Ilanga

UKHUZA UKUHHEWULW­A KWABADLALI

- MFANAFUTHI NDLOVU

KUNKENTEZA amazwi kaIrvin “Iron Duke” Khoza onguSihlal­o we-Orlando Pirates kuHappy Jele (osesithomb­eni) oyisitobha sale kilabhu eqhathwe namaZulu FC kwi- quarter final yeTelkom Knockout ngoMgqibel­o ngo-18h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UJele utshele ILANGA izolo ngoLwesith­athu ntambama ukuthi yinye nje vo into abayiphoko­phele kulo mqhudelwan­o, wukuqukula inkomishi yawo. Unxusa abalandeli ukuba babasize ngokubagqu­gquzela, bangalokot­hi bahhewule abadlali ngoba lokho kubathena amandla. Ugcizelela eyokuthi akekho umdlali ongena enkundleni ngenhloso yokuyodlis­ela ikilabhu.

Ngaphambi kokuqala kwesizini uKhoza ulibeke ngesihloko elokuthi kuyihlazo elibi ukuthi iPirates iqeda isizini inganqoban­ga lutho ukujabulis­a izinkumbi zabalandel­i bayo.

“IPirates yikilabhu enkulu kakhulu. Sihlalelwe wumsebenzi wokubonga usihlalo nabalandel­i ngokubanqo­bela le nkomishi. Kasifuni lena kuphela kodwa zonke esisazobam­ba iqhaza kuzona sizolwela ukuba zingene ekhabethen­i lethu,” kusho uJele.

Uthi ukunqoba omkhaya babo, iKaizer Chiefs ngo-2-1 kwiligi ngeledlule eGoli, sekufana nomlando ngoba kabafuni ukufika bezithwele bese bephoxeka.

“Nakuba ukuhlula iChiefs kusifake ugqozi oluthe xaxa kodwa ngeke sizithwale kulo mdlalo kwazise sizokube sibhekene nezimbangi ezihluke kakhulu.

"Okunye okumqoka nakakhulu ngawo wukuthi ngowomkhum­ulajezi, iphutha elincane lisho ukuphuma emqhudelwa­neni,” kusho uJele.

Uthi ikilabhu ezonqoba lo mdlalo ngezokhomb­isa intshiseke­lo yokuwulamb­ela kusuka usaqala kwazise ulindele ukuba kusiphuke izidindi kuwona. “Umqeqeshi wethu (uMilutin Sredojevic) uthe kumele sizethembe bese senza konke azokube esiyale ngakho ukuwunqoba.

"Sizimisele ngokungamp­hoxi nakancane,” kusho uJele onxuse abalandeli ukufika ngezinkani kulo mdlalo. Uthe bazokwenza konke okusemandl­eni ukubajabul­isa.

Abadlali okulindele­ke ukuba badlise uSuthu ngamapayip­i nguVincent Pule, uJustin Shonga, u-Augustin Mulenga, uThembinko­si Lorch, ukukha nje phezulu kwabavutha bengabasel­we kulezi zinsuku. Ohlangothi­ni loSuthu kubhekeke ukuba kugqame uJabulani Ncobeni olihlikihl­a kuhlanye izihlwele esiswini, uThembela Sikhakhane oshoshelay­o noBongi Ntuli ongumgadli.

Isiyonke imidlalo yama-quarter final eTelkom Knockout iqhathwe kanje:- NGOMGQIBEL­O

EPeter Mokaba Stadium: Baroka FC vs Mamelodi Sundowns 15h00 (SS4).

EMoses Mabhida Stadium: AmaZulu FC vs Orlando Pirates 18h00 (SS4).

EHarry Gwala Stadium: Maritzburg United vs Bidvest Wits 20h15 (SS4). NGESONTO EMoses Mabhida Stadium: Kaizer Chiefs vs SuperSport United 15h00 (SS4).

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa