Basonga ngokubhibhisa isilonda seChiefs
UBooysen ucela uxolo kubalandeli beziMpofana
UXOLISILE wabe esenza isethembiso kubalandeli beKaizer Chiefs uMario Booysen oyisitobha esisanda kusayiniswa yile kilabhu emuva kokugxekwa kanzima ngabalandeli bayo bemsola ngokuba yikhongco elibuthaka.
IChiefs izobhekana neSuperSport United kwi-quarter final yeTelkom Knockout ngeSonto ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. IChiefs iya kulo mdlalo nje, izinhliziyo zabalandeli bayo zisaqaqamba njengoba ihlulwe ngomkhaya i-Orlando Pirates ngo-2-1 kowe-Absa Premiership ngeledlule eFNB Stadium, eSoweto.
Abawazi kahle lo mdlalo womkhaya bathi ikilabhu ehluliwe ivamise ukudonsa kanzima emidlalweni yayo elandelayo ngoba izinhliziyo zisuke zisaqaqamba.
Kuthiwa abadlali abakwamukeli kalula ukwehlulwa njengoba lo mdlalo kuthiwa ungakwakha kumbe ukuqhathe nabalandeli.
UBooysen, obekungumdlalo wakhe wokuqala womkhaya, kubukeka umlimazile lo mdlalo njengoba abalandeli beChiefs bengasamuzwisisi kahle. Ezinkundleni zokuxhumana bebeshiya abangalazi kuyena bemsola ngokuba yikhongco elibuthaka.
Lo mdlali uyakuvuma ukuthi uhlukumezekile emuva kwalo mdlalo kodwa wathi ugabe ngesipiliyoni anaso ebholeni ukuthi yisona esizomenza aphinde abuyelwe wukuzethemba.
“Okokuqala nje ngifisa ukuxolisa kubalandeli bethu ngokwenzeke emdlalweni wePirates, bekungesiyo inhloso yethu ukuba sehlulwe. Sizamile kwashiyana khona ukwenza.
"Ngiyizwile (intukuthelo yabalandeli) emuva kwalo mdlalo, kangikaze ngijikijelwe ngamazwi abuhlungu kanjena kodwa-ke uNkulunkulu ngiyamethemba ukuthi uzosijika lesi simo.
“Ngifuna ukubathembisa abalandeli bethu ukuthi lo mdlalo weSuperSport yiwona esizobuya ngawo, yiwona esizobajabulisa ngawo. Noma kanjani sizowunqoba lo mdlalo.
"Sizofela enkundleni uma kufanele kube njalo. Engikucelayo nje, kubalandeli bethu wukuthi baphume ngobuningi babo ukuzoseseka. Ngiyathembisa ukuthi ngeke sibenzele phansi,” kusho uBooysen.
UThuso Phala odlala esiswini kwiSuperSport, uthi bazohlikihla usawoti esilondeni seChiefs.
“Silindele umdlalo osezingeni eliphezulu kubona futhi-ke njengoba siya eThekwini nje, sibheke ukuthi bahanjelwe ngabalandeli abaningi.
"Kodwa-ke kasinankinga nokuthi siyodlala kephi nabo, okumqoka nje wukuthi lo mdlalo sizowunqoba kumnyama kubomvu.
“Ukuhlulwa kwethu kowamanqamu weMTN8 kusizwise ubuhlu-ngu ngakhoke sifuna ukuzithoba amanxeba ngalo mqhudelwano. Kodwa abantu abami endleleni yethu yiChiefs engingangabazi ukuthi siyohlikihla usawoti esilondeni sayo njengoba ihlulwe yiPirates ngeledlule,” kusho uPhala.