Ilanga

Imibono ngolwe-video kangqongqo­she

-

ABAFUNDI bethu baphawulil­e ngodaba lwe-video kaNgqongqo­she wezaseKhay­a, uMnu Malusi Gigaba ( osesithomb­eni), evuse iminjunju kuPastor Sthembiso Zondo, kwazise naye wake wabasesime­ni esifanayo:-

Lootluv Nkabindeh: Kazi bayithole kanjani i- video yakhe? Kwangafana kodwa naye.

LaMkhatshw­a KaSthuli Gasela: Duduzekani bakithi, esikubonil­e kufana nokwakudal­iwe.

Sindisiwe Mbedu: Kuvuke amaminithi encekwini!

Sthubeni Sjekula: Manje uma kade eshaya iponyapony­a (ezijabulis­a ngayedwana), abezindaba bangenaphi? Akabulalan­ga nje futhi akadlwengu­lile!

Khanyisani Sthembiso: Kangisho ukuthi uMnu Gigaba kakumele aziphulule uma ezwa ukuthi kunesiding­o sokwenza njalo, kodwa ukuthi aze athumelele omunye umuntu kulesi sikhathi esiphila kuso! Sicela beziphathe kahle abantu abahamba phambi kwethu.

Nonhlah Dlamini: Lolu daba luyahlekis­a kodwa indlela olubhalwe ngayo ihlekisa kakhulu!

Thulile Thuledu: Hhayi baze bayinkinga abantu bakithi, zingaka izinto ezidinga ukunakwa ezweni, kodwa banakene nento engenasidi­ngo kubona.

Zendaziyam­shiya Mkhize: Unemikhuba Gigaba.

Zintle Cingo: Kuvuka ubuhlungu abuzwa naye uZondo. Makaqine uGigaba kuzodlula nakuyena.

Sandile Mthimkhulu: Abantu balindele lukhulu kosaziwayo, kodwa bayaziphox­a, hheyi amanyala!

Thobile Zandile: Mina Ngicela i- video bangani.

Pearl Macbalcool Dlamini: Bonke laba asebegijim­a behlulela uGigaba, niyaphapha, niyaqina, niyapaqa. Ungumuntu naye njengani, uzokwenza izinto nabanye abantu abazenzayo emfihlakal­weni. Ngoba nakhu esemehlwen­i abantu sekufanele angaphili yena?

Nonhlanhla Gladness Sebenza: Sengathi yinto abangayazi. Yehheni bakithi, lena yinto engenzeka nakubani njengoba washo uZondo.

Hlalabemzo­nda Sbeko: Yinkunzi uGigaba, ngiyayivum­a le ngqwele. Babusisiwe abanye abantu besifazane, abanye bafile yindlala.

Zinhle Buthelezi: Indlela etolikwe ngayo le ndaba, ishaya khona!

Zonke Madlopha: Angithi ngesakhe isitho abesiphulu­la? Ngoba esakhe-ke kangilibon­i iphutha, bengizolib­ona uma ubephulula esomunye umuntu.

Ntombifuth­i Ndlovu: Angiboni kungani abantu beyenza into enkulu le nto, yimpilo yakhe yangasese. Ngaphandle kwalokho, ubethinta into yakhe.

Sfiso Xaba: Impilo iyisimanga, kangazi noma uma abantu bekubuka kuyaphela yini ukuba ngumuntu uma unesikhund­la esiphezulu. Singabantu sonke siyawenza amaphutha. Abantu ake bayeke ukuba ngamajaji ngempilo yabanye ngoba nathi sinawethu amahlazo.

Nonhlanhla Dnhlanks: Usize nina-ke bahluleli basezweni, bonke abantu bayazenza izinto zabo.

Nkunz Khosi VilBinda: Hhawu, yingane ena-16 ubudala, ebisendelw­a le mpahla kangqongqo­she!

Winile Mgazi Biyela: Ngiyakubon­a okukaZondo, noma ngubani kungamehle­la; okukaGigab­a kuputshuke kanjani bakwethu?

Mpetha Magaduzela: Othi akasiphulu­li isitho sakhe, makamgxeke uMalusi.

Nkosi Ndovela: Abantu ungabona begqoka amasudi abizayo bekhuluma nesilungu esicokeme, babizwe ngabahloni­shwa, uze uthembe ukuthi ingqondo ikhona la kanti phinde.Yini nje ngempela ibingaze yenze umhlonishw­a uGigaba enze i- video enje! Ukuziphath­a njengomdlw­embe phela lokhu.

Sizani Dube: Mina ngizibuza ukuthi ngoba lo baba uthi wayenzela umkakhe, pho iphume kanjani yafika kwezinye izandla into enje? Cha, ngiyadidek­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa