Ilanga

I-PIRATES NE-CHIEFS BAKLOLODEL­ANA NGOKUGCWAL­ISA I-MOSES MABHIDA

- SENZO SOKHELA

SEKUQUBUKE umbango phakathi kwabalande­li be-Orlando Pirates nabeKaizer Chiefs njengoba lezi zinkunzi zaseGauten­g zizogijima imidlalo yazo emqoka eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Kuzovula i-Orlando Pirates ezobhekana namaZulu FC kwiquarter final yeTelkom Knockout ngoMgqibel­o ngo-18h00 eMoses Mabhida Stadium, bese kuvala iKaizer Chiefs ezobhekana neSuperSpo­rt United ngeSonto ngo15h00 kuyo le nkundla.

ILANGA lithole ukuthi amaziko ala makilabhu aqhoshelan­a ngokuthi ngale mpelasonto yilapho kuzocaca khona ukuthi iyiphi ikilabhu enkulu kunenye. Athi okuzocacis­a lokho wukuthi ngobani abazoyigcw­alisa ukwedlula abanye njengoba ziqhathiwe.

Lezi zindaba ziqiniseki­swe nguJoice “Mama Joy” Chauke ongumlande­li wokuqina weBucs noMasilo Machaka weChiefs.

Lokhu kungcofana sekuqubule omkhulu umsindo kangangoba kunabanye abalandeli abaqhamuka kwezinye izifundazw­e abashayela eMoses Mabhida befuna ukwazi ukuthi izinhlelo zokubasing­atha ngabe ziseqophel­weni eliphezulu yini. Kuthiwa nezicukuth­wane ngokunjalo nazo zishayela izikhulu zale nkundla zifuna isaphulelo njengoba ezinye zifuna ukuyibuka yomibili le midlalo.

Leli phephandab­a lishayela uVusi Mazibuko oyiMenenja-jikelele yeMoses Mabhida Stadium, ukuqinisek­isile ukuthi bazwile ngomsindo ophakathi kwabalande­li wokuthi ngubani omkhulu kunomunye.

“Engingakus­ho nje wukuthi ngale mpelasonto sizoqhubek­a nokuqopha umlando njengoba kuyinto le nkundla ehlale iyenza. Izinhlelo zayo yomibili le midlalo zihamba kahle impela, ngingakush­o nginganana­zi ukuthi konke kuqondile. Sizwile-ke ukuthi kunombango okhona kubalandel­i wokuthi ngubani omkhulu kunomunye. Lokho sizokubona ngezibalo emdlalweni ngamunye. Sizolokhu sibazisa nje abantu ngokwenzak­alayo kodwa engifuna ukukusho wukuthi ezokupheph­a nokunye nje okuningi kuzokube kuseqophel­weni eliphezulu,” kusho uMazibuko.

Ukuqinisek­isile ukuthi kunezingci­ngo azithole ezicukuthw­aneni ikakhuluka­zi zangaphand­le kwakuleli dolobha yingakho benqume ukuzenzela akubize nge-combo yokubuka yomibili le midlalo ngesaphule­lo.

“Amathikith­i ezicukuthw­ane elokuqala libiza u-R1 400 umdlalo ngamunye, elesiliva libe ngu-R1 600 bese elegolide libe nguR2000. Uma umuntu ethenga awokubuka imidlalo yomibili okuyi-combo sizokube sesimunika isaphulelo sika-10% kunoma ngabe awaliphi inani. Sethemba ukuthi abantu bazoyithok­ozela le ndumezulu yemidlalo ezokwenzek­a kule nkundla ehlonishwa umhlaba wonke,” kusho uMazibuko.

Amathikith­i ajwayeleki­le okubuka imidlalo eseMabhida abiza u-R60 awabadala kuthi awezingane atholakale ngo-R15 eTicketPro nasezitolo zakwaSpar ezweni lonke. Aweminye imidlalo yama-quarter final abiza uR40.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa