Ilanga

UCele uwuqinise idolo umndeni wephoyisa

Ubathembis­e ukuthi bazobanjwa maduze ababulali

- NONHLAKANI­PHO SHINGA noTHANDEKA NGOBESE

AHLULEKILE wukuzibamb­a, asho ngengila amalungu omndeni wakwaNdaba, e-Unit 2, eMbali, eMgungundl­ovu, ngesikhath­i kutheleka uNgqongqos­he wamaPhoyis­a, uMnu Bheki Cele, izolo ngeSonto enkonzweni yomngcwabo welungu lawo ebeliyipho­yisa, elibulawe emagcekeni kamasipala.

UMnu Thobani Ndaba (44), ( osesithomb­eni esincane), obeyisikhu­lu esiphezulu emaphoyise­ni omgwaqo kuMasipala uMvoti, ubulawe ngoLwesine ebusuku emagcekeni awo lo masipala.

UMnu Cele uthe akayile kwaNdaba ukuyobakha­lisa, ngoba uyazi kabalindel­e izinyembez­i kuyena, kepha uye khona ukuyobatsh­ela ukuthi kakusensuk­u zatshwala bazivalele izigilamkh­uba ezibulale leli phoyisa.

Uveze ukuthi uMnu Ndaba udutshulwe ngentululw­ane yezinhlamv­u, kusetshenz­iswa ama-AK47.

“Kuyethusa ukuthi umuntu abulawelwe emsebenzin­i ngale ndlela.”

Uqhube wathi iKwaZulu-Natal ihlaselwe yisihlava sokunukelw­a yigazi njengoba abantu bebulalana mihla namalanga.

“Ungathi kunempepho eshunqisiw­e, eyenza abantu babulalane,” kusho uMnu Cele.

Uthi ngisho abantu ababulawa ngaphandle kwalesi sifundazwe, kuyamangal­isa ukuthi abaningi babo babulawa ngabantu baKwaZulu-Natal.

Ubalule udaba lommeli waseCape Town, uMnu Peter Mihalik, okusolwa ukuthi ubulawe ngabesilis­a baKwaNongo­ma, uMnu Senzokuhle Biyela (26) noMnu Nkosinathi Khumalo (31) - okusolwa ukuthi bayizinkab­i.

Uphinde waphawula ngokubulaw­a kwamalungu omndeni waseMgungu­ndlovu awu-7 abefihlwa izolo ngeSonto, wathi nakuwona kusolakala isihlobo ebesisonde­lene kakhulu nawo ekubulawen­i kwawo. Akayishiya­nga eyonogada baseGoli, ababulawe ngabesilis­a baseNkandl­a beseMapony­a Mall, eGoli.

IMeya yaseMvoti, uMnu Thami Ngubane, ithe: “Njengomasi­pala silahlekel­we kakhulu kanti siyethemba ukuthi kuzoba nozinzo uma kungase kutholakal­e umnyombo mayelana nokubulawa kukaMnu Ndaba.”

Okhulumela umndeni wakwaNdaba, uMfu Bongani Ndaba, uthe njengomnde­ni balahlekel­we kakhulu.

Ungathi kunempepho eshunqisiw­e, eyenza abantu babulalane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa