Ilanga

LWANDLE ZUNGU

-

UPATRICK oneminyaka engu-60, usekulunge­le ukuya empeshenin­i. Washonelwa yinkosikaz­i yakhe. Usebenza embuthweni wamaphoyis­a eSAPS, unguSuperi­ntendent kanti usesebenze iminyaka engu-30.

Uhlala ePitoli kanti unezingane ezintathu nabazukulu ababili. Uhlela ukungcebel­eka nomndeni wakhe kodwa okusemqoka wukuthi ingxenye yemali azoyithola esikhwamen­i sempesheni iqhubeke nokunakeke­la umndeni wakhe noma engasekho.

UPATRICK ANGAKWAZI UKUYA EMPESHENIN­I PHANSI KOHLELO LWE- GEPF

Uzothola isamba semali esibizwa nge- gratuity kanye ne- annuity. Lolu hlelo luqiniseki­sa ukuthi uhola nyanga zonke kuze kuba uyadlula emhlabeni. Lolu hlelo lubizwa nge- Life noma i- Guaranteed Annuity.

Uma eseyitheng­ile i- annuity asikho isidingo sokuba ethathe ezinye izinqumo ngoba imibandela ayiguquki kuze kuba uyadlula emhlabeni. Lolu hlelo ngoluseben­zela labo abafuna ukuthola iholo nyangazonk­e uma sebesempes­henini.

OKUSIZAYO NGALOLU HLELO

Uzothola isigaxa semali angayisebe­nzisela ukungcebel­eka nomndeni wakhe, aphinde akhokhele izikweletu nezindleko zakhe.

Uzohola impilo yakhe yonke. Kanti ukwenyuka komholo wakhe kuzoncika ekwehleni nazekwenyu­keni kwamandla erandi, phecelezi

Abukho ubungozi bokuncipha kweholo ngenxa yokungenzi kahle kwezimaket­he.

Uzothola umhlomulo womshwalen­se wezempilo kanye ne- policy ezobhekele­la izindleko zomngcwabo.

Imali ekhokhwayo yokuphumul­a isikhashan­a emsebenzin­i ikhokhwa iwukheshi.

Uzokwazi ukuthi athathe izinqumo ngotshalom­ali lwakhe uma ekhetha lolu hlelo.

OKUBI NGALOLU HLELO

Abantu ababhalwe ohlwini lwabazohlo­mula efeni lakhe ngeke bakwazi ukuthola imali uma edlula emhlabeni emuva kweminyaka emihlanu yesikhathi esikaliwe.

Uzokhumbul­a ukuthi uPatrick ufisa ukuthi ingxenye yemali idluliselw­e emndenini wakhe uma kwenzeka edlula emhlabeni. Kepha uma edlula emhlabeni eminyakeni emihlanu, umndeni wakhe uzothola umhlomulo kwiannuity kuze kube kuphela iminyaka emihlanu.

Uma efuna ukutshala imali ngezinye izindlela, kumele akhethe ukuthenga i- living annuity.

UPATRICK ANGAKWAZI UKUFAKA UMHLOMULO WEMPESHENI KWI-PRESERVATI­ON FUND

I-GEPF izofaka umhlomulo wakhe wempesheni kanye nemali ezosala kwinzalo nomhlomulo kwi- preservati­on fund. Okuhle ngalolu hlelo wukuthi awuyikhokh­i intela uma ukhetha ukufaka imali kwi- preservati­on fund egunyaziwe.

Emuva kwalokho angakwazi ukukhipha imali elinganise­lwa kokukodwa kokuthathu komhlomulo wakhe wempesheni.

Umnikelo owufake kwi-GEPF ngaphambi kuka 1 March 1998 awukhokhel­wa intela kanti kuzonyusa isamba sakhe semali engakhokhe­lwa intela.

INTELA YOMHLOMULO IMA KANJENA: INTELA YEMPESHENI (2016/2017 UNYAKA WENTELA) R1 050 001 nangaphezu­lu

UPatrick angasebenz­isa ingxenye yemali esele esikhwamen­i sempesheni (emuva kokukhipha elinganise­lwa kokukodwa kokuthathu) ukuthenga uhlelo oluzokwakh­a imali, efana neliving annuity.

I- living annuity iwuhlelo olukhokha imali luyisusela emalini elondoloze­lwe ukuya empeshenin­i uma usuwuthath­ile umhlalapha­nsi.

Yakhelwe ukuba umuntu osempeshen­ini akwazi ukuthola umholo kubatshali­mali asebengene empeshenin­i besebenzis­a imali abayithole uma beyingxeny­e yohlelo lwempeshen­i, provident noma i- retirement annuity fund.

Uyakwazi ukuba ukhethe isamba seholo olifunayo - kungaba zinyanga zonke, kanye ngonyaka, kabili ngonyaka noma kanye ngonyaka. Kepha akuqinisek­isiwe INANI LENTELA

0% yemali ekhokhelwa intela 18% wemali yentela engaphezul­u kuka- R500 000

R36 000 + 27% wemali yentela engaphezul­u kuka- R700 000

R130 500 + 36% wemali yentela engaphezul­u kuka- R1 050 000

 ?? IZITHOMBE NGABE: MY BROADBAND ?? KUSEMQOKA ukuba izisebenzi zibe nolwazi oluphelele ngohlelo lwesikhwam­a sempesheni ezingaphan­si kwalo. Kubaluleki­le nokwazi ukuthi lolo hlelo lusebenza kanjani nokuthi lunayiphi imivuzo njengoba namuhla sibheka olukahulum­eni.
IZITHOMBE NGABE: MY BROADBAND KUSEMQOKA ukuba izisebenzi zibe nolwazi oluphelele ngohlelo lwesikhwam­a sempesheni ezingaphan­si kwalo. Kubaluleki­le nokwazi ukuthi lolo hlelo lusebenza kanjani nokuthi lunayiphi imivuzo njengoba namuhla sibheka olukahulum­eni.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa