezama ukuqhamuka negama - uhlanganis­e igama lakhe nesibongo. Ubonge labo ababeka umkhiqizo wakhe ezingeni elifana nelaleyo esemgangat­hweni yaphesheya, okubalwa iSMEG.

BAPHAWULA BATHINI? La manani awazikhulu­mi izilimi zaseNingiz­imu Afrika.

Awukwazi ukuthenga le mikhiqizo bese uzofaka kwitoaster isinkwa osithenge ko-' my friend.’ Udinga isinkwa saseWoolie­s.

Laba abaphawula ngamanani eZiyanda yi-bona kuqala abakhuluma kakhulu ngo-kungasekwa ngokwa-nele kosomabhiz­inisi bakuleli. Siyanibuka.

Omama bethu bebezithan­da izinto ezinhle futhi imikhiqizo eminingi efana noTupperwa­re no-AMC yama ngenxa yabo. Nathi sizoweseka uZiyanda, uzoma futhi uzokhula ngoba siyisizwe esesekanay­o.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa