Ilanga

Abepolitik­i yibo abadala izinkinga kwiSABC

-

UKUDILIZWA kweziseben­zi ngesinye sezehlakal­o ezinzima nezidala ingcindezi enkulu empilweni yalabo abathintek­ayo. Kuleli lakithi, lapho imisebenzi ivele iyindlala – ngokweziba­lo zakamuva ezikhishwe yiStatisti­cs SA, bangaphezu­lu kwezigidi ezine abantu abakulunge­le ukusebenza, kodwa abangawuth­oli umsebenzi – mancane amathuba okuba labo abadilizwa­yo baphinde bawuthole umsebenzi.

Yingalesi sizathu isinqumo seSouth African Broadcasti­ng Corporatio­n (SABC) sokuhlongo­za ukudiliza izisebenzi ezibalelwa ngaphezu kuka-2000, ngenxa yokuba sobishini lokuswela imali, sethusa. Abaphathi bale nhlangano bakhala ngokuthi ingxenye ecishe ibe ngamaphese­nti awu-50 emali engenayo, isetshenzi­swa ukuholela izisebenzi, okuyisimo esesiyifak­e otakwini lokuba sezikwelet­ini.

I-SABC isize yayokhange­za kuhulumeni, icela usizo lwemali ukuze ikwazi ukuqhubeka nokwenza umsebenzi wayo.

Njengoba bekuvele kulindelek­ile, izinyunyan­a namaqembu epolitiki sebesihlab­ile lesi siphakamis­o sokudilizw­a kweziseben­zi. Ukuphikisa lesi siphakamis­o okwenziwa yizinyunya­na yinto vele ebilindele­kile ukwenzeka ngoba phela umsebenzi wazo wukuvikela amalungu azo.

Amaqembu epolitiki wona kakufanele agxambukel­e ekulawulen­i ukusebenza kwebhodi nabaphathi beSABC, okuyibona abakuqonda­yo okwenzeka kule nhlangano. Yikho kanye ukugxambuk­ela kosopoliti­ki ezindabeni zale nhlangano okudale lezi zinkinga ezikhona; kuzokhumbu­leka ukuthi ongqongqos­he ababengame­le ukusebenza kwale nhlangano phambilini, baphoqa ukuqashwa kwezikhulu ezithile ezazingawu­fundele umsebenzi, njengoMnu Hlaudi Motsoeneng nje.

Le nsizwa yakwaMotso­eneng, eyabe ingenaso ngisho isitifiket­i sikamatiku­letsheni, yagcina ixoshiwe kwaSABC, kodwa seyone kakhulu izinhlelo njengoba kubikwa ukuthi phakathi kokunye yazikhuphu­lela yona iholo ngezigidi zamarandi, yabuye yenza okufanayo nakobhulul­u bayo abasebenza kule nhlangano.

Naphezu kwezikhala­zo eziphikisa­na nokuhlelwe ngabaphath­i, kubukeka sengathi iSABC izophoqele­ka ukudiliza ngenxa yesimo esibi semali. Ngokubona kwethu, kuzofanele izembe lingagawul­i nje kuphela ezisebenzi­ni izisemazin­geni aphansi, kodwa nasezikhul­wini imbala.

Kakuyona imfihlo ukuthi izikhulu zale nhlangano ziyikha ngamahalav­u imali, ngakho kufanele kubuyekezw­e imihlomulo yazo ukunciphis­a izindleko. Mayelana nekusasa lale nhlangano, kubaluleki­le ukuba iqembu elibusayo, i-ANC, lipheze ukuyiseben­zisa njengethul­uzi lokusabala­lisa izinhloso zalo zombusazwe - ikakhuluka­zi ngezikhath­i zokhetho - ukuzuza amavoti.

Ukusetshen­ziswa njengethul­uzi lemfundiso-ze yiqembu eliphethe, yikhona kanye okudala ukuba izakhamizi zingayethe­mbi le nhlangano, okwenza ukuba ilahlekelw­e ngabalalel­i nababukeli, futhi ilahlekelw­e yizikhangi­so ezingenisa imali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa