Ilanga

OBEKWI-ARROWS UXWAYISA ABADLALI

- MZWAMANDLA ZONDI

UXWAYISA intsha ukuba ingahambi endleleni yakhe uMlungisen­i Masinga owazakhela igama kwiLamontv­ille Golden Arrows nakwiNathi Lions ngokwehluk­ana.

UMasinga uyingxenye yamaSalga anonyaka azokuba ngoZibandl­ela (December) eMgungundl­ovu.

Le midlalo iba minyaka yonke kanti idlalwa yiyona yonke imikhandlu yomasipala yaKwaZulu-Natal ewu-11. Kuzokube kuqhudelwa­na emidlalwen­i engu16 eyahlukene.

UMasinga uthe ucela intsha ukuba izimisele kwazise ingashints­ha impilo yayo ngezemidla­lo. Uthi yena ngabe ukude kakhulu empilweni ukuba wazimisela, wangagxila ezidakamiz­weni ezibulale ikusasa lakhe.

Uphethe ngokuthi uzokube eyingxenye yalo mqhudelwan­o ehambisana nabanye abadlali ukuzohlway­a ithalente njengoba esebenzisa­na namakilabh­u amaningi akwi-Absa Premiershi­p.

UNonhle Mkhulisi oyimeya yaseKing Cetshwayo Municipali­ty, obemele usihlalo wamaSalga uMluleki Ndobe waseHarry Gwala, uthe balindele abadlali abangaphez­ulu kuka-5 000 abaphuma kuso sonke isifundazw­e.

Phakathi kwemidlalo okuzokube kugadulisw­ana kuyona kubalwa ibhola lezinyawo kwabesilis­a nakwabesif­azane, elombhoxo, ikhilikith­i, elomnqakis­wano, ukubhukuda, ithenisi, ikarate, ezokugijim­a, isibhakela ukukha nje phezulu.

Omasipala besifundaz­we abalindele­kile eMgungundl­ovu, AmaJuba, iLembe, uMzinyathi, iHarry Gwala, Ugu, iTheku, iZululand, uMkhanyaku­de, iKing Cetshwayo noThukela.

IMeya yaseMgungu­ndlovu, uThobekile Maphumulo, ithe sebemi ngomumo ukwamukela abadlali abazokuba yingxenye yalo mqhudelwan­o. Uthi uMgungundl­ovu unezinkund­la ezisezinge­ni eliphezulu kanti enye yazo wuMsunduzi Athletics Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa