I-WITS IZONGENA NGENXEBA LOSIZI OLUBHEKENE NE-PMB UTD
BAZONGENA ngenxeba lezinkinga ezihaqe iMaritzburg United abadlali beBidvest Wits emdlalweni wala makilabhu we- quarter final yeTelkom Knockout ozokuba ngoMgqibelo ngo-20h15 eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
UThabang Monare olihlikihla esiswini kwiWits, uthi bazi kahle kamhlophe ukuthi iTeam of Choice idideke imiqondo njengoba izokuya kulo mdlalo isesimweni esibi kwi- log ye-Absa Premiership. IMaritzburg ibalwa namakilabhu asengozini yokugencwa yizembe uma ingashintshi ukwenza kwiligi.
UMonare uthi okunye okuhle wukuthi bazokuya kulo mdlalo behambela phezulu njengoba bewunqobile umdlalo wabo wokugcina kwiligi behlula iHighlands Park ngo-1-0 ekubeni iTeam of Choice iguqiswe yiPolokwane City ngomphumela ofanayo.
Uthi umqeqeshi wabo, uGavin Hunt, ubakhuthaze ukugxilisa imiqondo yabo ekukhulumiseni ibhola enkundleni, bangazikhathazi kakhulu ngamaqhinga.
Uthi uHunt ubatshele ukuthi nguyena ozoqhamuka namasu okunqoba.
UFadlu Davids ongumqeqeshi weTeam of Choice, uvumile ukuthi ubhekene nobunzima njengoba bezokuya kulo mdlalo wenkomishi benengcindezi ngokuba ngasemsileni we- log. Uthe akazi noma kumele agxile ekulweleni ukunqoba le nkomishi, kumbe abhekane ngqo nokususa le kilabhu kule ndawo embi ekuyona kwi- log.
“Kuba mnandi ukudlala emqhudelwaneni omkhulu njengalona ngalesi sikhathi sonyaka uma uphezulu kwi-log.
"Kuba yinkinga uma uphansi ngoba ucabanga kaningi. Isimo esikusona kasisihle neze, kwathina sisengcupheni yokugencwa yizembe. Le nto ingenza ngicabange kaningi ngalo mqhudelwano ngoba ukuwunqoba bese ugencwa yizembe kungaba buhlungu ngendlela eyisimanga.
“Kodwa-ke lokho akusho ukuthi sizoyiyekela iWits idlule. Njengoba sisekhaya nje, sizibona sisethubeni lokungena kwi- semi final, yiyona le nto engiphazamisa umqondo uma ngiyicabanga. Sinzima isimo engibhekene naso kodwa njengendoda kufanele ngiyidlele amathambo engqondo le nto sibone ukuthi siphuma kanjani kuyona,” kusho uDavids.
Lo mqeqeshi uthi ubambe umoya ngoBrian Onyango odlala emuva noYazid Atouba odlala phambili abanokuthinteka. Ngesikhathi le kilabhu iziqeqesha laba badlali bebejima eceleni beqashwe ngelokhozi ngodokotela bekilabhu.
UHunt uthi uyazi ukuthi iMaritzburg izokuba yingozi njengoba isekhaya.
“Ukungenzi kahle kwabo emidlalweni yeligi akusho ukuthi kufanele sibathathe kancane ngoba bayingozi ekhaya. Ngaphandle kwalokho sibabonile bedlala nePolokwane, kabehlulwanga ngoba beboza bayeke inqwaba yamathuba. Kodwa-ke abadlali bami bayakwazi engikudinga kubona, lo mdlalo uzofika siwulindele,” kusho uHunt.