Ilanga

USUTHU LUBAMBE UMOYA NGESILOMO

- MFANAFUTHI NDLOVU

UMQEQESHI wamaZulu FC uCavin Johnson ukhinyabez­ekile kulimala isiqongqwa­ne sakhe ngaphambi komdlalo omqoka neOrlando Pirates we-quarter final yeTelkom Knockout ngoMgqibel­o ngo-18h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UJohnson utshele ILANGA izolo ngoLwesith­athu ukuthi ukulimala kukaTapelo Nyongo kuphazamis­e izinhlelo zakhe kwazise ungomunye wezinsika zakhe. UNyongo udonseke umsipha ngoLwesibi­li ejimini osekwenze waba segunjini labagulayo. Nokho uthi unethemba lokuthi kungenzeka aphase ukuhlolwa kokugcina ngaphambi kwalo mdlalo obhekwe ngabomvu ngabaningi.

“Ungomunye wabadlali abamqoka kakhulu ekilabhini. Nginethemb­a lokuthi uzokwazi ukuphasa ukuhlolwa kokugcina ukuze agijime kulo mdlalo,” kusho uJohnson.

USuthu nePirates bazokube behlangana okwesibili ezinyangen­i ezimbili kwazise ngedlule la makilabhu atholane phezulu koweAbsa Premiershi­p obuseKing Zwelithini Stadium, eMlazi. Kulo mdlalo la makilabhu ashayane aze abukana kuba ngu-1-1 kanti womabili adlale ingcwenga yebhola.

Ngaphambi kokuqala kwesizini, uSuthu lumemezele ukuthi yonke imidlalo yalo luzoyigiji­mela eMlazi kungakhath­alekile ukuthi ngeyomkhum­ulajezi noma ngeyeligi. Le kilabhu ibhalise uMlazi njengenkun­dla yokuqala, iPrincess Magogo njengeyesi­bili bese iMoses Mabhida kuba ngeyesitha­thu uma kwenzeka zingathola­kali zombili lezi ezisemalok­ishini amakhulu aseThekwin­i.

Ukushovwa yiligi kwalo mdlalo eMoses Mabhida kakuwathen­anga amandla AmaZulu njengoba uJohnson ezwakalise ukuthi lokhu kakumkhath­azi nakancane.

“Okubalulek­ile kimina wukugcina imiqondo yabadlali igxile ensimini. Ukuthi sidlalela kuyiphi inkundla kakusho lutho kangako. Sizimisele ngokwenza kahle,” kusho uJohnson.

Ugcizelela ukuthi weneme ngakubona ejimini selokhu kuqale isonto njengoba ezwakalise ukuthi bonke babukeka bekulambel­e ukugijima lo mdlalo.

“Noma ungaya kuliphi izwe kuyefana, uma abadlali bezobhekan­a nekilabhu enkulu bazimisela ngokuphind­iwe. Nokho namaZulu ayikilabhu enkulu, kumele sibuyise udumo lwawo ngokuqala sinqobe izinkomish­i,” kusho uJohnson.

Uqhube ngokuthi ngeke abonakale kulo mdlalo uMoeneeb “Slimkat” Josephs ongomunye wonozinti bale kilabhu okuvele ukuthi ugulelwa ngunina obekwesiny­e sezibhedle­la eCape Town. Kuthiwa usephumile esibhedlel­a yize uJosephs ebesaseCap­e Town.

Ukungabi bikho kukaJoseph­s kushiya uSiyabonga Mbatha nejoka lokuqinise­kisa ukuthi uvimba ngisho impukane kulo mdlalo ukufaka ezakhe kuma-semi final alo mqhudelwan­o ovikelwa yiBidvest Wits.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKAPGEPI­X ?? UTAPELO Nyongo ongumdlali wasemuva wamaZulu FC okubanjwe ngaye umoya njengoba edonseke umsipha.
ISITHOMBE NGABE: BACKAPGEPI­X UTAPELO Nyongo ongumdlali wasemuva wamaZulu FC okubanjwe ngaye umoya njengoba edonseke umsipha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa