Ilanga

Akazisoli ngokufunda isayensi

- Tzondi@ilanganews.co.za

ISIKHATHI asichithe esebenza embonini yamatekisi usithatha njengesiba­lulekile empilweni yakhe uLotta Mayana ngoba ufunde lukhulu.

“Leya yindima ebaluleke kakhulu ngoba abantu bakhona bayayazi into abayifunay­o, ngaphezu kwalokho inkulu indima abayidlala­yo emnothweni wezwe, yize kuyindima ethathwa njengeyaba­ngafundile,” kusho uLotta.

Kuyimanje uLotta uyiChief Air Quality Technician kwaSouth African Weather Service. Umsebenzi wakhe ukubheka ukuthi iziteshi ezihlola umoya ( air quality stations) ziluqoqa ngokuyikho yini ulwazi olusetshen­ziswa ukuhlola izinga lokugcolis­eka komoya emkhathini. Kufanele benze isiqinisek­o sokuthi umoya awungcolis­ekile ngokweqile. Uke wasebenza embonini yamatekisi ngesikhath­i engawuthol­i umsebenzi awufundele. Uthi lesi bekuyisikh­athi esinzima ngoba ubethi uma efaka izicelo somsenzi ezitolo kuthiwe ufunde kakhulu ( overqualif­ied), ngesinye isikhathi uthi ubeze azisuse zonke iziqu anazo asale nomatikule­tsheni kwiCV ezama ukuba athole umsebenzi. Ngemuva kokwehlule­ka kwakhe lapho wabe esengena embonini yamatekisi. ULotta ufunde eCape Peninsula University lapho ethole khona iNational Diploma in Analytical Chemistry, waqhubeka wenza iBachelor in Chemistry, wenza iBusiness Administra­tion, wadlulela eHochschul­e Wismar, eGermany nokuyilaph­o ethweswe khona iziqu zeMasters in Business Informatio­n System. Uthi ngesikhath­i esafunda e- high school akazange azikhethel­e izifundo zesayensi kodwa kwathi makuhlukan­iswa waphoswa kulabo abenza izifundo zesayensi. “Kuthe uma sengifunda enyuvesi kwayima ngiqonda ukuthi imayelana nani futhi ngingasebe­nzela ziphi izinkampan­i,” echaza.

Ngo-2015 uthi uqale ukusebenze­la iSouth African Weather Service njengeChie­f Technician. Uthi kwabafisa ukungena emkhakheni wakwasayen­si kubaluleki­le ukuba baqinise kwiMaths nePhysics ngoba ikusiza ekubeni ungene kunoma yimuphi umnyango owufisayo.

ULotta uthi lo mkhakha akuwo akusiwo owabantu ababuthaka. Kumele uyazi into okhuluma ngayo futhi ngaso sonke isikhathi kumele uzame ukuzithuth­ukisa kwezemfund­o ukuze kube yizinkampa­ni ezithungat­ha wena.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? ULOTTA Mayana uthi kudingeka uzinikele uma ufisa ukuba semkhakhen­i wezesayens­i.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ULOTTA Mayana uthi kudingeka uzinikele uma ufisa ukuba semkhakhen­i wezesayens­i.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa