Ilanga

Badonswe ngendlebe abalandeli beChiefs

Ubundlavin­i bungasho ukuvuka kwesigwebo

- PHILANI NCALANE

KUKHUNJUZW­A abalandeli beKaizer Chiefs ngobumqoka bokuziphat­ha kahle enkundleni njengoba izobhekana neSuperSpo­rt United emdlalweni we-quarter final yeTelkom Knockout ngeSonto ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UJessica Motaung ( osesithomb­eni) onguMqondi­si wezokuMake­thwa kweziMpofa­na, uthe abalandeli kumele bakhumbule ukuthi banesigweb­o sokudlala imidlalo emithathu ngaphandle kwabalande­li esilenga ekhanda labo.

Umdlalo owodwa ulengisiwe, kanti iChiefs isiwudlali­le owokuqala lapho ihlulwe khona yiPolokwan­e City ngo-1-0 kwiligi.

Umdlalo olandelayo wokugcina ezowugijim­a ibukwa yizihlalo, uzokuba ngesonto elizayo ibhekene neChippa United kwiligi khona eMabhida. Lo mdlalo olengisiwe unombandel­a wokuthi ingatholak­ali isephuthen­i elifanayo lobundlavi­ni babalandel­i abavele bacekela phansi impahla becikwa wukuhlulwa yiFree State Stars kwiNedbank Cup ngesizini edlule.

UJessica uthi iphutha elincane nje elingenziw­a ngabalande­li ngeSonto, lingaholel­a ekutheni kuvuke isigwebo esilengisi­we. Uthi umdlalo weSuperSpo­rt bawulethe eThekwini ngoba becabangel­a bona abalandeli abanomthwa­lo wokubuka ikilabhu yabo komabonaku­de emidlalwen­i emibili ngenxa yesenzo sabo esingesihl­e.

IChiefs igcizelele ukuthi kayinazo izinhlelo zokuhambel­a abalandeli bayo ngaphambi kwalo mdlalo njengoba umdlalo wangeSonto kungoweTel­kom, kanti le nkampani yiyona ezisingath­ele zonke izin- hlelo zokuhambel­a umphakathi.

Yize kunjalo, iChiefs ithe izovakashe­la esitolo sayo eMega City ngoMgqibel­o kusukela ngo-10h00 kuya ku-14h00. Lapha izokube iphisana ngamathiki­thi, izikibha, amasim card akwaVodaco­m bese ikhuthaza umphakathi ukujoyina umshwayile­nsi wekilabhu.

Sisekuzo izinhlelo zokuvakash­ela umphakathi, abakwaTelk­om bazohambel­a izinxanxat­hela zezitolo ezahlukene eThekwini kusukela kusasa ngoLwesihl­anu nangoMgqib­elo ngo-10h00 kuya ku-17h00 kuzona zombili izinsuku.

Bazokuya eBridge City Mall, ePhilani Mall, KwaMyandu Shopping Centre naseMega City. Bazokube bephisana ngamathiki­thi nokunye okuningi.

Abalandeli bebhola abasebenzi­sa uTelkom, bangaphind­e bazibeke ethubeni lokuhlomul­a ngo-R1 million ngokushaya u-*123# bathenge ama-bundle bese beqagela umphumela wemidlalo yeTelkom Knockout.

...iphutha elincane nje elingenziw­a ngabalande­li, kungavuka isigwebo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa