Ilanga

OwoSuthu ulubalubel­a umlando ngeBucs

UTade uqale ukuhalela ukudlala eMabhida ngo-2010

- MFANAFUTHI NDLOVU

ULUBALUBEL­A ukuqopha umlando ngeOrlando Pirates u-Emiliano Tade wase-Argentina ongumgadli wamaZulu FC azoshukana namaBhakab­haka kwi-quarter final yeTelkom Knockout ezokuba ngoMgqibel­o ngo-18h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UTade utshele ILANGA ukuthi kudala ephupha ngokuyogen­da ibhola kule nkundla eyamkhanga ngesikhath­i eyibona kumabonaku­de kudlala imidlalo yeNdebe yoMhlaba ebikuleli ngo-2010. Usakhumbul­a umdlalo owabe ukule nkundla wama-semi final phakathi kweNetherl­ands eyahlula iGermany.

“Ngimagange njengoba ngizodlala okokuqala ngqa eMoses Mabhida Stadium. Ngifuna uku- bingelela le nkundla ngegoli. Nokho okubalulek­e kakhulu wukuthi ngisebenze ngokukhulu ukubambisa­na nozakwethu ukuze sigcine siwunqobil­e lo mdlalo,” kusho uTade oshaye elinye lamagoli uSuthu luwashisa ijezi iCape Town City ngo-2-0 esigabeni sikalast 16 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

Ugcizelele ukuthi ukunqoba kwePirates iKaizer Chiefs ngo-2-1 koweligi ngeledlule eGoli yinto engeke ibe namthelela koweTelkom.

“Sizowuhlel­ela kahle kakhulu lo mdlalo. Phela sidlalile nePirates (eMlazi) siyayazi lapho ibuthaka khona. Okumqoka kakhulu wukuthi sidlale ngokwemiya­lelo yomqeqeshi wethu (uCavin Johnson),” kusho uTade.

Okuqaphele­kile ngesikhath­i uSuthu lujima wukuthi abadlali balo bebebukeka bebukhuphe­khuphe kucaca ukuthi bonke bayalifuna ijezi kulo mdlalo okulindele­ke ukuba uhehe izinkulung­wane zabalandel­i.

UBrilliant Mkhathini ongumxhuma­nisi woSuthu nabalandel­i ubanxusa ukungquzuk­a kuzona zonke izinkalo ukuzeseka ikilabhu. Uthi kungaba yinto embi ukuthi bagqitshwe yizihambi besekhaya. Amathikith­i alo mdlalo aseqalile ukudayisa eTicketPro nasezitolo zakwaSpar ezweni lonke kanti abiza uR60 awabadala noR15 awezingane ezineminya­ka yobudala engaphansi kwengu-12.

Qaphela! Ungaphuthe­lwa wukufunda kabanzi ngoTade ngempilo yakhe yangasese engosini iNgaphandl­e kweNkundla kwiLANGA langeSonto. Walala wasala!

 ?? IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? U-EMILIANO Tade ongumgadli wamaZulu FC obheke ngabomvu umdlalo ne-Orlando Pirates eMoses Mabhida Stadium.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X U-EMILIANO Tade ongumgadli wamaZulu FC obheke ngabomvu umdlalo ne-Orlando Pirates eMoses Mabhida Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa