Ilanga

BAKHALA NGESIHLOBO NGOTHOLWE EFILE

Babonge ukuhlonish­wa kwakhe noma engasekho

- MTHOBISI SITHOLE mthobisi@ilanganews.co.za

UHLABANE eselele kobandayo umculi kamaskandi, uSibongise­ni "Mjikijelwa" Ngubane, onqobe indondo yeMaskandi of the Year, ngokuqokwa ngabanye abaculi kwiKhuphuk­a Nezakho Sibone Inkunzi Festival, ebiseCurri­es Fountain, eThekwini, ngoMgqibel­o.

Akugcinang­a ngalokho ngoba kubuye kwanikwa ithuba abaculi abadlala ushuni wakhe ukuba bamhloniph­e ngengoma kulo mcimbi obuhambisa­na nezindondo.

Abalandeli bakaMjikij­elwa balale isibili ngobuningi kulo mncintiswa­no, bakhala bemuka nomklomelo ka-R20 000.

Bahlulwe ngabalande­li bakaKhuzan­i, abagoduke no-R100 000 ngokufika kwabo ngobuningi kule festival.

Induna yabalandel­i bakaMjikij­elwa, uMnu Qhoshakufa­nele “Soh” Mkhonza, ithe babonga kakhulu kubaculi ngokuhloni­pha uMjikijelw­a ngalolu hlobo.

“Akukho ukuhloniph­a uMjikijelw­a okwedlula lokhu okwenziwe ngabaculi. Siyabonga kakhulu ngakho konke, siyabonga nakubaland­eli bakhe abamthande ephila, bamthanda ngisho engasekho emhlabeni,” kusho uMkhonza.

Kulo mcimbi bekuvotiwe kukhishwa nezindondo. Nanka amaciko anqobile: Best Maskandi: Khuzani

Best Male: Khangelani

Best Newcomer: Skweleti

Best Female Artist: Indodakazi yeNtandane

Best Induna yabalandel­i: Mvumeleni “Rank” Zwane (Blue Nation ezikaKhuza­ni)

Best Promising: Amakhabaze­la

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? ABALANDELI bakaMjikij­elwa Ngubane baphume ngezinkani ngoMgqibel­o.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ABALANDELI bakaMjikij­elwa Ngubane baphume ngezinkani ngoMgqibel­o.
 ??  ?? ABALANDELI bakaKhuzan­i bakhale bemuka no-R100 000 ngokufika babe yinqwaba eCurries Fountain, ngoMgqibel­o. UKhuzani yena udle umhlangani­so emkhakheni weBest Maskandi.
ABALANDELI bakaKhuzan­i bakhale bemuka no-R100 000 ngokufika babe yinqwaba eCurries Fountain, ngoMgqibel­o. UKhuzani yena udle umhlangani­so emkhakheni weBest Maskandi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa