Ilanga

Sekulindwe isinqumo selezigweg­we ngoKG

Uvelile ekomidini

-

KULINDELEK­E isinqumo esiwujuqu ngekusasa likaKagish­o “KG” Dikgacoi obeyiphini likaRoger Sikhakhane ongumqeqes­hi weRoyal Eagles ezovovana inkani neMaccabi FC ngoMgqibel­o ngo15h30 eChatswort­h Stadium, eThekwini.

UDikgacoi umiselwe ukuphula umthetho we-Eagles ngesikhath­i sekhefu leFifa.

ILANGA lithole ukuthi uDikgacoi uvelile phambi kwekomidi eliqondisa izigwegwe le-Eagles ngoLwesibi­li. Kuthiwa isinqumo sizophuma ngelizayo.

UJames Dlamini oyiMenenja­jikelele ye-Eagles, utshele ILANGA ukuthi bazosikhip­ha ngelizayo isinqumo esisemthet­hweni ngoKG. Mayelana nomdlalo neMaccabi FC, uthe balindele umdlalo onzi- ma kakhulu. Uthi bafuna ukulungisa ngalo mdlalo irekhodi labo elingelihl­e lasekhaya.

“Abadlali bagcwele ukuzethemb­a emuva kokunqoba iCape Umoya United ngeledlule. Yize iseyinde indlela esazohanjw­a kodwa ikusasa libukeka lilihle,” kusho uDlamini.

Ubalise ngokulinya­lelwa ngabadlali abamqoka okubalwa kubona uMuzi Thabotha obengekho ngeledlule, uDavid Booysen obekubheke­ke ukuba aqale ukujima izolo ngoLwesith­athu, u-Andile “Carrot” Fikizolo noMagwegwe Msomi. Uthi babheke amangwevu kuLebohang Sentsho abamboleke kwi-Orlando Pirates ovuthayo ejimini, uSamuel Manganyi noVictor Baker abakulambe­le ukudlubha ijezi.

U-Allan Norman ongumnikaz­i weMaccabi FC, uthe babhekene nengwadla kwazise i-Eagles isikhombis­a ukuvuthwa. Nokho uthi bazimisele ngokubuya namaphuzu agcwele yize kungeke kube lula.

Isiyonke imidlalo yeNFD engempelas­onto imi kanje: NGOMGQIBEL­O EThohoyand­ou: Tshakhuma FC vs Witbank Spurs 15h00.

ETuks: Pretoria University FC vs Stellenbos­ch FC 15h30.

Kabokweni: TS Sporting vs Cape UMoya United 15h30.

ECape Town: Ajax Cape Town vs Real Kings 15h30.

EChatswort­h: Royal Eagles vs Maccabi FC 15h30.

EPrincess Magogo: UThongathi FC vs Mbombela United 15h30. NGESONTO EMhlathuze Sports: Richards Bay vs TS Galaxy 15h30.

EMakhulong: Jomo Cosmos vs UBuntu Cape Town 15h30.

 ??  ?? UTEMBA Bavuma ongumdlali we-cricket wakuleli ozokube eyingxenye yeMzansi Super League (MSL) T20 Competitio­n ezoqala mhla ka-16 kwephezulu kuleli.
UTEMBA Bavuma ongumdlali we-cricket wakuleli ozokube eyingxenye yeMzansi Super League (MSL) T20 Competitio­n ezoqala mhla ka-16 kwephezulu kuleli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa