Isifo samarabi
NAMHLANJE ngifisa sibheke isifo samarabi (Rabies). Kuyinto evamile ukuba emtholampilo kahulumeni sibhekane nabantu abazofuna usizo emuva kokuba belunywe izinja ezindaweni abahlala kuzo. Ngenxa yolwazi olusabalaliswe izwe lonke cishe wonke umuntu lapha kwelikaMthaniya useyazi manje ukuthi uma ulunywe yinja udinga ukuphuthuma emtholampilo bese uthola imijovo ekuvikela ekuthelelekeni ngesifo samarabi.
Okubuhlungu ngalesi sifo ukuthi abantu abatholakala ukuthi banaso abaphili kodwa bayashona isikhathi esiningi. Asikho isifo esibuhlungu njengalesi samarabi.
Emhlabeni nje wonke jikelele bambalwa kakhulu abantu abathi benamarabi kodwa baphile. Ukuphila kwabo kuba noshintsho olukhulu empilweni yabo kanye nasemndenini.
Abaningi baze bathi ngabe kungcono ukuba bavele bashona, lokhu bakusho ngoba vele impilo yabo isuke isibuthaka kakhulu ngendlela yokuthi kusuke kungasaphileki kahle.
Umbiko kazwelonke wakulo nyaka ngo-April ubuveza ukuthi bayisithupha abantu abatholakale benalesi sifo ngasikhathi lo mbiko uphuma. Kulaba bantu abane batholakale KwaZulu-Natal kanti laba ababili e-Eastern Cape.
Ngonyaka odlule bekubikwe ukuthi uyedwa kuphela umuntu otholakale enesifo samarabi lapha KwaZulu-Natal. Lokhu kuveza ngokusobala ukuthi lesisifo sindlondlobele kulo nyaka.
SIYINI ISIFO SAMARABI?
Amarabi yisifo abantu abangasithola ezilwaneni. Sibangelwa yigciwane eliphazamisa ubuchopho bese libangela ukufa. Leli gciwane lihlala ematheni kanti libangelwa ukulunywa yisilwane esinalo.
Okusemqoka ngalesi sifo ukuthi sitholakala ezilwaneni. Ngokujwayelekile thina sonke sazi ukuthi yinja kuphela eba namarabi, kodwa lokhu akusilo iqiniso. Isifo samarabi sitholakala ezilwaneni izifana: Izinja Amakati Amalulwane Ochakide Ojakalasi Impungushe emnyama. KwaZulu-Natal yinja ehamba phambili ekutheleleni abantu ngesifo samarabi. Ukuze sizoqonda kahle ngalesi sifo mhlawumbe ake sibheke izilwane ezimbili ezijwayelekile noma eziphila kakhulu nabantu ukuthi ngabe zona zibonakala kanjani ukuthi zingaba nesifo samarabi.
IZINJA:
Ziba nochuku, ukukhala okukhomba ukuzwela ubuhlungu, ukuhlasela ngaphandle kokukhonkotha, ukugxumela nokuluma izinambuzane ezingekho, ukugqolozela endaweni eyodwa isikhathi eside, ukuhamba kwenja ingazi iyaphi, ukulengisa umhlathi ongezansi, ukwehluleka ukugwinya, ukudla inhlabathi nezinti, ukuqina komzimba, ukuhlanza, ukuhamba kanzima kanye nokukhubazeka.
AMAKATI:
Amakati avele abe nolaka noma uchuku ahlasele ngaphandle kokunika izinkomba. ABANTU BANGENWA KANJANI YILESI SIFO?
Abantu bangenwa yilesi sifo uma belunywa yisilwane esinaleli gciwane ngoba lisuke lisabalele ematheni aleso silwane. Kungenzeka ukuthi abantu bathole lesi sifo ngokuthi amathe esilwane esinalesi sifo angene endaweni yomzimba esikekile, emlonyeni kanye nasemehlweni. Izilwane ezinamarabi zibonakala sengathi zinento ehleli emphinjeni njengoba zihlale zijuza amathe ngokweqile. Kumele uqikelele ukuthi awuzifaki izandla zakho emlonyeni waleso silwane ngoba kungenzeka ukuba ungenwe yilesi sifo uma isilwane leso sikuluma njengoba amathe aso azobe esethelela wena ngegciwane. Indle yezinkomo, izimvu, izimbuzi, amahhashi kanye nezimbongolo ingaphazamisa isimo sempilo uma kuwukuthi le ndle ihlezi obala ngoba umuntu onokusikeka esikhunjeni angatheleleka ngalesi sifo. IZIMPAWU ZAMARABI KUBANTU
Izimpawu zokuqala kubantu kuba ukuphathwa yikhanda, ilukuluku, umkhuhlane, ukuphalaza, kanye nokwesaba amanzi. Ekugcineni kuba nokukhubazeka komzimba, ukuba sesimeni esibucayi sokugula bese kulandela ukufa.
Ngokwejwayelekile kuthatha isikhathi esingamasonto amabili kuya kwalishumi kubantu nasezilwaneni ukuthi kuvele izimpawu zalesi sifo ngemuva kokuba singenile kumuntu noma esilwaneni.
Uma nje abantu noma izilwane sezikhombisa izimpawu zesifo samarabi alube lusaba khona usizo lokwelapha, abantu kanye nezilwane bayafa.
UKUVIKELEKA
Kusemqoka kakhulu ukuba izinja namakati kugonywe ukuze kwehlise ubungozi kubantu nasezilwaneni.
Izilwane ezincane kumele zigonywe kabili onyakeni wokuqala bese zigonywa kanye njalo ngemuva kweminyaka emithathu, noma, ngokokulawula komthetho kwababhekele izilwane kuhulumeni.
Cela ithikithi lokugoma kumnikazi wenja ukuze kuzoba nobufakazi bokuthi inja noma ikati ligonyiwe na, uma ligonyiwe ligonywe nini.
Emuva kwalokhu hamba uye emtholampilo ngokushesha ukuze uzohlolwa ukuthi ngabe isilonda sokulunywa singena kuluphi uhla. Kubo bonke abantu abalunywa izinja noma amakati bafakwa emgomeni obizwa ngeRabies Vaccine. Unikezwa esinsukwini ezahlukahlukene kusukela ngosuku olunywe ngalo yinja.
Ngokomthetho wezempilo waseNingizimu Afrika, lo mjovo uwuthola kusuku 0, 3, 7, 14. Usuku 0 usuku lokuqala lomgomo. Le migomo usuke unikezwa ngenhloso yokuvikela ukuthola amarabi.
Amarabi wona ngokwawo awalapheki. Okunye okwenziwayo uma usuhlolwe isilonda ukusihlaziya ngokobungozi. Uma ngabe kuyinxeba elivulekile kuvamisile ukuba unikwe umjovo obizwa ngeRabies Immunoglobulin.
*Bakwethu ake sikuveze ukuthi uma uwumuntu osebenza ngezilwane kukhona uhlelo iPreP ( preexposure profilaxis) ofakwa kulo ukuze nawe uzovikeleka.
Kodwa asiqapheleni izilwane futhi sazi ukuthi zingaba ingozi kakhulu. Ngakho-ke goma inja yakho bese uya emtholampilo uma ngabe ulunywe yinja noma yikati.
* Bafundi beLANGA njengoba sinikezela ngolwazi lwezempilo asiyithathi indawo kadokotela noma indawo yomtholampilo. Siyaqwashisa kuphela - uma kukhona okukukhathazayo bonana nodokotela wakho noma uye emtholampilo.