Ilanga

UMotsepe ucasulwa yizenzo ezimbi zikaJali

Usehlale ekwabezind­aba ngezinto ezibhedayo

- SENZO SOKHELA

KUVELA ezithi udinwe uyaqhuma uPatrice Motsepe onguMengam­eli weMamelodi Sundowns yisenzo sika-Andile Jali ongumdlali wale kilabhu afuna ukuba athathelwe izinyathel­o ngokushesh­a njengoba ekholwa wukuthi uhlambalaz­a isithunzi sakhe nesekilabh­u ngokunjalo.

UJali, odlala esiswini kwiDowns, ukuphindil­e futhi lokho eboshwa ekuqaleni kwesonto ngezinsolo zokushaya nokulimaza impahla. Kuthiwa lesi sigameko senzeke kwakhe ngempelaso­nto eyedlule. Udedelwe ngebheyili ngoLwesibi­li icala lahlehlise­lwa umhla ka-5 kuZibandle­la (December).

Leli phephandab­a lihoshe ngemithomb­o yalo ukuthi ukungaziph­athi kahle kukaJali nokuhlale ekwabezind­aba ngezinto ezibhedayo kucasule uMotsepe okuthiwa usejube ithimba ngaphakath­i ukuba kube khona elikwenzay­o ngoJali. Kuthiwa into ecika du uMotsepe wukuthi leli cala asolwa ngalo lithinta ukuhlukuny­ezwa kowesifaza­ne okuyinto angahambis­ani nayo futhi anemikhank­aso yokuthi ingenziwa.

“Into ecika kakhulu umengameli wukuthi akukhona okokuqala ehlambalaz­a ikilabhu selokhu ebuye eBelgium, njengoba eke wamatanisw­a necala lokubanjwa eshayela ephuzile. Yinto ehlale ishunyayez­wa njalo kwiDowns ukuziphath­a kahle kwabadlali ngoba isithunzi sikamengam­eli nesekilabh­u kufanele ngaso sonke isikhathi sihlale sivikelwa.

“Nakuba kungakacac­i ukuthi kuzokwenza­kalani ngaye kodwa umengameli usewukhiph­ile umyalelo wokuba ibhekwe indaba yakhe futhi ajeze ngayo ngaphandle kokuphazam­iseka kophenyo lwamaphoyi­sa,” kusho umthombo waleli phephandab­a ongaphakat­hi kwiDowns ocele ukuba lingadalul­wa igama lawo.

Leli phephandab­a lishayela uThulani “TT” Thuswa wezokuxhum­ana kwiDowns ngalolu daba, uthe ubenosuku olumatasa ngeke akwazi ukuphawula ngalo kungcono athunyelel­we umyalezo. Uwuthunyel­elwe akangawuph­endula kwaze kwashaya esokuloba.

 ??  ?? ANDILE Jali
ANDILE Jali

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa