INHLOKOMO I-CHIEFS IQHATHWA NE-PIRATES

Abalandeli bawucela eMoses Mabhida lo mdlalo weTKO

Ilanga - - Front Page - SENZO SOKHELA

BENZE isicelo ezikhulwini zeKaizer Chiefs abalandeli bayo emuva kokuba itonyulwe ukubhekana ne-Orlando Pirates kwi-semi final yeTelkom Knockout ezokuba ngempelasonto yomhla ka-24-25 kuLwezi (November).

IChiefs iguqise iSuperSport United ngo1-0 kwi-quarter final yalo mqhudelwano izolo ngeSonto ntambama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Igoli okunqobe ngalo iChiefs libekwe enethini nguRamahlwe Mphahlele ngomzuzu ka-40. Ushaya leli goli nje, uWillard Katsande ubesanda kushweba iphenathi ngomzuzu ka-39. Emuva kwalo mdlalo kuqhathwe amakilabhu amane azobhekana kwi-semi final.

IBaroka FC itonyulwe ukudlala ekhaya neBidvest Wits, iChiefs yatonyulwa ekhaya ukudlala nomkhaya i-Orlando Pirates. Izinsuku okuzogijinywa ngazo le midlalo zisazomenyezelwa ngokusemthethweni. Abalandeli beChiefs abebephume ngezinkani bajabulise okwezingane ezabo zitonyulwa ukudlala ekhaya. Babe sebenza isicelo kuBobby Motaung oyiMenenja-jikelele yeChiefs bethi bacela nalo mdlalo awulethe eMoses Mabhida Stadium.

UMotaung ebuzwa yileli phephandaba ngesicelo sabalandeli emuva komdlalo, uthe basazolubhunga lolu daba kodwa wangakuqinisekisa ukuthi bazowuletha yini.

UGiovanni Solinas ololonga iChiefs ebuzwa ukuthi angakujabulela yini ukuthi ezakhe ziyidlale eMabhida i-semi final nomkhaya uthe: “Yebo ngingajabula. Uma ikilabhu yami idlala ngale ndlela edlale ngayo kanginavalo lokubhekana nanoma iyiphi ikilabhu, noma ngabe sidlalela kuphi. Lo mdlalo womkhaya uzokube uhluke kakhulu, uzofika sizilungiselele. IPirates inzima kodwa indlela esidlale ngayo ingenza ngingangabazi ukuthi sizoyigudluza. Sibe nomdlalo omuhle kakhulu iSuperSport besiyicindezele. Bekufanele sinqobe.”

IChiefs kuzokuthi ngoLwesithathu ngo19h30 ibhekane neBlack Leopards kowe- Absa Premiership eFNB Stadium, eGoli.

USolinas uthi akagculisekile ngendawo abakuyona kwi-log.

“Ikilabhu enkulu njengeChiefs kufanele ihlale isesicongweni kuyiyona ejahwayo. Lo mdlalo kuzofanele siwunqobe ngoba sifuna ukuhlala esicongweni. Ngeke kube ngumdlalo olula kodwa siyiChiefs, kufanele sihlale sinqoba akudingeki zincazelo,” kusho uSolinas.

UKaitano Tembo ololonga iSuperSport, uthi bekufanele behlulwe kulo mdlalo.

“Ngijabule ngendlela esidlale ngayo, kangikhali ngalutho, sihlulwe silwile. Iyona ndlela esizoqhubeka ngayo isizini yonke sizokulwa. Nayo iChiefs ungayibuza ikusebenzele lokhu kunqoba,” kusho uTembo.

Uthi bahlukumezekile ngoba bebehlose ukucima okwenzeke kwiMTN8 ngale nkomishi kodwa akwangenzeka. Uthi sebezobhekana nemidlalo yeligi bazame ukunyukela endaweni ehloniphekile.

Isiyonke imiphumela yama-quarter final eTKO imi kanje: Baroka 2, Sundowns 0; AmaZulu 1, Pirates 3; Maritzburg 1, Wits 2; Chiefs 1, SuperSport 0.

* EyeNFD: Cosmos 1, UBuntu 1; Bay FC 0, TS Galaxy 0; Ajax 2, Kings 2; Tshakuma 1, Spurs 0; Eagles 1, Maccabi 2; Tuks 0, Stellenbosch 3; UThongathi 1, Mbombela 1; TS Sporting 2, Cape Umoya 0.

BEKUYINJABULO kubadlali beChiefs idlulela kwi-semi final yeTKO emuva kokuhlula iSuperSport ngo-1-0 izolo eThekwini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.