Ilanga

UMLANDO OMUSHA NGE-BUCS NE-CHIEFS ETHEKWINI

- SENZO SOKHELA

IPREMIER Soccer League (PSL) izoqopha umlando KwaZulu-Natal okubukeka uzothatha iminyaka ucimeke njengoba kuzokwenze­ka into eyimvela kancane emhlabeni jikelele.

I-Orlando Pirates izobhekana namaZulu FC kwi- quarter final yeTelkom Knockout ngoMgqibel­o ngo18h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. NgeSonto ngo-15h00, iKaizer Chiefs izokwamuke­la iSuperSpor­t United kwiquarter final yawo lo mqhudelwan­o kuyo le nkundla yaseThekwi­ni.

Le midlalo kulindelek­e ukuba inyakazise iKwaZulu-Natal nezinye izifundazw­e kwazise kuyaqala ukuthi izinkunzi zamakilabh­u zigijime imidlalo yazo yomkhumula­jezi enkundleni eyodwa ngempelaso­nto eyodwa.

Ngokocwani­ngo olufushane olwenziwe yileli phephandab­a emaligini amakhulu emhlabeni njengase-England, eSpain naseGerman­y, akukaze kubonakale amakilabhu akhona amakhulu eshiyelana inkundla eyodwa ngempelaso­nto eyodwa emidla- lweni yenkomishi eyodwa.

IMoses Mabhida izokuba yinkundla yokuqala ukwamukela izinkunzi zamakilabh­u ngempelaso­nto eyodwa. Nokho lokhu akuzoqopha nje umlando kuphela kodwa iKwaZulu-Natal izothuthuk­a kakhulu kwezomnoth­o njengoba kuvela ukuthi baningi abantu bakhona abadla imbuya ngothi. Ukuza kwemidlalo yalolu hlobo eThekwini kunothisa kakhulu lesi sifundazwe, kuvulele nabantu bangaphand­le ukuba bazotshala imali kusona.

Leli phephandab­a lishayela uMato Madlala obambe isikhundla sokuba yisikhulu esiphezulu kwiPSL, uthi okuzokwenz­eka KwaZulu-Natal ngale mpelasonto kuzokuba yingqopham­lando.

“Kwamina kangikaze ngizwe ngento enjena ngisho naphesheya kwezilwand­le imbala ukuthi amakilabhu ahlonishwa­yo kulelo lizwe agijime imidlalo yawo yomkhumula­jezi enkundleni eyodwa. Siyiligi siyafisa ukuba abantu baphume ngobuningi babo bazokwesek­a le midlalo ngoba ngaphandle nje kokuqophek­a komlando kuzodayise­ka kahle ibhola lethu neKwaZulu-Natal ngokunjalo. Siyacela-ke futhi ukuba baziphathe kahle enkundleni,” kusho uMato.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa