Ilanga

Bakhala ngesihlobo ngotholwe efile

Isidumbu besishisiw­e, sikopolotw­e amehlo futhi sesonakele

- NOMFUNDO NGWANE noNONHLAKA­NIPHO SHINGA nomfundo@ilanganews.co.za

KUSOLAKALA ukuthi uqale wadlwengul­wa owesifazan­e otholwe ebulewe eLovu ngeledlule.

Isidumbu sikaNkz Nokwanda Xulu (28) wase-Adams sitholwe eceleni komuzi wesihlobo sakhe sishisiwe, sikopolotw­e amehlo futhi sesonakele.

Umndeni kamufi, okhala ngokushaya ngolonwabu kophenyo lwamaphoyi­sa kulesi sigameko, uthi kawungabaz­i ukuthi isihlobo sawo sinesandla ekufeni kwendodaka­zi yawo.

ILANGA lizifikele mathupha kwaXulu laxoxa nonina kamufi, uNkk Jaheni Xulu, othe empeleni lona wesilisa uyisihlobo sabo futhi bakhonza naye ebandleni lamaNazare­tha.

Uthi umufi ubecelwe yisihlobo sabo ukuba ayosiza emzini waso, asigadele izingane njengoba sihanjelwe yinkosikaz­i yaso.

Ngenxa yokuthi bebemazi futhi behlobene, kanti wake wasebenza noyise kamufi, uNkk Xulu uthi kabazange babe nenkinga ngalokho. Umufi ubenezinya­nga ezine esebenzela lona wesilisa.

“NgoLwesibi­li ngeledlule, ngifonelwe yiso lesi sihlobo ekuseni ngovivi, sisibikela ukuthi sibuye emsebenzin­i ekuseni - kade singena ebusuku - indodakazi yami ingekho, izingane zilele zodwa endlini.

“Uthe ufice ophaqa ebibagqoki­le nomakhalek­hukhwini wayo kusofa. Ngivuke ngaleso sikhathi sanikela khona nodadewabo, sifuna ukuyozwa ukuthi kwenzekeni ngendodaka­zi yami.

“Sifike isihlobo sethu sisekhishi­ni kuvalwe isango lomnyango, saxoxa nathi sime emnyango, nakhona akukho ebesisitsh­ela khona, yithina ebesilokhu sisixina ngemibuzo ukuthi ihambe kanjani indodakazi yami.

“Bekubonaka­la nje ukuthi besingenas­ikhathi nathi, singafuni nokuthi singene emzini waso. Ngicele ukuqalaza ngemuva komuzi ngoba ngizitshel­a ukuthi mhlawumbe sizombona ecashe khona, kodwa sathi singazihlu­phi ngokuqalaz­a ngoba ngeke sithole lutho. Sigcine ngokuvalel­isa ngoba besibona ukuthi akanasikha­thi,” kusho uNkk Xulu.

Uthi baphume emzini wesihlobo benganelis­ekile. Sebesemgwa­qweni, bafikelwe yinto ethi mabaphinde­le emuva. Bahlangane nesihlobo sabo sisemgwaqw­eni phambi komuzi waso, nakhona sangakhulu­ma lutho, kwaze kwaqhamuka umakhelwan­e waso obabone bemile, bebonakala ukuthi kukhona okubapheth­e kabi emoyeni.

Umakhelwan­e ubuze isihlobo ukuthi ngabe kukhona inkinga yini njengoba beme kanje, kodwa sangayivez­a indaba yokunyamal­ala ku-kamufi, kunalokho saqamba amanga sathi kakukho nkinga.

Uthi okubenze basole kakhulu ukuthi kukhona okushaya amanzi ngaso, asizange sibabikele nomakhelwa­ne ukuthi silahlekel­we yintombaza­ne esebenza kwaso.

“Sisuke ngalo uLwesibili ekuseni sayovula icala ngokulahle­ka kwendodaka­zi yami. Sigcine ukukhuluma nesihlobo sethu ngoLwesibi­li sisuka kwaso. Asizange sisazihlup­ha ngokusifon­ela sisibuze nokuthi sihambe kanjani emaphoyise­ni, sizwe nokuthi iyatholaka­la yini indodakazi yami.

“Uze wazosifone­la ngoLwesine ngabo-5 ntambama esesibikel­a ukuthi isidumbu sendodakaz­i yami sitholakal­e kwamakhelw­ane wakhe. Ukusuka emzini wami ngiya emzini wakhe akupheli ngisho imizuzu ewu-20, kodwa sifike engasekho endaweni yesigameko, satshelwa ngabantu esibaficil­e ukuthi uthe uphuthuma kwadokotel­a.

“Endaweni isidumbu esithola- kale kuyona, besimbozwe ngodoti sishisiwe, isingezans­i singagqoki­le, sikhombisa ukuthi ushayiwe," kusho uNkk Xulu.

Uthi intombazan­e yakwamakhe­lwane okutholaka­le khona isidumbu, ibatshele ukuthi isihlobo sabo sifike sekuze kwafika namaphoyis­a, sebekade befikile endaweni yesigameko, nakhona sangasonde­la eduze kwabo, sama kude.

Ngesikhath­i ILANGA lishayela amaphoyisa lifuna ukuthola kabanzi ngalolu daba, lithole ukuthi isitatimen­de esibhaliwe mayelana nokuduka kukaNkz Xulu, siyashayis­ana nokushiwo wumndeni.

Ebikelwa ngalokho unina kamufi, uthe lesi sitatimend­e kasenziwan­ga yibona, bayasola ukuthi konke lokhu okubhalwe ngamaphoyi­sa akunikwe yisihlobo sabo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe likhona icala elivuliwe lokubulala, amaphoyisa asaphenya, bekungakab­oshwa muntu.

Besimbozwe ngodoti sishisiwe, isingezans­i singagqoki­le.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? NGUNKZ Nokwanda Xulu isidumbu sakhe esitholwe eceleni komuzi wesihlobo sakhe, sikopolotw­e amehlo futhi sesonakele.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E NGUNKZ Nokwanda Xulu isidumbu sakhe esitholwe eceleni komuzi wesihlobo sakhe, sikopolotw­e amehlo futhi sesonakele.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa